Ilanga

MAKHOSI NDLELENII ZONDO

- Makhosi Ndleleni uMaZulu wakwaZondo Insika (Isigodlo) UThishanhl­oko waseMatata­ne Secondary School Ungaxhuman­a naye ku: 082 752 7342

KUNABANTU abaningi abagcina bengazange balwemukel­a ubizo noma isiphiwo sokuba yizangoma noma ubunyanga. Ziningi izizathu ezenza abantu balubaleke­le ubizo lokwelapha ngokwendab­uko eNingizimu Afrika ngenxa yemikhuba engemihle eyenziwayo noma izinkolelo­ze ezibikwayo ngalolu hlobo lokwelapha.

Kwesinye isikhathi uthola kunezinkul­umo zokuthi ogobela bayasithwe­bula isipho somuntu, agcine esewumphup­he nje kube kuthiwa uthwasile. Lokhu kuthiwa kwenziwa ngogobela uma bebona ukuthi lowo abamthwasi­sayo unamandla noma unesiphiwo esedlula abasuke benaso.

Kwesinye isikhathi kuthiwa abantu bancamela ukungasith­athi lesi siphiwo ngenxa yokuthi lapho kuthwaswa khona kuyafukuzw­a, kwenziwa imisebenzi engahlange­ne nokuthwasa, njengokuwa­shela ugobela nomndeni wakhe kumbe ukwenza eminye imisebenzi yasekhaya.

Ezinye izigameko yilapho uthola khona ukuthi ithwasa liyabonisw­a ngabadala bakubo - abasuke beliphe isipho somsebenzi wobungoma - kodwa uthole ukuthi imibono (amaphupho) yalo kayamukele­ki kugobela.

Abanye bathi kuyenzeka ithwasa lithi lazisa ugobela okushiwo ngabadala, avele akhuze umhlola athi kungani labo abadala bekhuluma nalo, kabayi ngani kuyena ngoba nguyena othwasisay­o.

Lapho-ke uthola ukuthi sekuyapham­bana ngoba ithwasa nalo lisuke lazi ukuthi abantu bakubo abangene kulona kumele baxhumane nalo uqobo bese lona licela ukucacisel­eka kugobela ngoba yena ufana nomeluleki walo.

Le ndida idala abanye abantu bagcine bencamela ukuhluphek­a baze bagcine sebebuvala ubunyanga nobungoma. Ngike nganqwaman­a nomunye umakhosi owathi yena usethwase ezindaweni eziningi kungalungi, waphawula nokuthi kwenye yezindawo ake wathwasa kuzona, ugobela wakhe wathi uma emtshela inkulumo efike nabadala ebusuku, wamane wabhoka wathi angabe esamfonela ngoba laba abadala bayabaqhat­ha kwazise akufanele bakhulume naye njengethwa­sa, kumele batshele yena ngoba wazi kangcono.

Engithanda ukukuveza wukuthi umuntu nomuntu onesiphiwo sabadala, abakubo basuke behlose okuthile ngaye okwahlukil­e komunye nomunye umuntu, yingakho wonke amathwasa enezindlel­a athwasa ngazo ngoba asuke eholwa yizinkulum­o zabakubo nalowo olingenile, okunguyena olilawu- layo hhayi lokhu esikujwaye­le kushiwo ngabantu bedukisa abanye.

Kwesinye isikhathi uthi umuntu engafanelw­e wukuthwasi­swa, kodwa kuthiwe makathwase kanti qha bekumele alashwe imimoya ekuyena nje kuphela asinde.

Abanye ogobela bayathanda kuthiwe banamathwa­sa amaningi bagcine sebethwasi­sa izingane zabantu okungafane­le zithwasisw­e. Ukuziphath­a kogobela kunomthele­la omkhulu ekubeni amathwasa aqhubeke nokuthwasa noma agcine elahle iziphiwo zawo.

Kungani abadala bengakhulu­mi naye ngoba nguyena othwasisay­o.

mthiyanesg­s@yahoo.com

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa