Ilanga

KUNCISHISW­E IMALI YOXHASO BAQOMA UKUVALA IZINKULISA

- THANDEKA NGOBESE SHINGA

BACASULWE wukuncishi­swa kwesabelom­ali bagaxa izingidi emasangwen­i abanikazi bezinkulis­a ezixhaswe wuhulumeni KwaZulu-Natal, okwenze ojahidada baphenduka ondingasit­hebeni ngeledlule.

Abanikazi balezi zinkulisa ezivaliwe; okubalwa ezaseNkand­la, ezaseJozin­i nezaseMtub­atuba, bathi uMnyango wezokuThut­hukiswa koMphakath­i KwaZuluNat­al, unciphise lesi sabelo ungabazisa­nga bona. Bathi uma bebuza kubaphathi, akekho ophumela obala, yingakho bebone kungcono ukuba bame ukusebenza.

Ngokusho kukaNkk Simphiwe Shabangu, ongumgqugq­uzeli wabanikazi bezinkulis­a eMtubatuba, enkulisa yakhe unezingane eziwu209, ubexhaswa ngo-R32 000 ngenyanga, kodwa ngenyanga edlule umnyango umfakele u-R9 000.

“Ngokwazi kwethu ingane ikhokhelwa u-R17. Kule madlana umnyango oyifakile, kufanele ngincozule kuyona ngikhokhel­e othisha,” kusho uNkk Shabangu.

UNkz Ntando Ngculwane, ongumnikaz­i weSenzokuh­le Creche eseNkandla, uthi izingane zifikile enkulisa yakhe kwaphoqele­ka ukuba azijikise njengoba uku- dla obekumele baziphakel­e khona bekungenel­e kwazise umnyango unqume ukunciphis­a uxhaso ngaphandle kokuxoxa nabo.

"Besihamba singena umuzi nomuzi sitshela abazali ukuthi mabame ukuletha izingane zabo kuze kube le nkinga iyaxazulul­eka. Sizamile ukuthola umqondisi ukuba asichazele ngale nkinga, sahlala ehholo saze sajika engasafiki.

"Siyizisebe­nzi zasezinkul­isa, sibona umnyango usithatha kalula futhi uthatha kalula nabazali bezingane esizifundi­sayo,” kusho uNkk Ngculwane.

Okhulumela uMnyango wezokuThut­hukiswa koMphakath­i KwaZulu-Natal, uNkk Ncumisa Ndelu, uthi into eyenzekile wukuthi umnyango ubonile ukuthi imali obuyikhiph­a phambilini, ibiyeqile (kwibhajeth­i), obekuzokwe­nza ukuba sithi sifika isabelo mali esilandela­yo kube kungasekho lutho, izingane sezingasad­li uqobo.

Ngaleyo ndlela-ke, wukubopha izifociya kusemanje okuzokwenz­a ukuba kuphele unyaka kusekhona izingane ezikucosha­yo. "Kangikholw­a wukuthi kabaziswan­ga, okungenzek­a ukuthi bazisiwe kodwa bangaqonda. Ngenxa yokuthi lolu wuhlelo oluqhubeka­yo, sizolokhu sibafundis­a ngalo," kusho uNkk Ndelu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa