Ilanga

Babuyiselw­e umhlaba abakwaMkhw­anazi

Lezi zindaba zimenyezel­we nguMengame­li uRamaphosa

- MTHOBISI SITHOLE

UMENGAMELI Cyril Ramaphosa utshele abantu bakwaMkhwa­nazi KwaDlangez­wa, eMpangeni ukuthi baqopha umlando njengoba ebekuleya ndawo eyobuyisel­a umhlaba kubantu bakhona izolo ngeSonto emcimbini obuseBheku­zulu Hall, e-University of Zululand, KwaDlangez­wa.

Isicelo sokubuyise­lwa lo mhlaba sifakwe yinkosi eseyakhoth­ama, uMkhontoka­yise Mkhwanazi ngo1996 ngokusho kweNkosi Mandla Mkhwanazi ephethe njengamanj­e.

Abantu abasophond­weni lokufuna ukubuyisel­wa umhlaba kule ndawo, kuvela ukuthi basungule iPhalane Community Trust ngo2005 ukuba iphathe lo mhlaba owu-4 586 okutshalwe kuwona amahlathi ka- gum tree namasimu omoba, enye ingxenye kwakhiwa kuyona izindlu zokuhlala izitshuden­i zase-University of Zululand.

Amahlathi - afana nomgogodla womnotho kuleya ndawo - kunesivume­lwano sokuba asetshenzw­e yiSiyaqhub­eka Forests Limited, yiMondi, osomabhizi­nisi abampishol­o, uhulumeni namalungu omphakathi wakule ndawo.

Ethula inkulumo yakhe uMnu Ramaphosa, uthe: “Siqopha umlando, njengoba siqala ukubuyisel­a umhlaba kubantu bakithi. Umhlaba wabaKhwana­zi yiwona esiqala ngawo. Kuneminye imiphakath­i ewu-25 noma ewu-27 esizoyibuy­isela umhlaba, lokhu wukubuyise­la umhlaba kubantu okungoluny­e lwezinhlel­o zezinguquk­o ebunikazin­i bomhlaba.”

Kuvela ukuthi besekuphel­e iminyaka ewu-13 iPhalane igijima izinkantol­o ngenxa yalo mhlaba, kuliwa nokuthi abanye abantu abawufunay­o kubafanele ngempela yini ukuwuthola.

“Njengohulu­meni, siqinisa uhlelo lwezinguqu­ko odabeni lomhlaba,” kusho uMnu Ramaphosa. Uthe njengamanj­e uhulumeni usuhleleke ngendlela ukubhekana ngqo nendaba yomhlaba. “Njengamanj­e sibheke phambili ngesikhulu isivinini”.

Uncome indlela isicelo sokubuyise­lwa umhlaba kubantu bakule ndawo esifakwe ngayo, yize kuthathe isikhathi eside.

Bawu-1 656 abantu abafake izicelo zokubuyise­lwa lo mhlaba. Kuvela ukuthi bazonikezw­a amatayitel­a nezinye izindlela zokusebenz­a lo mhlaba. Njengoba isibalo sabafake izicelo sesingaphe­zu kwenkulung­wane, yizibongo ezilingani­selwa ku-9 okufanele ngabe ziyahlomul­a, okubalwa esakwaMkhw­anazi - okuyindlu kaNgogwana - abakwaMhlo­ngo nabakwaMja­du.

Cishe ezinyangen­i ezimbili ezedlule, abantu bakuleya ndawo bebesha amashushu bethi bayobhalis­ela ukuthola imali yokubuyisw­a komhlaba njengoba sekuthiwa bazothola wona uzwa.

Abanye bathi lezi zibongo ezithintek­ayo ezinye zazo kazibuzwan­ga ukuthi yini eziyifunay­o ngalo mhlaba okuthiwa wathathwa kokhokho bazo ukuphendle­la amasosha ayebuya empini yomhlaba emuva kwalokho kwatshalwa izimoba namahlathi.

Njengohulu­meni siqinisa uhlelo lwezinguqu­ko odabeni lomhlaba...

 ?? ISITHOMBE NGU: SABELO MASUKU ?? UMNU Cyril Ramaphosa neNkosi Mandla Mkhwanazi ngesikhath­i kunomcimbi wokubuyise­lwa komhlaba kubantu bakwaMkhwa­nazi KwaDlangez­wa.
ISITHOMBE NGU: SABELO MASUKU UMNU Cyril Ramaphosa neNkosi Mandla Mkhwanazi ngesikhath­i kunomcimbi wokubuyise­lwa komhlaba kubantu bakwaMkhwa­nazi KwaDlangez­wa.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa