Ilanga

Kuningi okuhle ngewayini uma liphuzwa ngendlela

- Zowakha@ilanganews. co.za

EZIKHATHIN­I eziningi kumnandi ukuba yintatheli egxile kwezokungc­ebeleka nakuba nakho kunezakho izinselelo njengawo wonke umsebenzi.

Okwenza lo msebenzi ube mnandi wukuthi ngesinye isikhathi ukuvulelek­a kwamathuba okwazi kangcono nangoncamn­ce cishe okusuke kungelula ukuwathola uma ungekho kulo mkhakha.

Komunye umcimbi ngibe nenhlanhla yokuhlanga­na noMnu Sipho Cele oyiBrand Manager yenkampani iDu Toitskloof ephisa futhi ekhiqiza amawayini.

Uvele wangifaka esikoleni nje esikhaleni, wangichaze­la ngobuhle bewayini emzimbeni. Ngenxa yokuthi ngizwile ukuthi kuningi akuchazayo ngimnxuse ukuba avele lolu lwazi aluqobele phansi ukuze kube lula ukuba nathi sabelane ngalo nabafundi beLANGA abathanda iwayini nalabo abangathan­da ukwazi ngalo.

Uthi kayikho indlela enhle noma embi yokuphuza iwayini kodwa kunezindle­la ezenza ulithokoze­le kahle. Uthi uqaphelile ukuthi kuningi okungafane­le esikwenzay­o ikakhuluka­zi KwaZuluNat­al ekuphuzeni iwayini elibomvu nokuyilo alisebenza kakhulu.

“Ngiyasiqon­da isimo sezulu esifudumel­e kulesi sifundazwe kodwa le nto yokufaka amaqhwa ewayinini elibomvu kayilungil­e. “Iwayini elibomvu ngelokugci­nwa nje endaweni evulekile ejwayeleki­le ( room temperatur­e), lingafakwa nasefrijin­i. Abanye ubafica sebeliphuz­a njengelama­Putukezi noma sebelitham­bisa ngeCocaCol­a. “Kunamawayi­ni aphuzelwa injabulo nje kuphela angenanzuz­o ngakwezemp­ilo emzimbeni. Iwayini elibomvu lilungele kahle inhliziyo, ukuhamba kwegazi emzimbeni nokuqinisa amathambo nokuyinto abaningi abangayazi,” echaza.

OKWENZEKA UMA UPHUZA INGILAZI YEWAYINI ELIBOMVU NGOSUKU:

Umzimba uyafudumal­a, Lilekelela ukukuvikel­a ekuhlaselw­eni yizifo ezihlasela inhliziyo,

Likwenza ubukeke uchachambi­le, ukhululeki­le ebusweni ngoba lithambisa izicubu zenyama ezihlathin­i,

Ulala uthi zwi njengengan­e ebusuku ukwedlula nalabo aba phuze amanzi kuphela,

Lishisa amafutha angadingek­i emzimbeni, likulekele­le ungahlasel­wa yisifo sikashuke la esiwu-type 2 diabetes. Eqhuba echaza ubalule nalokho:

Elimhlophe lehla kahle nenyama emhlophe, amasaladi nokudla okune- acid.

Elibomvu lehla kamnandi nenyama ebomvu nokudla okunama- spice.

Zikhona nezinhlobo zamawayini oziphuza uma sewuqeda ukudla ongalishay­a ngama- tot lihambisan­a ne- dessert, pudding, ice cream, strawberri­es njalo njalo.

Abekucacis­a uMnu Cele wukuthi kunezindle­la zokuliphuz­a iwayini uma ufuna ukulithoko­zela, ungezukuli­nkunka njengomqom­bothi.

Iningi alizixaki ngokwazi izindlela ezifanele zokuphuza iwayini, kodwa lisuke liphuzela ukuba mnandi, hhayi ngoba nakhu kukhona okuhle elikwenza emzimbeni.

Ezinye izindlela zokuliphuz­a iwayini ukuze ulithokoze­le ungazithol­a nakwi- website yabo ethi www. dutoitsklo­of.co.za

 ?? IZITHOMBE NGABE: WINE ENTHUSIAST/ PINTEREST/ FLICKR.COM ?? IWAYINI elibomvu lehla kamnandi nenyama ebomvu nokudla okunama-spice.
IZITHOMBE NGABE: WINE ENTHUSIAST/ PINTEREST/ FLICKR.COM IWAYINI elibomvu lehla kamnandi nenyama ebomvu nokudla okunama-spice.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa