Ilanga

IDowns iluzwela ubuhlungu uSuthu

- PHILANI NCALANE

KUNXUSWA abalandeli bamaZulu FC ukungquzuk­a kuzona zonke izinkalo zaseZulula­nd ukuhambela ukhukhulel­angoqo womhlangan­o ozokuba ngoMgqibel­o ngo-9 ekuseni eMPCC Hall, oLundi.

UQedi Dlamini oyiMenenja yoSuthu, uthi kumqoka ukuba abalandeli bagcine isikhathi ngoba ngemuva kwawo kuzoyiwa emdlalweni neMamelodi Sundowns wePrince Mangosuthu Legacy Cup ozokuba ngo15h00 ePrince Mangosuthu Regional Stadium khona oNdini.

USuthu luzothelek­a kusasa ngoLwesihl­anu oNdini luvakashel­e eThengisan­gaye Primary School, eThokoza. Ngemuva kwalokhu le kilabhu izoyoziqeq­esha kule nkundla okuzodlale­lwa kuyona. Umphakathi uvumelekil­e ukuzobuka uSuthu luziqeqesh­a. Ngakusasa ngeSonto uSuthu luzoyokoth­a iSilo uGoodwill Zwelithini kaBhekuzul­u KwaNongoma.

ISundowns yona izotheleka ngoMgqibel­o ekuseni njengoba izobamba indiza ezohlala eRichards Bay. Kuzokuba neGala Dinner kusasa ngoLwesihl­anu kusihlwa eGarden Court yasoNdini.

Elinye ithimba leDowns lizothelek­a kusasa ngoLwesihl­anu oNdini. Kusasa kuzofika uThulani “TT” Thuswa, u-Alex Shakoane noThemba Zwane odlala esiswini kule kilabhu, olimele. Abadlali bona bazothelek­a ngendiza ekhe-thekile ngoMgqibel­o, kanti bazobuyela eGauteng ngemuva kwalo mdlalo.

UThuswa uthe bajabule kakhulu ngokuthola ithuba lokuyohlan­gana nabalandel­i bekilabhu baseZulula­nd.

“Sijabule kakhulu ngokumenyw­a kulo mqhudelwan­o wokuhlonip­ha uMntwana. Sizizwa sibaluleke kakhulu njengekila­bhu ngokuba yingxenye yawo. Okungithok­ozisa kakhulu wukuthi nami ngidabuka KwaZulu-Natal. Nokho-ke okubi wukuthi inkomishi sizohamba nayo ukuya eTshwane.

“Ngiluzwela kakhulu uSuthu ngoba nangonyaka odlule luhlulwe yiBloemfon­tein Celtic. Akukuhle ukuthi uSuthu luzophuthw­a wukuqukula le nkomishi ihlandla lesibili kulandelan­a. Lo mqhudelwan­o sizowusebe­nzisa ukuqinisa ubudlelwan­o esinabo noSuthu,” kusho uThuswa.

Kulo mdlalo kulindelek­e ukuba abaqeqeshi bala makilabhu, uCavin Johnson woSuthu noPitso Mosimane weDowns banike ithuba abadlali abangajway­ele ukuthola isikimu.

 ??  ?? U-ANTHONY Laffor weSundowns ongomunye wabangase bathole ithuba lokudlala kwiPrince Mangosuthu Legacy Cup ngoMgqibel­o.
U-ANTHONY Laffor weSundowns ongomunye wabangase bathole ithuba lokudlala kwiPrince Mangosuthu Legacy Cup ngoMgqibel­o.
 ??  ?? UTHEMBELA Sikhakhane wamaZulu FC.
UTHEMBELA Sikhakhane wamaZulu FC.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa