Kushayelwe ihlombe ukuqokwa kukaMboweni
Uyindoda enesibindi sokukhuluma ingagwegwesi ngokuthinta umnotho
BANINGI abasishayele ihlombe isinqumo sikaMengameli Cyril Ramaphosa asithathe ngoLwesibili sokuqoka uMnu Tito Mboweni njengongqongqoshe wezemali, emuva kokushiya kukaMnu Nhlanhla Nene emuva kwengcindezi yokuba esule ngenxa yokuvela kokuthi naye uke wayokotha umndeni wezimanga wakwaGupta.
Phakathi kwabasincomayo lesi sinqumo, kubalwa izimakethe zemali njengoba lokhu kufakazelwa wukuqina kwerandi kusukela emuva kokumenyezelwa kwalesi sinqumo, amaqembu ezombusazwe ahlukene nabaholi bezohwebo.
Singakakhishwa lesi simemezelo, amandla erandi abegida ku-R14.76 uma liqhathaniswa nedola lase-United States of America (USA), okuthe zingezwakala lezi zindaba, kwasa izolo seliwu-R14.55! Nezazi zezomnotho nezombusazwe zikushayele ihlombe ukuqokwa kukaMnu Mboweni.
Ekhasini lakhe leFacebook, uSolwazi Bonke Dumisa, ongungoti kwezomnotho, izolo uthe iNingizimu Afrika ivuke izizwa isemandleni emuva kokuba ilale sekuphelile ukuqagela okungadingekile ngezombusazwe nomnotho waleli lizwe, obese kuthathe izinsuku eziyisihlanu mayelana nesikhundla sikaMnu Nene, kusukela evumile phambi kwekhomishini edingida olokuthunjwa kombuso, eholwa yiJaji Raymond Zondo, ukuthi naye waya emzini wezimanga wakwaGupta.
USolwazi Dumisa uthe kulabo abathi kuyabahlupha ‘ukubuyiswa kwabantu abadala,’ kumele bakwamukele ukuthi uMengameli Ramaphosa ubengenakwenza ngokunye.
Bekumele aqoke umuntu ohlonishwa emhlabeni wonke, onolwazi olwenele ukuze kugwenywe ukulingabaza leli lizwe kwezomnotho kanjalo nezombusazwe, kwazise nezinhlangano ezilinganisa umnotho wamazwe ( rating agencies) zizobe zisho ezikucabangayo ngomnotho wezwe lethu ngalo uLwesihlanu lwakusasa.
Uthe uMnu Mboweni yindoda enesibindi sokukhuluma ingagwegwesi futhi ekwaziyo ukusho ukuthi imali kayikho nxa ingekho.
Wengeze ngesexwayiso esithi ukuqokwa kwakhe ngeke kube yikhambi lokuqeda zonke izinselelo zezomnotho ezibhekene naleli lizwe, kwazise abatshalimali bazoqhubeka nokuba manqikanqika ngalo, okungenani kuze kudlule ukhetho lukazwelonke ngo-2019.
Phezu kwakho konke lokhu, uMnu Nene uyokhunjulwa ngokuqina, avikele leli lizwe kwabebefuna ukuba lifakwe ngekhanda obishini ebelingeyophinde likhishwe muntu kulo ngokukweleta iRussia ukuba yakhe izizinda zokuphehla amandla enuzi kuleli. Wazalwa mhla ka-16 kuNdasa (March) 1959 eTzaneen, eLimpopo. Emuva kokuphothula esikoleni wabhalisela iziqu zezohwebo e-University of the North (manje esiyaziwa nge-University of Limpopo) nokho wangaziqeda ngoba waba sekudingisweni ngezombusazwe.
Waqedela izifundo zakhe eseLesotho, kwathi kamuva wadlulela e-United Kingdom lapho wenza khona iMasters kwiDevelopment Economics, e-University of East Anglia. Ube ngungqongqoshe wezezisebenzi ngo-1994 phansi kukahulumeni kaMnu Nelson Mandela.
Kuthe ngo-1998 wasebenza ebhange lombuso njengomeluleki womphathi walo. Ngo-1999, uqokwe waba ngowokuqala ongowomdabu ukwengamela leli bhange lapho ephathe amahlandla amabili kwaze kwaba wu-2009, okuthathe ngawo uNkz Gill Marcus. Ngalesi sikhathi uhlonishwe yi-University of South Africa (Unisa) ngeziqu zobusolwazi). Ziningi-ke izinselelo abhekene nazo njengoba engena kulesi sikhundla lapho sekunesikhathi eside umnyango wagcina ngoMnu Trevor Manuel ukuba nongqongqoshe owaqeda iminyaka eyishumi ephethe njengoba eminyakeni ewu-10 elandele lapho kube nongqongqoshe abawu-7!
Laba nguMnu Pravin Gordhan (2010-2014), uMnu Nhlanhla Nene (2014-2015), uMnu David "Des" Van Rooyen (okunehlaya ngaye lokuthi nguweekend special) yena ohlale izinsuku ezine kuphela, uMnu Gordhan oqhubeke kwaze kwaba ngoNdasa 2017, uMnu Malusi Gigaba (March 2017-February 2018), uMnu Nene (February 2018) obuyiselwe emuva kokukhishwa kukaMnu Jacob Zuma esikhundleni sokuba ngumengameli.