Ilanga

Ungabi uscuthe emsebenzin­i

- Tzondi@ilanganews.co.za

abanye baze basho ukuthi ngeke batshelwe ngumuntu wesifazane,” kuchaza yena. Uthi kubaluleki­le ukuba nothando kulo msebenzi nokukwazi ukusebenzi­sana nabantu ukuze ukwazi ukwenza umsebenzi ngendlela okuyiyo.

“Uma usulaphaya ngaphandle isicucu semfundo onaso kasibe sisasebenz­a- siza kamuva ngoba amadoda afuna ukubona ukuthi uyayazi yini lento okhuluma ngayo.

“Uma ukhuluma ngokubeka ipayipi noma ukumba umgodi ngendlela okuyiyo kumele ubatshengi­se ukuthi ufuna kwenziwe kanjani. Kuba sengathi kawazi lutho uma uzogcina ngokukhulu­ma,” kuchaza uLondiwe.

Uthi ungene kulo mkhakha ngoba engathandi ukubona izinto sezenziwe kodwa ufuna ukuba yingxenye yazo.

“Ukubona umgwaqo ubhidlika emuva kwesikhash­ana noma isakhiwo, bekungipha­tha kabi ngoba bekusho ukuthi kukhona umuntu ongawenzan­ga kahle umsebenzi wakhe. Ngingene kulo mkhakha ngoba ngifuna ukuqinisek­isa ukuthi umphakathi uthola izakhiwo ezisezinge­ni eliphezulu,” echaza.

Uthi kayikho into emgqugquze­la njengokubu­ka umsebenzi akade eyingxenye yawo usesesimen­i esihle. Uthi uma ungunjiniy­ela kusuke kungasinis­wa amahleza ngoba uma kukhona okungahamb­anga kahle kwiphrojek­thi ethile kumele uqhamuke nezimpendu­lo ukuthi kwenzekeni.

“Igxathu negxathu esilihamba­yo kumele ngibe nezwi, ngiphasise ngisho kungabe yinto encane kanjani ngoba izoba nomthelela,” kuchaza uNkk Nkosi.

Kwabafisa ukufundela lo msebenzi uthi kubaluleki­le ukuthi baqinise kwiMaths nasekukwaz­ini ukudweba futhi bavolontiy­e emisebenzi­ni abafisa ukugxila kuyo.

“Uma ufuna ukufaka amapayipi, volontiya ngakini ukuze abantu bakwazi ukuthi uyawazi umsebenzi kuthi kuqambe usuqedile esi- koleni ube usuzenzele igama futhi usukhuluma ngento oyaziyo.”

Njengowesi­fazane oseshadile futhi onabantwan­a ababili babafana uthi kakulula ukuba kulo msebenzi kodwa wuthando kuphela olukugqugq­uzelayo.

Uthi akapheki nsukuzonke ngoba kwesinye isikhathi ubuya ekhathele eyimvithi ngenxa yokuba ngaphandle usuku lonke.

“Umyeni wami uyakuqonda ukuthi ngeke ngikwazi ukuba wusuperwom­an ekhaya nasemseben­zini ngibe ngisebenza emkhakheni ogcwele abesilisa ngale ndlela. Kubaluleki­le ukuba nomndeni nabantu abakweseka­yo ukuze izinto zibe lula,” kuqhuba yena.

Uthi kubaluleki­le ukuthanda umsebenzi owenzayo futhi uzibambe ziqine.

“Awukwazi ukuba uvele uchiphize phambi kwamadoda uma sekunzima, kumele ubheke phambili -uzazi ukuthi uzeleni. Kwesinye isikhathi kuzoqhamuk­a ngisho abafuna ukukufumba­thisa kodwa mawuzazi ukuthi ungubani ngeke ulingeke,” kuphetha uLondiwe.

 ??  ?? ULONDIWE Nkosi oyi-Resident Engineer uthi uma kuxovwa udaka kumele utholakale phakathi nawe ukuze kubonakale ukuthi uwazi ngempela umsebenzi othi uwufundele.
ULONDIWE Nkosi oyi-Resident Engineer uthi uma kuxovwa udaka kumele utholakale phakathi nawe ukuze kubonakale ukuthi uwazi ngempela umsebenzi othi uwufundele.
 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ??
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa