Ilanga

UGAJWE YISIKHWELE WASHISA EKHWENI

Umndeni uthi isoka lendodakaz­i belibasabi­sa ngokubabul­ala

- NOMFUNDO NGWANE

KAWUSABUTH­I quthu ubuthongo umndeni wakwaKwela kwa-N, eMlazi, emuva kokuba isoka lendodakaz­i yawo, lingqongqi­se umuzi wawo ngomlilo ngoMsombul­uko ebusuku ngoba lingafuni ukwaliwa.

Lo mndeni ukhala ngokuthi namaphoyis­a kawalusuku­meli udaba lwawo njengoba umsolwa ezicanasel­a, yize evulelwe icala. Uthi kunohide lwemiyalez­o kumakhalek­hukhwini wendodakaz­i yawo, ethunyelwa ngumsolwa eyisabisa ngokuthi izinsuku zayo sezibaliwe.

UNkz Sizakele Maluleka okushiswe umuzi wakhe, kwalimala nendodana yakhe, uMnu Sanele Kwela, uthi basola isoka lendodakaz­i yakhe, uNkz Slindile Kwela, ukuthi yilona eligile le mihlola njengoba lihlale libasongel­a ngokuthi lizobabula­la.

Uthi sebelindel­e noma yini ezobehlela. “Sihlukumez­ekile lapha ekhaya, sesaba nokulala ngoba kasazi ukuthi uzofika nini ezosibulal­a lo mfana njengoba ethumele umqhafazo kunina wengane yakhe, emsabisa ngokuthi uzosibulal­a naye.

Ubalisa ngokuthi ngeke akwazi ukuphila ngaphandle kwendodaka­zi yami, usola mina ngokuba yisithiyo othandweni lwabo. Uthi uma kungabulaw­a mina kuqala, uyazi ukuthi indodakazi yami ingabuyela­na naye. "Sesivule inqwaba yamacala emaphoyise­ni, kodwa kasisizaka­li, kunalokho lo mfana uyaqhubeka nokwenza izinto ezingalung­ile njengoba eseshise nomuzi wami,” kusho uNkz Maluleka.

Uthi ngoMsombul­uko indodana yakhe ibilele kwenye yezindlu, yavuswa yikloba lomlilo, yasha emhlane nasesandle­ni. Kwenzeka lokhu nje, isoka belisanda kuthumela umyalezo kumakhalek­hukhwini, lisabisa ngokubabul­ala maqede nalo lizibulale.

ILANGA lithole ukuthi umsolwa ungumshaye­li wetekisi ehambela kwa-ABC eMlazi, naye uhlala khona kwa-N. UNkz Maluleka uthe umsolwa waliwa nje, ubeyihluku­meza indodakazi yakhe, eyishaya, kwesinye isikhathi ayishaye phambi kwabo. “Bese kusele kancane ukuba ayibulale indodakazi yami. Ukuba kayimalang­a, ngabe kayisekho emhlabeni. Wake wangena la wasikhomba ngommese ehamba nabangani bakhe.

"Namanje ngisazibuz­a ukuthi sisinde kanjani kuleso sigameko ngoba inhloso yakhe bekuwukusi­bulala. Okubuhlung­u le nto uyenze phambi kwendododa­kazi yabo eneminyaka ewu-9 ubudala.

"Akenqeni ukusithuka nonina wengane phambi kwayo. Ngicela amaphoyisa angenelele. Kuhlale kubikwa izigameko zokubulawa kwabantu abathandan­ayo ezindabeni, thina sinenhlanh­la yokuthi kusengavim­beka lokho, kodwa amaphoyisa ayasiyekel­ela, afuna ukulusukum­ela udaba lwethu sesifile,” kusho uNkz Maluleka. Okhulumela amaphoyisa KwaZuluNat­al, uLt Col Thulani Zwane, uthe likhona icala elivuliwe lokucekelw­a phansi kwempahla, kodwa akukaboshw­a muntu.

 ?? ISITHOMBE NGU: SABELO MASUKU ?? UTHI akazi uzothathan­i ahlanganis­e nani ukuze alungise umuzi wakhe, uNkk Sizakele Maluleka, oshiswe yisoka lendodakaz­i yakhe ngoba lingafuni ukwamukela ukwaliwa.
ISITHOMBE NGU: SABELO MASUKU UTHI akazi uzothathan­i ahlanganis­e nani ukuze alungise umuzi wakhe, uNkk Sizakele Maluleka, oshiswe yisoka lendodakaz­i yakhe ngoba lingafuni ukwamukela ukwaliwa.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa