SEKUYAZWELA KWABANINGI UKUBIZA KUKAPHETHILOLI
NJENGOBA bekulindelekile, kubikwa ukuthi sekuqalile ukuzwela ukwenyuka kwentengo kaphethiloli ngo-99c kowohlobo lwe-93 nango-R1 kowohlobo lwe-95 ilitha, okwenze wabiza u-R17.08 ilitha eGauteng, ogwini lwezwe wabiza u-R16.49 ilitha kusukela ngesonto eledlule.
Cishe ingxenye yalo R17 ilitha oyintengo kaphethiloli, ibangelwa ngukwehla kwamandla erandi uma liqhatha-niswa nedola laseUnited States of America (USA) ezimakethe zemali nentengo kawoyela ongahluziwe.
Ingxenye ewu-15% yizintela nenzuzo kuleso naleso sigaba sokuthengwa kukaphethiloli. Izibonelo, eyeRoad Accident Fund njengamanje iwu-R1,93 ngelitha kuthi eyawo uphethiloli ibe wu-R3,37 ngelitha.
Kuyisingathekiso nje ukuthi uhulumeni ungaba nendlela yokunciphisa lezi zintela ngoba kuyodingeka wenyu-se ezinye endaweni yazo. Kuthiwa umthelela wentengo kaphethiloli emnothweni waseNingizimu Afrika, uncike ezintweni eziningi njengokuthi nje, abanikazi bezimoto kuyomele bagweme ukuthatha uhambo olungenasidingo nokuba izinkampani zithwale izindleko zomkhiqizo kunokuba zizidlulisele kubathengi. Iqiniso limile elithi izindaba zimbi ngempela ngesimo somnotho, kunjalo nje, eyokuthi uwoyela ongahluziwe ungase ube wu-$100 umphongolo, nakuba kungakabi nasiqiniseko ngayo, ingafaniswa nefu elimnyama. UMnu Neil Roets, oyisikhulu esiphezulu kwaDebt Rescue, uthe: "Njengoba ingxenye engaphezulu kuka-40% yabantu baseNingizimu Afrika icwile kwaze kwafika entanyeni yizikweleti, iqiniso lithi iningi kalisakwazi ukwenza izinguquko emalini eliyitholayo." Uthe uphethiloli usemqoka ngokufanayo nezinto ezinjengokudla nentela yokuhlala. Njengoba kubukeka sengathi amanani kaphethiloli asazoqhubeka nokwenyuka esikhathini esizayo, uMnu Roets ugcizelela kakhulu ukuba umphakathi wenze konke okusemandleni ukuzigwema izi-kweletu, ikakhulukazi ezintweni zobumnandi futhi ufune izeluleko ko-ngoti uma izinto zingasavumi ukuhlangana.