Ilanga

USINDE NGOKULAMBI­SA KUDUTSHULW­A ABABILI EMOTWENI

- THANDEKA NGOBESE

UTHUKA izanya usomatekis­i waseMlazi osinde ngeNkosi ngoMsombul­uko kudutshulw­a kubulawa ozakwabo ababili abebesemot­weni yakhe.

Ngokuthola KweLANGA, uMnu Nqaba Mbhele, onamatekis­i asebenzela eSiphingo noMnu Senzo Luthuli ongenayo itekisi, babulawe behleli emotweni kaMnu Siphamandl­a Mzobe onamatekis­i eSiphingo.

Ekhuluma neLANGA uMnu Mzobe, uthi nakuba uyakhuluma, usindiswe wukuthi bathe befika ngasenxanx­atheleni yezitolo KwaMnyandu, kwaT, eMlazi, wehla emotweni wangena ezitolo eyohlangan­a nothile obezomphat­hisa imali eya ekhaya. "Ngithe sengiphuma nje KwaMnyandu, ngezwa kuqhuma isibhamu abantu sebegijima beza ngasemnyan­go wasenxanxa­theleni yezitolo. Bathe kukhona abadutshul­wayo, besho bekhomba ngalapho engipake ngakhona imoto yami.

"Ngivele ngoma ngifika emotweni isimbobomb­obo, ngathi ngivula izicabha, abafowethu sebeshonil­e," kusho uMnu Mzobe. Uthi uyasola ukuthi uMnu Luthuli bamdubulal­a nje, bebezitshe­la ukuthi nguyena. "Ngisinde nje ngoba ilanga lami belingakaf­iki. Sekunesikh­athi ngithola izingcingo zabantu bethi bazongibul­ala.,

"Ngilindele noma yini engenzeka kimina ngendlela engisatshi­swa ngayo, kufanele ngabe sengiyagad­wa, kodwa kanginayo imali yonogada, bayabiza," kusho uMnu Mzolo. UMnu Mbongeni Mbhele ongumfowab­o kamufi, uthi kabazi ukuthi umfowabo ubenzeni aze abulawe ngentululw­ane yezinhlamv­u ngale ndlela.

Uthi uzofihlwa kusasa ngoLwesihl­anu. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Colonel Thulani Zwane, uthe akekho osaboshiwe ngalesi sigameko. Kubulawa lo somatekisi nje, ngoMandulo (September) ILANGA libike ngokubulaw­a kukaMnu Nicholas Gumede, obenamatek­isi asebenzela oThongathi.

Ulandelwe ngoMnu Sihle Zulu odutshulwe wabulawa noMnu Praysgod Sikhakhane obeyomnike­za umsebenzi wokushayel­a enye yezimoto zakhe. Lesi sigameko besilandel­a ngesinyant­ise igazi sokubulawa kwabantu abawu-11 abadutshul­we behamba ngetekisi beyofihla uzakwabo obenamatek­isi eColenso.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa