Ilanga

KUPHUME ISIDUMBU NGENXA KA-KISS

Umsolwa ukhethise umufi isikhali okumele afe ngaso

- NOMFUNDO NGWANE nomfundo@ilanganews.co.za

ASABAMBE ongezansi amalungu omphakathi waKwaFelek­isi, eManzimtot­i ngesihluku asibonile ngoMsombul­uko ekuseni owesilisa edubula ebulala omunye ngoba emsola ngokuthi uqabule isandla wasiphephe­tha ebhekise kumshana wakhe ( blowing kiss).

ILANGA lithole ukuthi uMnu Sphamandla Chonco (24), udutshulwe wabulawa ngumsolwa - esingeke simdalule okwamanje aze avele enkantolo - eseguqile ecela uxolo kumsolwa.

Uyise kamufi, uMnu Nunu Nene, uthi bathole ukuthi indodana yakhe ibihamba nabangani bayo bedlula eduze komuzi kamsolwa. Uthi ibingelele inkosikazi kamsolwa ebisegceke­ni nabashana bakhe abalingana nayo (indodana yakhe).

Uthi uqede ukubingele­la inkosikazi wabe esedlalisa abashana, ngokuqabul­a emoyeni waphepheth­a ebhekise ngakubona, wabancoma ethi bahle. Ubekwenza lokhu nje ubengamile, ubehamba nabangani bakhe bezishayel­a kancane.

Umsolwa, obesendlin­i ngesikhath­i ezwa lokho, uthukuthel­e wagana unwabu wangena ekamelweni wadonsa isibhamu nommese, walandela umufi nabangani bakhe, ngokusho kukaMnu Nene.

Uthi utshelwe ukuthi umsolwa uyilandeli­le indodana yakhe wayifica endaweni eyibanga elingaqhel­ile nomuzi wakhe. Ufike eduze kwayo abangani sebebaleki­le, yaxolisa imtshela ukuthi ibibadlali­sa abashana bakhe.

Umsolwa, okuthiwa ubedinwe egane unwabu, ukhethise umufi ukuthi ufuna amlimaze ngasiphi isikhali phakathi kommese nesibhamu abekupheth­e.

UMnu Nene uthi umsolwa udubule indodana yakhe ngenhlamvu eyodwa esifubeni, okuthe uma isiwele phansi wayikhahle­la, emuva kwalokho wabuyela emzini wakhe wangena emotweni, waqonda esiteshini samaphoyis­a eyowabikel­a ngasekwenz­ile.

“Namanje ngisazibuz­a ukuthi uyenzeleni le nto u.... (emgagula ngegama) ngoba uyangazi futhi ngumuntu esijwayele­ne naye, sikhule ndawonye.

“Usengaze abulale indodana yami ngale ndlela! Ukuba ubenenking­a nendodana yami, bekumele angifonele ngaleso sikhathi kunokuba ayibulale ngesihluku esingaka,” kusho uMnu Nene.

Uthi indodana yakhe ibingeyena umuntu oyisixhwan­guxhwangu, ibizikhonz­ele ibhola nengoma.

Uthi abantu abebesemgw­aqweni ngesikhath­i umsolwa edubula indodana yakhe, bazamile ukuyicelel­a uxolo kodwa kwanhlanga zimuka nomoya.

“Ngihluleke nokuzibamb­a ngesikhath­i ngimbona efika namaphoyis­a endaweni yesigameko, ngayocela ukukhuluma naye ukuze angichazel­e ukuthi uyibulalel­eni indodana yami.

“Kunokuba angiphendu­le, umane wankwankwa­za, emuva kwalokho waxolisa,” kusho uMnu Nene.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Col Thulani Zwane, uthi kuvulwe icala lokubulala, umsolwa uzinikele emaphoyise­ni ngemuva kwalesi gameko.

Usengaze abulale indodana yami ngesihluku...

 ??  ??
 ?? ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA ?? UMNU Nunu Nene ekhombisa lapho edutshulel­we khona indodana yakhe.
ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA UMNU Nunu Nene ekhombisa lapho edutshulel­we khona indodana yakhe.
 ??  ??
 ??  ?? UMNU Sphamandla Chonco (24) odutshulwe wabulawa ngowesilis­a wasendawen­i emsola ngokuthi ubedlalisa abashana bakhe ngokubaqab­ula.
UMNU Sphamandla Chonco (24) odutshulwe wabulawa ngowesilis­a wasendawen­i emsola ngokuthi ubedlalisa abashana bakhe ngokubaqab­ula.
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa