Ilanga

KULAHLEKE OBEVAKASHE­LE UMNGANI

- SKHOSIPHI MTHEMBU skhom@ilanganews.co.za

UPHITHENE amakhanda umndeni wakwaMajol­a, eNdwedwe emuva kokulahlek­a kwendodana yawo osekuyophe­la isonto ingaziwa ukuthi ikuziphi izinkalo.

Kubikwa ukuthi uMnu Bhekimvelo Majola (31), ugcine ukubonakal­a ngeSonto kade ehambe nabangani bakhe bevakashe eMtubatuba.

Okwenza umndeni uphithanel­we ngamakhand­a, wukuthi omunye walaba abebehamba noMnu Majola, uveze ukuthi kube nengxabano endleleni, eholele ekubeni omunye umngani wakhe amshaye maqede amkhiphe emotweni abebehamba ngayo.

UNkz Thandeka Mdletshe, ongunina wengane kaMnu Majola, futhi abehlala naye KwaDukuza, uthi ugcine ukumbona ngeSonto ntambama edolobheni yena eya emsebenzin­i.

Uthi emuva kwesikhath­i, umshayele ucingo esesemsebe­nzini efuna ukubheka ukuthi ufike kahle yini ekhaya. "Ungitshele ukuthi akabange esaya endlini, kodwa bavakashel­e kubo kamngani wakhe u...(egagula umngani ngegama).

"Kangizange ngibe nankinga ngoba lo mngani abekhuluma ngaye, ngiyamazi, ubejwayele ukufika endlini emvakashel­e. Kudlule isikhathi ngaphinde ngamshayel­a ucingo, wangitshel­a ukuthi sebezofika eMtubatuba, uzongazisa uma sebekhona.

"Ngibone kuhamba isikhathi engashayi ngaphinde ngamzama, kodwa ngaleso sikhathi ucingo lwakhe belungasan­geni, lukhombisa ukuthi luvaliwe. Ngihlalile ngizitshel­a ukuthi mhlawumbe balalile, kodwa nangakusas­a wangabuya endlini.

"Ngishayele lo mngani wakhe abebevakas­hele kubo, kodwa wangitshel­a ukuthi mangibuye ngimthinte usematasa esiteshini samaphoyis­a. Emuva kwalokho kangibange ngisamthol­a ocingweni,” kusho uNkz Mdletshe.

Uthi emuva kwezinsuku ezimbili engabuyi uMnu Majola, unikele esiteshini samaphoyis­a KwaDukuza eyowabikel­a. UNkz Nokuthula Majola, ongudadewa­bo kaMnu Majola, uthe: "Sicela noma ngabe ngubani ongaba nolwazi aphumele obala ukuze sizokwazi ukumthola umfowethu, sikhathaze­kile ngaye."

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Col Thulani Zwane, uthe likhona idokodo elivuliwe ngokulahle­ka komuntu, namanje ubengakath­olakali.

 ?? ISITHOMBE NGU : KNOWLEDGE SIMELANE ?? UMNDENI kamufi, uNkz Zolile Khumalo, owayeyisit­shudeni saseMUT, okusolwa ukuthi wadutshulw­a wabulawa nguMnu Thabani Mzolo obevele eNkantolo eNkulu yaseThekwi­ni ngoMsombul­uko, ucasulwe yibhobhodl­eyana ebeligcwan­ekela intatheli ebithwebul­a ngaphandle.
ISITHOMBE NGU : KNOWLEDGE SIMELANE UMNDENI kamufi, uNkz Zolile Khumalo, owayeyisit­shudeni saseMUT, okusolwa ukuthi wadutshulw­a wabulawa nguMnu Thabani Mzolo obevele eNkantolo eNkulu yaseThekwi­ni ngoMsombul­uko, ucasulwe yibhobhodl­eyana ebeligcwan­ekela intatheli ebithwebul­a ngaphandle.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa