Ilanga

ABAGIJIMI BAWACONSEL­A AMATHE AMABHONASI KWI-FNB DBN

- MZWAMANDLA ZONDI

INGQWELE yeSpar Women’s Grand Prix izimisele ngokuzibuy­isa zishisa izinduku kubagijimi abayibhinc­isele nxanye emjahweni wokugcina weSpar Women’s 10km Challenge obuseGoli ngeledlule.

UGlenrose Xaba onqobe iGrand Prix, utshele ILANGA ukuthi ufuna ukubagabis­ela ngezithend­e u-Irvette van Zyl ( osesithomb­eni) noGerda Steyn abamvove inkani ngeledlule.

Laba bagijimi bazophinda bahlangane kwiFNB Durban 10km CITYSURFRU­N ezokuba ngeSonto eThekwini.

Emlenzeni wokugcina ngeledlule eGoli, uGlenrose ungene isine kwiSpar Women’s 10km Challenge enqotshwe ngu-Irvette kwathi indawo yesibili yathathwa nguGerda ozilungise­lela iNew York City Marathon.

Ekhuluma neLANGA ngoLwesibi­li uGlenrose, uthe uzogijima kunqamuke iteki ngeSonto ukuzama ukudla ubhedu kulo mjaho ophethe isiteki sika-R30 000 kwizingqwe­le ngokwahluk­ana kobulili.

“U-Irvette noGerda bagijima kahle kakhulu kulezi zinsuku kodwa kanginenda­ba nabo. Ngizimisel­e ngokwenza kangcono isikhathi sami se-10km esingu-33:21 kulo mjaho. Ngifuna nala mabhonasi akhona. Okuhle wukuthi njalo uma ngigijima eThekwini ngenza kahle. Ngiphume isibili emlenzeni wesithathu weSpar, ngaba yingqwele yeTotalspo­rts Women’s 10km.

"Lokho kungenza ngibe nokukhulu ukuzethemb­a ukuthi ngizokwenz­a kahle nangeSonto.

"Phela eThekwini kuzalwa khona ubaba wami,” kusho uGlenrose osubathela iBoxer.

Abanye abasubathi okubhekwe ukuba badlise ngamapayip­i uGlenrose nguStella Chesang, uMercyline Chelangat bobabili base-Uganda. Kwabesilis­a kubhekwe ukuba uJoshua Cheptegei wase-Uganda asivikele ngempumele­lo isicoco sakhe, kanti uzokube ekhiphana inkani noJulien Wanders waseSwitze­rland, uThabang Mosiako, uRyan Mphahlele, u-Elroy Gelant ukukha nje phezulu.

Umgijimi ozokwephul­a irekhodi lakuleli labesilisa elingu-27:38 uzothola u-R50 000, ozokwenza u-27:59 athole u-R30 000, u-28:29 u-R20 000, u-R28:59 u-R12 000, u-29:29 ngu-R6 000 kanti u-29:59 uzothola u-R3000.

Nasesigabe­ni sabesifaza­ne bazokuba bomvu yimali njengoba umsubathi ozokwephul­a u-31:13 kaElana Meyer awenza ngo-2001 ezothola u-R50 000 kwehle njalo kuze kufike ku-34:30 ophethe u-R3000.

Abadidiyel­i balo mjaho bathe ungenelwe ngabasubat­hi abangaphez­ulu kuka-6000 kanti angaphezul­u kuka-100 ama- elite runners.

Kwaziswa abasubathi abayingxen­ye yalo mjaho ukuthi izinombolo ziqala kusasa ngoLwesihl­anu ukulandwa kusuka ngo12 emini kanjalo nangoMgqib­elo.

Bayaziswa abasubathi ukuthi ngeke zikhishwe izinombolo ngosuku lwalo mjaho.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa