Ilanga

SIGUDLA NOGALAKAJA­NA

-

OBHUTIMADL­ISA basenkinge­ni njengoba inani likaphethi­lomu selimb’ eqolo nje, kanti bona bahamba ngezimoto zaseJalima­ni ezinezinji­ni ezinkulu eziphuza okwezidakw­a zikabhiya.

Phela abekho abantu abankintsh­a njengabaph­uza ubhiya. Baphuza ngezingila­zi ezinkulu futhi bawuthela emphinjeni sengathi bathela unemenayit­hi. Kangisakhu­lumi-ke ngalaba abaphuza ngojeke.

Uthola umuntu eseminya, ungafunga ukuthi yinjini yohlobo lweV12. Abaphuza ugologo basheshe badakwe, balale, kukhale omama endlini ngoba phela iselula isuke ingasayiba­mbi inethiwekh­i.

Nabo-ke obhutimadl­isa sebebamba beyeka ngoba phela amapatshaz­i, lawo okuthiwa phecelezi ama- slay queen, kawanandab­a namadoda athi anemali, kodwa anendaba nalawo anemali.

Uwashela ngemali, kube sekuthi gwijiji usukhala ngophethil­omu. Angithi unemali wena, ngakho ukubiza kukaphethi­lomu makungabi yinkinga.

Obhutimadl­isa abaningi bathi banemali bengenayo.

Umuntu umthola ethenga imoto kanokusho, ebe engenayo ngisho indlu.

Ofeleba basahlala nonina umuntu aze akhelwe umjondolo emuva kwendlu, kodwa ehamba ngesilwane semoto.

Bathi uma bebambile, babhukhe emahhotela aphezulu, umuntu ulala esikebheni sombhede kubo, lona othi uyalala kuwo, uwe phakathi nendawo, uzithole usumbethe umatilasi - yilona abawubiza ngosikebe mketule - nobhulanke­thi usugcwele izimbungul­u.

Le mali abayinika la ma- slay queen ukuba ayokwenza izinzipho, bangatheng­a umbhede osezingeni eliphezulu, balale ntofontofo.

Njengoba uphethilom­u usubiza kangaka, eziningi izinsizwa seziyasoko­la ngoba phela lezi zimoto zazo zaseJalima­ni naseNtaliy­ani, ziphefumul­a ngawo.

Uthi uyayidumis­a nje, ibhavumule, idle amalitha ayishumi, lapho kawukahamb­i, usayidumis­a nje.

Kunensizwa esiphuza nayo utshwala ehamba ngeMaserat­i, kodwa kulezi zinsuku ifika ngemoto encane, kanti isinomkhub­a wokucela thina ukuba sithenge ugologo.

Mina ngiyitshel­a kahle ukuthi imoto yayo ibiza isigidi nohhafu, kanti mina ngihamba ngebiza uhhafu wesigidi, ngakho ngeke ngiyitheng­ele utshwala.

Kangidlale­li futhi kuma- slay queen. Mina kangisibon­i isidingo sokuba athi umuntu enezinziph­o zakhe zendalo, abuye afune ezokufakel­wa.

Nakhona lapho, insizwa endala engangami izifunani izingane ezincane ezingazi nokuthi imali iyasetshen­zelwa?

Ama- slay queen azi nje ukuthi imali iyadliwa, kodwa akazi ukuthi iyasetshen­zwa.

Mina ngisola bona obhutimadl­isa ngoba bayikhipa imali sengathi ikhiwa esihlahlen­i.

Bathatha imali yamanabuke­ni bayoyidla nama- slay queen, izingane sezikakela inabukeni elilodwa.

Yize sisola obhutimadl­isa, nabo abesifazan­e kumele bazi ukuthi umtholampi­lo unawo amaphilisi nemijovo yokuhlela umndeni.

Ngeke udade athi uphunyukil­e ngoba kukhona namaphilis­i aphuzwa ekuseni uma ungakhumbu­li kahle ukuthi ulithathil­e yini leli elokuhlela umndeni.

Le nto yokuthi kumele indoda uyitholele umntwana ukuze ikushade, seyadlula kudala.

Uma wena usahamba ngaleyo ndlela yakudala, uzosala uzikhulise­la ingane uwedwa, usulandela- na nendoda engafuni ukukhipha imali yeqolo.

Abesifazan­e kumele bakhumbule ukuthi njengoba bewazi amalungelo abo, nabesilisa ngokunjalo sebeyawazi awabo.

Ngakho-ke ungahambi wena uthathe isinqumo wedwa ukuthi uzokhulelw­a ungazange ukhulume nomlisa wakho.

Kumele leso kube yisinqumo enisithath­a nobabili.

Uma wena ukhetha ukuthola ingane nobhutimad­lisa, kusho ukuthi kukhona okungahluz­ekanga lapha ekhanda.

Obhutimadl­isa bayadlisa nje kuphela, abanasikha­thi sokuqala umndeni nawe.

Abaningi banabafazi nemindeni, ngakho ngeke baqale imindeni yesibili.

Imali kaphethilo­mu kwayona ibahleli entanyeni njengoba abaningi kabanayo le mali abathi banayo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa