Lokhu akwehlukile nokugida ndawonye
MHLELI: Isenzo sikaMengameli Cyril Ramaphosa sokuqoka uMnu Tito Mboweni kwesokuba ngungqongqoshe wezemali - esishiywe nguMnu Nhlanhla Nene - kasihlukile nokugxumela ndawonye kuhle kwentombazane edlala ingqathu, nokushovela ingolovane emuva.
Akwenzile kuyisixazululo sesikhashana. Ngokwencwadi nangokolwazi analo ungqongqoshe omusha, ngiyavuma unamagalelo impela, kodwa kungani kuhlehlwa kuphanjanwe nesikhathi?
Kungani kungabhekwanga abaholi abasebasha kwezemali, abasengakhathula indima enkulu ekuthuthukisweni kwezomnotho eNingizimu Afrika, abanesasasa abazi nobuchwepheshe besimanje?
UMnu Mboweni ngiyamazi ukhaliphile impela, unomlando oqhakazile,
LIKHULU isasasa ngokuqokwa kukangqongqoshe omusha wezemali, uMnu Tito Mboweni ngenxa yamagalelo akhe angangatshazwa kwezomnotho njengoba eminyakeni edlule eke waba ngumphathi webhange lombuso. Ezinkundleni zokuxhumana sishayelwe ihlombe isenzo sobengungqongqoshe wezemali, uMnu Nhlanhla Nene, ofake incwadi yokwesula kulesi sikhundla nakuba iningi labantu lithi makachaze kabanzi ngemihlangano yakhe nomndeni wakwaGupta.
Bheki Mavuso: Kumele ahlonishwe uMnu Nene ngesinqumo sakhe esihle ngoba sikhombisa ngokusobala ukuthi uthembekile, uyawuhlonipha umphakathi, akafani nezinye izikhulu zosombusazwe okudingeka ukuba zize zikhishwe ngendluzula emahhovisi.
Sizwe Foley: UNhlanhla Nene ungumholi owamukelayo amaphutha akhe kodwa sikuphi isidingo sokuba namawundlu uma kusasetshenziswa amabhubesi ayekade ebona?
Umdlandla usazoba khona nje wokulwa, azikhandle ngokwanele ukuze afukule umnotho ozikayo?
Usezuze konke uMnu Mboweni, ubizwa empeshenini kuthiwa makathathe izintambo kulesi sikhundla esishiywe nguMnu Nene naye onechilo elibi lokungaqedi ngisho unyaka - amahlandla aze abe mabili eshiya - wumkhokha omubi lowo.
UMnu Mboweni ufunde e-United Kingdom (UK) nakwamanye amazwe ase-Europe, kanti ube ngowesi-8 ukuqhoqhobala isikhundla sokuba ngumphathi webhange lombuso (Reserve Bank), ube ngowokuqala kwabampisholo ukuphatha lesi sikhundla eNingizimu Afrika.
nokwaziyo ukuthi uma sekuphumele emphakathini okungekuhle ngaye, bese ephumela eshashalazini asule, akafani nalaba abathi siwumgogodla we- national
executive commitee (NEC). Siyabadinga abanye abaholi abangenawo umona. UMalusi Gigaba nabanye ongqongqoshe bakhe bakwaGupta, kumele balandele basule nabo. Isaac C Nkosi kaDlamini:
Akazivolontiyelanga wasula esikhundleni, kodwa ubebhekane nengcindezi. Bekungekho abengakwenza. Vele ubesehlomulile kwiPublic Investement Corporation (PIC) nengane yakhe.
Lebelo Charles Nkathale: UNhlanhla Nene uvele wenza izinto zabalula kuzona zonke izakhamizi zaseNingizimu Afrika. Silindele okuhle kodwa kuwena Tito Mboweni. Kotsedi Mothibe: Kumele uMnu Nhlanhla Nene atshele izwe ukuthi
Unaso yena isipiliyoni namagalelo okusiphatha kodwa kangigculiseki ngokuqokwa kwakhe, mina bengibheke uMnu Mcebisi Jonas.
Inkinga wukuthi usikhabile isimemo sikaMengameli Ramaphosa.
Ubona neBafana Bafana ingayi ndawo nje, yikhona ukugida ndawonye kwezikhulu ezingalazi ibhola lezinyawo. Nango-ke nomengameli ubuyisa umuntu empeshenini, ngeke lubekhona uzinzo erandini nakuphethiloli.
Phela lezi zinto zidinga umuntu osemusha, onomdlandla. Nokho kakulahlwa mbeleko ngakufelwa, ithemba kalibulali, umuntu akalahlwa!!!
ubesuke exoxani nomndeni wakwaGupta kule mihlangano.
Kumele asitshele lonke iqiniso, achaze kabanzi ngezinsolo ezibhekiswe kuyena ngokuhlangana kwakhe nabakwaGupta. Ukungaphumeli kwakhe obala kuyobe kusho ukuthi akekho msulwa.
Buyani Mgcini Zondi: Bekusesekuseni kakhulu ukuba asule esikhundleni uMnu Nene ekubeni engakalichazeli izwe ngemihlangano yakhe nabakwaGupta.
Makangajahi ukwesula ngoba nakhu ebona esha emanzini abilayo. Makachaze kabanzi ngokuhlomula kwengane yakhe.
Siyamcela Hilton Nxathi: Nakuba ngikwamukela ukuqokwa kukaMnu Tito Mboweni, kodwa kusasele inselelo enkulu yokuthi kuleli lizwe lenkululeko esiphila kulona akaze aqokwe owesifazane ukuba abhekane nalesi sikhundla sokwengamela imali.