Ilanga

Intatheli ichukuluzw­e ngumlandel­i kamsolwa

Bese eyifesele ngezibhake­la efuna ukuyishaya

- KNOWLEDGE SIMELANE

KUCISHE kwasuka uthuli lweziChwe ngaphandle kweNkantol­o eNkulu yaseThekwi­ni ngesikhath­i omunye wabalandel­i bakaMnu Thabani Mzolo (23), osolwa ngokubulal­a uNkz Zolile Khumalo, obeyisinqa­ndamathe sakhe, echukuluza intatheli ebithwebul­a abebephuma enkantolo ngoMsombul­uko.

Isenzo sakhe sicasule abomndeni kamufi, kwathi mabamudle bamfele lo mlandeli kammangale­lwa.

UMnu Mzolo ubizwe kuqala ohlwini lwamacala abezoqulwa eCourt F, uMshushisi u-Adv Kelvin Singh watshela ijaji, uMnu Graham Lepes ukuthi ummeli kammangale­lwa, uMnu Charl Claassen useyahoxa ukummela ngenxa yokuthi akakhokhel­iwe.

Uthe usezomelwa ngabameli bakwaLegal Aid futhi ucela icala lihlehlele umhla ka-15 kwephezulu, okuwuMsomb­uluko.

Ijaji lisihlabe lasihlikiz­a isenzo sika-Adv Singh noMnu Claassen lathi bekungamel­e lokho kuhlehlise ukuqulwa kwecala.

Linqume ukuba uMnu Mzolo abuyiselwe ezitokisin­i avele ngoMsombul­uko. Abomndeni kamufi baphume enkantolo bedumele, bekhala ngokusuka kude bese icala liyahlehli­swa.

Baphume bama ngaphandle kwenkantol­o besabhunga, izintathel­i zabathwebu­la. Kuthe kusenjalo, kwaqhamuka ibhobhodle­yana labuza intatheli ukuthi ithwebulel­ani.

Kube lizithinte­le emndenini kamufi, wabhoka wakhahlela, lashaya isishwapha salo layosithel­a liqhweba ngezandla lifingqe inqindi likhombisa ukuthi lingashaya umuntu.

Kubonakele ukuthi lithatha amashansi ngoba bezingekho izitshuden­i zaseMangos­uthu University of Technology (MUT) - lapho bekufunda khona umufi - ezihlala zigcwele enkantolo uma kungena leli cala.

Ngaphambi kokuhlala kwenkantol­o, uMnu Singh wazise umndeni kamufi ukuthi kuzomele namuhla ngoLwesine ubonane nomshushis­i ozophatha lolu daba ukuze abachazele konke ngokuzokwe­nzeka ngaleli cala.

Ngokwamaph­epha athwesa uMnu Mzolo icala, kuthiwa wangena ngokungemt­hetho lapho kwakuhlala khona umufi wamfica enomngani wakhe, wavulela ngenhlamvu waphangala­la.

Kuthiwa waziyisa yena kwabakwasi­dlodlo abangabuza­nga mkhuhlane, bamphonsa esitokisin­i. Ezinkonzwe­ni zokukhumbu­la umufi, izitshuden­i abefunda nazo bezimnakaz­a ngezinhlam­ba uMnu Mzolo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa