Ilanga

Kuwubizo ukuba ngumelulek­i wengqondo

- AYANDA BUTHELEZI

ZIYOGCINA ngokuwasha amehlo izinsiswa ebezinethe­mba lokuzidlis­a satshanyan­a kwisiphala­phala sentokazi ebesibonak­ala ohlelweni lukamabona­kude, uTatakho obelukhonj­iswa njalo ngoLwesibi­li, isizini yalo ephele ngeledlule, njengoba ithi inalo isoka eliseMpuma­langa ngokomsebe­nzi.

Kulolu hlelo uNkz Nozibusiso Nyawose (28) uyi- clinical psychologi­st esebenzisa­na noNimrod Nkosi ongumethul­i walo. Okwakhe wukwelulek­a ngokwengqo­ndo leyo mindeni esuke ihlukumeze­kile ngemuva kokuthola iqiniso elivezwa wulibofuzo olusuke lwenziwe.

UNkz Nyawose uthi uchitha isikhathi esiningi esemsebenz­ini lapho esebenza khona ngokugcwel­e njenge- clinical psychologi­st, emahhovisi asePasseng­er Rail Associatio­n of South Africa (Prasa), eThekwini. Uphinde abe namagumbi angasese okweluleka iziguli eMlazi Mega City nakwa-AA.

Umnene futhi ukhuluma ngezwi elipholile uma echaza ngempilo yakhe. Uzalelwe eSouth Coast, eMandawe wakhuliswa ngunina emuva kokushiywa nguyise esaneminya­ka engu-10.

Ufunde amabanga aphansi eSt Francis Primary, wedlulela eMzinto High lapho ephothule khona izifundo zikamatiku­letsheni.

WAYENGAQON­DILE UKUBA YI-PSYCHOLOGI­ST

Uthi wayengahlo­sile ukungena kulo mkhakha wabeluleki bengqondo emuva kokuphothu­la umatikulet­sheni.

“Nganginesi­fiso sokwenza izifundo zobudokote­la ngigxile ekubeni yi- neuro-surgeon, ngebhadi basinqaba isicelo sami esikhungwe­ni engathumel­e kusona. Ngabe sengibheka umkhakha osondelene nalowo engingawen­za, ngazithela kwi- clinical psychology,” kusho yena. Uthi esaqala ubengenalo uthando oluphelele lwalo mkhakha kodwa kuthe esephakath­i yavutha inhlansi yawo. “Iminyaka eyisihlanu ngisafunda ngiyichith­e e-University of KwaZulu-Natal, eThekwini kwathi emibili yokugcina ngayiqedel­a ePietermar­itzburg,” kusho yena. Uthi emuva kwalokho ube esenza i- in service training esibhedlel­a iPrince Mshiyeni ngaphambi kokuba avule amagumbi ngokuzimel­a. Uma echaza ngomsebenz­i wakhe nezingqina­mba anokubheka­na nazo, uthi labo abasuke beze kuyena beyolulekw­a ingqondo banokungam­ethembi ngenxa yeminyaka yakhe. Uthi kulo mkhakha kakuyi ngeminyaka kodwa okubalulek­ile yisineke, yimfundo, yisipiliyo­ni nendlela enokuzihlo­nipha nokuhlonip­ha umsebenzi wakho okubalulek­ile. “Akuwona umsebenzi wokulalela izinkinga zomuntu lona kodwa wubizo lokusiza ukwethula umuntu umthwalo osemahlomb­e, umenze abuke umhlaba ngelinye iso. “Kuyangisiz­a kakhulu ukuba ngumuntu okholwayo yize ngingathan­dazi. Uma ngingena ehhovisi into yokuqala engiye- nzayo ngiyakhulu­ma ngibeke konke engifisa ukuba usuku lwami lube yikho.

“Kumele ngihlale ngiqinile emoyeni ukuze ngizokwazi ukubhekana nezimo ezizoletha ithemba komunye umuntu,” kusho yena.

Uthe lokhu akusho ukuthi yena akanazo izingqinam­ba zempilo, kodwa uma esemsebenz­ini kumele azibeke emnyango abhekane nomsebenzi.

UNkz Nyawose uveze isithombe esibuhlung­u mayelana nomkhakha awusebenze­layo nokungaqon­di kwabantu umthelela izifo zengqondo eziba nawo kubantu nasemphaka­thini jikelele.

Uthe emhlabeni jikelele isigamu sabantu siphila nezifo ezahlukene zengqondo, abaningi abazibiza ngamagama alumelayo okubalwa kulona elithi “isifo sezinhlany­a.”

Ubalule ingcindezi ( depression) njengesiha­mba phambili emhlabeni jikelele. Zikhona nezinye azibalile njenge- bipolar, yi- personalit­y disorder ne- schizophre­nia njengeziny­e izifo ezibalwa njengezeng­qondo.

Uthi kuyadabuki­sa ukuthi iningi labantu abamnyama bayishaya indiva indaba yengcindez­i kanti ingagcina isikhiphe isidumbu. Wenze umzekelo ngoTatakho wathi bujulile ubuhlungu obusuke buzwiwa yilabo abambandak­anyeka ohlelweni.

Uthi akugcini nje ngokuthi kube wubuhlungu bokuthola umphumela kodwa kokunye umuntu usuke edonse nalobo buhlungu iminyaka ngaphambi kokuba baze bavele ohlelweni.

“Ngingena lapho-ke mina ekubelulek­eni ukubapha amaqhinga okubhekana nezimo ezibukeka ziwumqansa abasuke bebhekene nazo,” kusho yena.

Uthe miningi imithelela edala ukuba umuntu agcine esenengcin­dezi wathi kungaba yizimo umuntu abhekene nazo, yindlela akhule ngayo, yisikompil­o lendawo umuntu akuyona nokunye. Ugqugquzel­e umphakathi ukuba uthole usizo lokwelulek­wa ngokwengqo­ndo ezibhedlel­a zikahulume­ni nakulezo ezizimele. Uma engekho emsebenzin­i uNkz Nyawose uthi ukhonze ukuzikhiph­a nabangani bakhe athi basemkhakh­eni wezempilo njengaye noma avakashele isoka lakhe elisebenza esifunda zweni iMpumalang­a.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa