UGAJWE YISIKHWELE WASHISA EKHWENI
Umndeni uthi isoka lendodakazi belibasabisa ngokubabulala
KAWUSABUTHI quthu ubuthongo umndeni wakwaKwela kwa-N, eMlazi, emuva kokuba isoka lendodakazi yawo, lingqongqise umuzi wawo ngomlilo ngoMsombuluko ebusuku ngoba lingafuni ukwaliwa.
Lo mndeni ukhala ngokuthi namaphoyisa kawalusukumeli udaba lwawo njengoba umsolwa ezicanasela, yize evulelwe icala. Uthi kunohide lwemiyalezo kumakhalekhukhwini wendodakazi yawo, ethunyelwa ngumsolwa eyisabisa ngokuthi izinsuku zayo sezibaliwe.
UNkz Sizakele Maluleka okushiswe umuzi wakhe, kwalimala nendodana yakhe, uMnu Sanele Kwela, uthi basola isoka lendodakazi yakhe, uNkz Slindile Kwela, ukuthi yilona eligile le mihlola njengoba lihlale libasongela ngokuthi lizobabulala.
Uthi sebelindele noma yini ezobehlela. “Sihlukumezekile lapha ekhaya, sesaba nokulala ngoba kasazi ukuthi uzofika nini ezosibulala lo mfana njengoba ethumele umqhafazo kunina wengane yakhe, emsabisa ngokuthi uzosibulala naye.
Ubalisa ngokuthi ngeke akwazi ukuphila ngaphandle kwendodakazi yami, usola mina ngokuba yisithiyo othandweni lwabo. Uthi uma kungabulawa mina kuqala, uyazi ukuthi indodakazi yami ingabuyelana naye. "Sesivule inqwaba yamacala emaphoyiseni, kodwa kasisizakali, kunalokho lo mfana uyaqhubeka nokwenza izinto ezingalungile njengoba eseshise nomuzi wami,” kusho uNkz Maluleka.
Uthi ngoMsombuluko indodana yakhe ibilele kwenye yezindlu, yavuswa yikloba lomlilo, yasha emhlane nasesandleni. Kwenzeka lokhu nje, isoka belisanda kuthumela umyalezo kumakhalekhukhwini, lisabisa ngokubabulala maqede nalo lizibulale.
ILANGA lithole ukuthi umsolwa ungumshayeli wetekisi ehambela kwa-ABC eMlazi, naye uhlala khona kwa-N. UNkz Maluleka uthe umsolwa waliwa nje, ubeyihlukumeza indodakazi yakhe, eyishaya, kwesinye isikhathi ayishaye phambi kwabo. “Bese kusele kancane ukuba ayibulale indodakazi yami. Ukuba kayimalanga, ngabe kayisekho emhlabeni. Wake wangena la wasikhomba ngommese ehamba nabangani bakhe.
"Namanje ngisazibuza ukuthi sisinde kanjani kuleso sigameko ngoba inhloso yakhe bekuwukusibulala. Okubuhlungu le nto uyenze phambi kwendododakazi yabo eneminyaka ewu-9 ubudala.
"Akenqeni ukusithuka nonina wengane phambi kwayo. Ngicela amaphoyisa angenelele. Kuhlale kubikwa izigameko zokubulawa kwabantu abathandanayo ezindabeni, thina sinenhlanhla yokuthi kusengavimbeka lokho, kodwa amaphoyisa ayasiyekelela, afuna ukulusukumela udaba lwethu sesifile,” kusho uNkz Maluleka. Okhulumela amaphoyisa KwaZuluNatal, uLt Col Thulani Zwane, uthe likhona icala elivuliwe lokucekelwa phansi kwempahla, kodwa akukaboshwa muntu.