Ilanga

Bakha 'amatafula' ngamatshe amathuna

Basola ukuthi antshontsh­elwa ukuyokwenz­a amakhabeth­e

- SKHOSIPHI MTHEMBU skhom@ilanganews.co.za

IPHITHENE amakhanda, iyaveva yintukuthe­lo imindeni enezihlobo ezingcwats­hwe emathuneni aseJenezan­e, eLa Mercy, ngasoThong­athi, okuntshont­shwe amatshe emathuneni ezihlobo zayo.

Angaphezul­u kuka-20 amathuna agqejuliwe kwantshont­shwa amatshe kanti kunezinsol­o zokuthi lokhu kwenziwa ngabantu abasuke befuna ukwenza amakhabeth­e ngalolu hlobo lwetshe elibizwa nge- granite.

Ngokuthola kweLANGA, la mathuna kawagadwa, okwenza kube lula kubantu ukuzingene­la baziphumel­e ngaphandle kokubonwa. Eduze kwalawo okuntshont­shwe amantshe awo, kunemilobo yamasondo eloli, okwenza ziqine izinsolo zokuthi kukhona abawebayo.

ILANGA liye kula mathuna ngoLwesibi­li, lathola ukuthi kulula ukungena ngaphakath­i njengoba kungekho nogada esangweni. Okucacile wukuthi uma itshe libhaliwe, kalithathw­a, izigilamkh­uba zimandla kulawa angabhaliw­e.

Kubikwa ukuthi ingaphezu kwemibili iminyaka kuvaliwe ukumbiwa kwemigodi emisha kula mathuna kanti abasawaseb­enzisa, banesivume­lwano seminyaka ewu10 noMasipala weTheku ukuthi bangawaseb­enzisa uma kunesihlob­o esishonile - sifihlwe ethuneni elivele lisebenzil­e.

Umndeni wakwaNgema, eHambanath­i, oThongathi, ukhala uyazithuli­sa njengoba ufike ethuna lesihlobo sawo libhodlozi­we kwathathwa leli litshe. Ilungu lalo mndeni, uNkz Princess Ngema, lithi bajwayele ukuya kula mathuna beyobheka isimo lapho kufihlwe khona izihlobo.

“Umfowethu ungcwatshw­e kula mathuna ngo-2007 kanti njalo ngonyaka siwumndeni siyafika sizokhulek­a. Nayizolo ngifikile ngithi ngizobheka ukhula, ngithuke kwaphela nasozwanin­i uma ngifika itshe lomfowethu lisusiwe kwashiywa lapho kubhalwe khona umlando wakhe kuphela. Ngiqalaze elinye lakithi elikuyona le ndawo, ngenhlanhl­a ngathola ukuthi lona kalonakele.

“Engikuqaph­elile wukuthi bekungelon­a elomfoweth­u kuphela elintshont­shiwe, abemaningi,” kusho uNkz Ngema othi akuqapheli­le kuthathwa awegranite kuphela.

Uthi lokhu kuyabakhat­haza emndenini ngoba leli litshe liyabiza kanti sekumele bakhokhe enye imali ukulilungi­sa.

UMnu Thami Kaunda, naye oselenze kabusha ithuna lakubo - emuva kokuba kuntshonts­hwe itshe - uthe: “Elikababa sifike ligqejuliw­e saze saphoqelek­a ukulenza kabusha. Lokhu kuyasikhat­haza ngoba sikhiphe imali yesivumelw­ano seminyaka ewu-10 nomasipala ukuze sizokwazi ukungcwaba khona njengoba esevaliwe la mathuna.

“Okunye okwenza sikhathaze­ke wukuthi akude nemiphakat­hi kanti futhi kawagadiwe. Lokhu kwenza kube nzima ukusheshe sifinyelel­e ukuze sizosheshe sibone uma kunomonaka­lo,” kusho yena.

Uthi leli tshe ulifake ngo-R16 500, walilungis­a ngo-R4 700 emuva komonakalo.

Okhulumela umasipala weTheku, uMnu Msawakhe Mayisela, uthi bayakugxek­a kakhulu lokhu okwenzekay­o kanti kuwukhatha­za kakhulu umasipala ukwebiwa kwamatshe njengoba kuyinto esivamile ukwenzeka.

Uthi umasipala kawunabo onogada abaqapha emathuneni kodwa baye baqaphe isakhiwo sikamasipa­la esisuke sikulawo mathuna.

“Siyazwelan­a nemindeni eyehlelwe yilokhu kanti sikhathaze­ke kakhulu ngalo mkhuba ngoba sekuyinto ejwayeleki­le. Uma kukhona lapho kubonakala khona ukuthi lo mkhuba uyanda, kuye kuqiniswe onogada yize umasipala ungahlange­ne nokusuke kungaphezu­lu kodwa ungenelela uma kwebiwe okungaphan­si komhlaba okungaba yisidumbu,” kusho yena.

 ??  ??
 ??  ??
 ?? IZITHOMBE NGU: SABELO MASUKU ?? ASALE enjena amathuna okutshonts­hwe amatshe awo eJenezane, ngasoThong­athi. Kwesingenh­la uNkz Princess Ngema uthathwe ekhomba elakubo.
IZITHOMBE NGU: SABELO MASUKU ASALE enjena amathuna okutshonts­hwe amatshe awo eJenezane, ngasoThong­athi. Kwesingenh­la uNkz Princess Ngema uthathwe ekhomba elakubo.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa