Babuyiselwe umhlaba abakwaMkhwanazi
Lezi zindaba zimenyezelwe nguMengameli uRamaphosa
UMENGAMELI Cyril Ramaphosa utshele abantu bakwaMkhwanazi KwaDlangezwa, eMpangeni ukuthi baqopha umlando njengoba ebekuleya ndawo eyobuyisela umhlaba kubantu bakhona izolo ngeSonto emcimbini obuseBhekuzulu Hall, e-University of Zululand, KwaDlangezwa.
Isicelo sokubuyiselwa lo mhlaba sifakwe yinkosi eseyakhothama, uMkhontokayise Mkhwanazi ngo1996 ngokusho kweNkosi Mandla Mkhwanazi ephethe njengamanje.
Abantu abasophondweni lokufuna ukubuyiselwa umhlaba kule ndawo, kuvela ukuthi basungule iPhalane Community Trust ngo2005 ukuba iphathe lo mhlaba owu-4 586 okutshalwe kuwona amahlathi ka- gum tree namasimu omoba, enye ingxenye kwakhiwa kuyona izindlu zokuhlala izitshudeni zase-University of Zululand.
Amahlathi - afana nomgogodla womnotho kuleya ndawo - kunesivumelwano sokuba asetshenzwe yiSiyaqhubeka Forests Limited, yiMondi, osomabhizinisi abampisholo, uhulumeni namalungu omphakathi wakule ndawo.
Ethula inkulumo yakhe uMnu Ramaphosa, uthe: “Siqopha umlando, njengoba siqala ukubuyisela umhlaba kubantu bakithi. Umhlaba wabaKhwanazi yiwona esiqala ngawo. Kuneminye imiphakathi ewu-25 noma ewu-27 esizoyibuyisela umhlaba, lokhu wukubuyisela umhlaba kubantu okungolunye lwezinhlelo zezinguquko ebunikazini bomhlaba.”
Kuvela ukuthi besekuphele iminyaka ewu-13 iPhalane igijima izinkantolo ngenxa yalo mhlaba, kuliwa nokuthi abanye abantu abawufunayo kubafanele ngempela yini ukuwuthola.
“Njengohulumeni, siqinisa uhlelo lwezinguquko odabeni lomhlaba,” kusho uMnu Ramaphosa. Uthe njengamanje uhulumeni usuhleleke ngendlela ukubhekana ngqo nendaba yomhlaba. “Njengamanje sibheke phambili ngesikhulu isivinini”.
Uncome indlela isicelo sokubuyiselwa umhlaba kubantu bakule ndawo esifakwe ngayo, yize kuthathe isikhathi eside.
Bawu-1 656 abantu abafake izicelo zokubuyiselwa lo mhlaba. Kuvela ukuthi bazonikezwa amatayitela nezinye izindlela zokusebenza lo mhlaba. Njengoba isibalo sabafake izicelo sesingaphezu kwenkulungwane, yizibongo ezilinganiselwa ku-9 okufanele ngabe ziyahlomula, okubalwa esakwaMkhwanazi - okuyindlu kaNgogwana - abakwaMhlongo nabakwaMjadu.
Cishe ezinyangeni ezimbili ezedlule, abantu bakuleya ndawo bebesha amashushu bethi bayobhalisela ukuthola imali yokubuyiswa komhlaba njengoba sekuthiwa bazothola wona uzwa.
Abanye bathi lezi zibongo ezithintekayo ezinye zazo kazibuzwanga ukuthi yini eziyifunayo ngalo mhlaba okuthiwa wathathwa kokhokho bazo ukuphendlela amasosha ayebuya empini yomhlaba emuva kwalokho kwatshalwa izimoba namahlathi.
Njengohulumeni siqinisa uhlelo lwezinguquko odabeni lomhlaba...