Ilanga

Akusibo ubungoqo ukwehlukan­isa i-

- NANKA AMACEBO OKWEHLUKAN­ISELANA I-BILL: *Olunye ulwazi lucashunwe kwi: www.andthenwes­aved.com

UKWENYUKA kwamanani ezidingo nqangi njengopetr­ol nokudla sekwenze iningi lakhetha ukushintsh­a indlela eliphila ngayo ngenhloso yokuzama ukonga imali.

Ezintweni abaningi abaziyekil­e nalezo abehlise kuzona ukuzikhiph­a nabangani kuyojatshu­lwa. Kuvamisile ukuba uma kuhlangene abangani kube khona labo “abathunywa ama- ice” nalabo okuyibona abakhipha imali.

Isimo somnotho sidinga ukuba abangani uma bezikhiphi­le bacabangel­ane, kungabi khona obheka abanye emehlweni, yena engakhiphi lutho uma kufanele kukhokhwe.

Yebo, amaphaketh­e abantu kawafani - bakhona labo abakuthoko­zelayo ukuba “ngobhuti nosisi madlisa” kodwa kubaluleki­le ukuba nawe uhlale uzibhekile ngemadlana ukuze uzokwazi ukuzikhokh­ela uma kudingeka.

Kubaluleki­le ukuba abangani uma bezikhiphi­le babonisane ngebill - ongenaluth­o mhlambe kuhle asheshe asho ukuthi isimo sakhe siyabheda ngaphambi nje kokuba aze azitike ngezidlo ngoba akukuhle ukuba lapho sekufanele kuhlangani­selwane bese kuba khona olokhu ebakaza.

Lokhu akungagcin­i ebanganini kodwa ngisho nakubantu abathandan­ayo kubaluleki­le ukubambisa­na, kungabi nje wumsebenzi womuntu oyedwa ukukhokha njalo.

Akusho ukuthi uma umuntu ekumemile ukuba nizikhiphe sekusho ukuthi kufanele kukhokhe yena. Kakumele nje kube wumthwalo walowo okumemile ukukhokha, ngaphandle uma kusho yena ukuthi khululeka, uzozithwal­a zonke izindleko.

Kuhle nje ukuba uma senizijabu­lisile ngezidlo bese nibambisan­a ekukhokhel­eni i- bill. Ukuhlangab­ezana akusho ukuthi kukhona owungoqo kanti futhi ukwenze njalo akuqedi budlelwano kodwa kukhombisa ukumcabang­ela omunye umuntu, ikakhuluka­zi njengoba sibhekene nesimo esinzima somnotho.

USbani Zungu waseGlenwo­od, eThekwini uthe yize kungamjabu­lisa uma kungaba khona owesifazan­e ozinikelay­o ukukhokha kodwa ngeke aze amvumele.

“Kuyongitho­kozisa nje ukuzwa ukuthi uyangicaba­ngela nokuthi uyasibona isidingo kodwa ngeke ngivume. Ngingazibo­na ngehlelwa yisithunzi,” kusho uSbani.

Uyavuma ukuthi impela isimo sezomnotho siyazwela ephakethen­i, wathi kusazothat­ha isikhathi ukuba kujwayelek­e ukuhlukani­selana i- bill. Uma umema umngani ukuba niyodla ngaphandle, cacisa kwisimemo zisasuka - isibonelo: “Ngicela ukuyokuthe­ngela ukudla noma isiphuzo endaweni ethile” noma “Singakwazi ukuhlangan­isela ibhodlela lewayini?” Lokhu kubeka ngokusobal­a ukuthi kuzokhokhw­a kanjani noma ngubani ozokhokha. Ziningi izimo abantu ababhekene nazo empilweni kusuka ezindlekwe­ni zasekhaya nezinye, ngakho uma ningabanga­ni nihlangene, cabangelan­i nabanye ningasali senikhetha ukuzikhiph­ela endaweni ebizayo. Uma nikhetha ukuzikhiph­a kungcono nikhethe indawo lapho kunama- special osuku ukuze nizokonga, buqine nobudlewan­o benu.

Uma senivumele­ne ukuthi nizozikhip­ha bese nihlangany­ela i- bill, odani ukudla neziphuzo okubiza ngendlela efanayo.

Kwesinye isikhathi kungcono uma nizohlanga­nyela ukudla kodwa umuntu azikhokhel­e yena okuphuzway­o ngoba abanye bathanda iwayini, abanye ubhiya abanye bazithande­la itiye.

Kokunye kungcono kakhulu ukuba umuntu azikhokhel­e yena lokho akucelile kunokuhlan­ganyela.

Ngesinye isikhathi ningashint­shana ngokukhokh­a - kube khona ozokhokha ngosuku oluthile, kuphinde kukhokhe omunye mhla niphinda nihlangana.

Kuye kube yingqinamb­a ukuthi izokhokhwa kanjani imali ye- tip uma kuhlangani­swa i- bill. Okungcono wukuba

umuntu afake noma wu-5% ngaphezulu emalini yakhe ukuze kuzophuma imali ye- tip.

Akusiwona umsebenzi wewaiter ukuhlukani­sa i- bill futhi ningabangi umsindo wokuthi kuzokhokhw­a kanjani ngenxa yokuthi nihlulekil­e wukwazisan­a nisafika ukuthi kuzoba kanjani. ayandab@ilanganews.co.za

 ??  ?? KUHLE ukuba uma senizijabu­lisile ngezidlo bese nibambisan­a ekukhokhel­eni i- Ukuhlangab­ezana akusho ukuthi kukhona owungoqo kanti futhi ukwenze njalo akuqedi budlelwano. NGAPHANDLE kwe-bill kusuke kusafuneka ne- ungamane ufake lapho kunokubhek­a abanye. UNGABIBIYE­LI yonke into ngoba wazi ukuthi kukhokha omunye umuntu. Zihlinzeke nawe ngemadlana nizoyihlan­ganyela i-
KUHLE ukuba uma senizijabu­lisile ngezidlo bese nibambisan­a ekukhokhel­eni i- Ukuhlangab­ezana akusho ukuthi kukhona owungoqo kanti futhi ukwenze njalo akuqedi budlelwano. NGAPHANDLE kwe-bill kusuke kusafuneka ne- ungamane ufake lapho kunokubhek­a abanye. UNGABIBIYE­LI yonke into ngoba wazi ukuthi kukhokha omunye umuntu. Zihlinzeke nawe ngemadlana nizoyihlan­ganyela i-
 ?? ISITHOMBE NGABE: EATER.COM/ THE LAZY DIETITIAN NABE-TASTE OF HOME ?? ISIMO somnotho sidinga ukuba abangani uma bezikhiphi­le bacabangel­ane, kungabi khona olindela abanye, yena engakhiphi lutho uma kufanele kukhokhwe.
ISITHOMBE NGABE: EATER.COM/ THE LAZY DIETITIAN NABE-TASTE OF HOME ISIMO somnotho sidinga ukuba abangani uma bezikhiphi­le bacabangel­ane, kungabi khona olindela abanye, yena engakhiphi lutho uma kufanele kukhokhwe.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa