Bakha 'amatafula' ngamatshe amathuna
Basola ukuthi antshontshelwa ukuyokwenza amakhabethe
IPHITHENE amakhanda, iyaveva yintukuthelo imindeni enezihlobo ezingcwatshwe emathuneni aseJenezane, eLa Mercy, ngasoThongathi, okuntshontshwe amatshe emathuneni ezihlobo zayo.
Angaphezulu kuka-20 amathuna agqejuliwe kwantshontshwa amatshe kanti kunezinsolo zokuthi lokhu kwenziwa ngabantu abasuke befuna ukwenza amakhabethe ngalolu hlobo lwetshe elibizwa nge- granite.
Ngokuthola kweLANGA, la mathuna kawagadwa, okwenza kube lula kubantu ukuzingenela baziphumele ngaphandle kokubonwa. Eduze kwalawo okuntshontshwe amantshe awo, kunemilobo yamasondo eloli, okwenza ziqine izinsolo zokuthi kukhona abawebayo.
ILANGA liye kula mathuna ngoLwesibili, lathola ukuthi kulula ukungena ngaphakathi njengoba kungekho nogada esangweni. Okucacile wukuthi uma itshe libhaliwe, kalithathwa, izigilamkhuba zimandla kulawa angabhaliwe.
Kubikwa ukuthi ingaphezu kwemibili iminyaka kuvaliwe ukumbiwa kwemigodi emisha kula mathuna kanti abasawasebenzisa, banesivumelwano seminyaka ewu10 noMasipala weTheku ukuthi bangawasebenzisa uma kunesihlobo esishonile - sifihlwe ethuneni elivele lisebenzile.
Umndeni wakwaNgema, eHambanathi, oThongathi, ukhala uyazithulisa njengoba ufike ethuna lesihlobo sawo libhodloziwe kwathathwa leli litshe. Ilungu lalo mndeni, uNkz Princess Ngema, lithi bajwayele ukuya kula mathuna beyobheka isimo lapho kufihlwe khona izihlobo.
“Umfowethu ungcwatshwe kula mathuna ngo-2007 kanti njalo ngonyaka siwumndeni siyafika sizokhuleka. Nayizolo ngifikile ngithi ngizobheka ukhula, ngithuke kwaphela nasozwanini uma ngifika itshe lomfowethu lisusiwe kwashiywa lapho kubhalwe khona umlando wakhe kuphela. Ngiqalaze elinye lakithi elikuyona le ndawo, ngenhlanhla ngathola ukuthi lona kalonakele.
“Engikuqaphelile wukuthi bekungelona elomfowethu kuphela elintshontshiwe, abemaningi,” kusho uNkz Ngema othi akuqaphelile kuthathwa awegranite kuphela.
Uthi lokhu kuyabakhathaza emndenini ngoba leli litshe liyabiza kanti sekumele bakhokhe enye imali ukulilungisa.
UMnu Thami Kaunda, naye oselenze kabusha ithuna lakubo - emuva kokuba kuntshontshwe itshe - uthe: “Elikababa sifike ligqejuliwe saze saphoqeleka ukulenza kabusha. Lokhu kuyasikhathaza ngoba sikhiphe imali yesivumelwano seminyaka ewu-10 nomasipala ukuze sizokwazi ukungcwaba khona njengoba esevaliwe la mathuna.
“Okunye okwenza sikhathazeke wukuthi akude nemiphakathi kanti futhi kawagadiwe. Lokhu kwenza kube nzima ukusheshe sifinyelele ukuze sizosheshe sibone uma kunomonakalo,” kusho yena.
Uthi leli tshe ulifake ngo-R16 500, walilungisa ngo-R4 700 emuva komonakalo.
Okhulumela umasipala weTheku, uMnu Msawakhe Mayisela, uthi bayakugxeka kakhulu lokhu okwenzekayo kanti kuwukhathaza kakhulu umasipala ukwebiwa kwamatshe njengoba kuyinto esivamile ukwenzeka.
Uthi umasipala kawunabo onogada abaqapha emathuneni kodwa baye baqaphe isakhiwo sikamasipala esisuke sikulawo mathuna.
“Siyazwelana nemindeni eyehlelwe yilokhu kanti sikhathazeke kakhulu ngalo mkhuba ngoba sekuyinto ejwayelekile. Uma kukhona lapho kubonakala khona ukuthi lo mkhuba uyanda, kuye kuqiniswe onogada yize umasipala ungahlangene nokusuke kungaphezulu kodwa ungenelela uma kwebiwe okungaphansi komhlaba okungaba yisidumbu,” kusho yena.