Akusibo ubungoqo ukwehlukanisa i-
UKWENYUKA kwamanani ezidingo nqangi njengopetrol nokudla sekwenze iningi lakhetha ukushintsha indlela eliphila ngayo ngenhloso yokuzama ukonga imali.
Ezintweni abaningi abaziyekile nalezo abehlise kuzona ukuzikhipha nabangani kuyojatshulwa. Kuvamisile ukuba uma kuhlangene abangani kube khona labo “abathunywa ama- ice” nalabo okuyibona abakhipha imali.
Isimo somnotho sidinga ukuba abangani uma bezikhiphile bacabangelane, kungabi khona obheka abanye emehlweni, yena engakhiphi lutho uma kufanele kukhokhwe.
Yebo, amaphakethe abantu kawafani - bakhona labo abakuthokozelayo ukuba “ngobhuti nosisi madlisa” kodwa kubalulekile ukuba nawe uhlale uzibhekile ngemadlana ukuze uzokwazi ukuzikhokhela uma kudingeka.
Kubalulekile ukuba abangani uma bezikhiphile babonisane ngebill - ongenalutho mhlambe kuhle asheshe asho ukuthi isimo sakhe siyabheda ngaphambi nje kokuba aze azitike ngezidlo ngoba akukuhle ukuba lapho sekufanele kuhlanganiselwane bese kuba khona olokhu ebakaza.
Lokhu akungagcini ebanganini kodwa ngisho nakubantu abathandanayo kubalulekile ukubambisana, kungabi nje wumsebenzi womuntu oyedwa ukukhokha njalo.
Akusho ukuthi uma umuntu ekumemile ukuba nizikhiphe sekusho ukuthi kufanele kukhokhe yena. Kakumele nje kube wumthwalo walowo okumemile ukukhokha, ngaphandle uma kusho yena ukuthi khululeka, uzozithwala zonke izindleko.
Kuhle nje ukuba uma senizijabulisile ngezidlo bese nibambisana ekukhokheleni i- bill. Ukuhlangabezana akusho ukuthi kukhona owungoqo kanti futhi ukwenze njalo akuqedi budlelwano kodwa kukhombisa ukumcabangela omunye umuntu, ikakhulukazi njengoba sibhekene nesimo esinzima somnotho.
USbani Zungu waseGlenwood, eThekwini uthe yize kungamjabulisa uma kungaba khona owesifazane ozinikelayo ukukhokha kodwa ngeke aze amvumele.
“Kuyongithokozisa nje ukuzwa ukuthi uyangicabangela nokuthi uyasibona isidingo kodwa ngeke ngivume. Ngingazibona ngehlelwa yisithunzi,” kusho uSbani.
Uyavuma ukuthi impela isimo sezomnotho siyazwela ephaketheni, wathi kusazothatha isikhathi ukuba kujwayeleke ukuhlukaniselana i- bill. Uma umema umngani ukuba niyodla ngaphandle, cacisa kwisimemo zisasuka - isibonelo: “Ngicela ukuyokuthengela ukudla noma isiphuzo endaweni ethile” noma “Singakwazi ukuhlanganisela ibhodlela lewayini?” Lokhu kubeka ngokusobala ukuthi kuzokhokhwa kanjani noma ngubani ozokhokha. Ziningi izimo abantu ababhekene nazo empilweni kusuka ezindlekweni zasekhaya nezinye, ngakho uma ningabangani nihlangene, cabangelani nabanye ningasali senikhetha ukuzikhiphela endaweni ebizayo. Uma nikhetha ukuzikhipha kungcono nikhethe indawo lapho kunama- special osuku ukuze nizokonga, buqine nobudlewano benu.
Uma senivumelene ukuthi nizozikhipha bese nihlanganyela i- bill, odani ukudla neziphuzo okubiza ngendlela efanayo.
Kwesinye isikhathi kungcono uma nizohlanganyela ukudla kodwa umuntu azikhokhele yena okuphuzwayo ngoba abanye bathanda iwayini, abanye ubhiya abanye bazithandela itiye.
Kokunye kungcono kakhulu ukuba umuntu azikhokhele yena lokho akucelile kunokuhlanganyela.
Ngesinye isikhathi ningashintshana ngokukhokha - kube khona ozokhokha ngosuku oluthile, kuphinde kukhokhe omunye mhla niphinda nihlangana.
Kuye kube yingqinamba ukuthi izokhokhwa kanjani imali ye- tip uma kuhlanganiswa i- bill. Okungcono wukuba
umuntu afake noma wu-5% ngaphezulu emalini yakhe ukuze kuzophuma imali ye- tip.
Akusiwona umsebenzi wewaiter ukuhlukanisa i- bill futhi ningabangi umsindo wokuthi kuzokhokhwa kanjani ngenxa yokuthi nihlulekile wukwazisana nisafika ukuthi kuzoba kanjani. ayandab@ilanganews.co.za