MAKHOSI NDLELENII ZONDO
KUNABANTU abaningi abagcina bengazange balwemukela ubizo noma isiphiwo sokuba yizangoma noma ubunyanga. Ziningi izizathu ezenza abantu balubalekele ubizo lokwelapha ngokwendabuko eNingizimu Afrika ngenxa yemikhuba engemihle eyenziwayo noma izinkoleloze ezibikwayo ngalolu hlobo lokwelapha.
Kwesinye isikhathi uthola kunezinkulumo zokuthi ogobela bayasithwebula isipho somuntu, agcine esewumphuphe nje kube kuthiwa uthwasile. Lokhu kuthiwa kwenziwa ngogobela uma bebona ukuthi lowo abamthwasisayo unamandla noma unesiphiwo esedlula abasuke benaso.
Kwesinye isikhathi kuthiwa abantu bancamela ukungasithathi lesi siphiwo ngenxa yokuthi lapho kuthwaswa khona kuyafukuzwa, kwenziwa imisebenzi engahlangene nokuthwasa, njengokuwashela ugobela nomndeni wakhe kumbe ukwenza eminye imisebenzi yasekhaya.
Ezinye izigameko yilapho uthola khona ukuthi ithwasa liyaboniswa ngabadala bakubo - abasuke beliphe isipho somsebenzi wobungoma - kodwa uthole ukuthi imibono (amaphupho) yalo kayamukeleki kugobela.
Abanye bathi kuyenzeka ithwasa lithi lazisa ugobela okushiwo ngabadala, avele akhuze umhlola athi kungani labo abadala bekhuluma nalo, kabayi ngani kuyena ngoba nguyena othwasisayo.
Lapho-ke uthola ukuthi sekuyaphambana ngoba ithwasa nalo lisuke lazi ukuthi abantu bakubo abangene kulona kumele baxhumane nalo uqobo bese lona licela ukucaciseleka kugobela ngoba yena ufana nomeluleki walo.
Le ndida idala abanye abantu bagcine bencamela ukuhlupheka baze bagcine sebebuvala ubunyanga nobungoma. Ngike nganqwamana nomunye umakhosi owathi yena usethwase ezindaweni eziningi kungalungi, waphawula nokuthi kwenye yezindawo ake wathwasa kuzona, ugobela wakhe wathi uma emtshela inkulumo efike nabadala ebusuku, wamane wabhoka wathi angabe esamfonela ngoba laba abadala bayabaqhatha kwazise akufanele bakhulume naye njengethwasa, kumele batshele yena ngoba wazi kangcono.
Engithanda ukukuveza wukuthi umuntu nomuntu onesiphiwo sabadala, abakubo basuke behlose okuthile ngaye okwahlukile komunye nomunye umuntu, yingakho wonke amathwasa enezindlela athwasa ngazo ngoba asuke eholwa yizinkulumo zabakubo nalowo olingenile, okunguyena olilawu- layo hhayi lokhu esikujwayele kushiwo ngabantu bedukisa abanye.
Kwesinye isikhathi uthi umuntu engafanelwe wukuthwasiswa, kodwa kuthiwe makathwase kanti qha bekumele alashwe imimoya ekuyena nje kuphela asinde.
Abanye ogobela bayathanda kuthiwe banamathwasa amaningi bagcine sebethwasisa izingane zabantu okungafanele zithwasiswe. Ukuziphatha kogobela kunomthelela omkhulu ekubeni amathwasa aqhubeke nokuthwasa noma agcine elahle iziphiwo zawo.
Kungani abadala bengakhulumi naye ngoba nguyena othwasisayo.
mthiyanesgs@yahoo.com