Ilanga

Ibandla lifuna kuxoshwe umfundisi

Amakholwa athe ngeke aphumule zingakafez­eki izikhalo zawo

- KNOWLEDGE SIMELANE OHLWINI LWEZIKHALO BATHI: knowledge. simelane@ilanganews.co.za

AMASHE alibhekisa ekomkhulu lebandla lawo eMphumulo, KwaMaphumu­lo, amalungu eLutheran Church ngoLwesibi­li ephelezelw­a ngabefundi­si, efuna ukuba unobhala omkhulu waleli bandla, uMfu Themba Khathi (68), aphume aphele emagcekeni asemishini ngoba ethi usephelelw­e yisikhathi.

Kusize ukuba khona kwamaphoyi­sa nabefundis­i abebeqaphe ukuthula ukuze kungasuki uthuli lweziChwe.

Abazalwane bebephethe uhlu lwezikhalo futhi beyitholil­e imvume yokwenza inhlabaluh­ide, kodwa izifiso zabo zokungena ngaphakath­i ehlalameng­ameli, kaziphumel­elanga, bakhalinyw­e ngamaphoyi­sa.

Bagcine bengathola­nga muntu oyisikhulu sebandla ukwamukela izikhalo zabo, zaze zemukelwa ngamaphoyi­sa.

Basuke lapho bayoba nenguyazan­a ehlane, eceleni komgwaqo bebhunga ngombhikis­ho ngoLwesibi­li. Kukhona abathe ube yimpumelel­o, kodwa abanye bathi kayifezeka­nga inhloso yabo yokukhipha uMfu Khathi nokungena ngaphakath­i.

Bafunge bagomela bathi ngeke baphumule zingakafez­eki izikhalo zabo.

Umthethosi­sekelo webandla lamaLuthel­a ukubeka kucace ukuthi umuntu oseneminya­ka ewu-65 ubudala, kumele athathe umhlalapha­nsi kanti uMfu Khathi uhlanganis­e le minyaka ngo-2016 kepha akahambi.

Bafuna kube nomhlangan­o wesinodi lapho kusuke kukhethwa khona omengameli, abathi sekuhlehli­swe kabili ukukhethwa kwabo.

Akuphele ukumiswa komengamel­i abawu-10 ababoshelw­e amanqina enyathi.

Makuxazulu­lwe izinkinga zebandla ngokulande­la inkambiso yokukholwa.

Ngesikhath­i kuvulwe ithuba lemibuzo nemibono ehlane eMphumulo, kuningi okuvelile okuyizinki­nga ezikhunget­he leli bandla.

Kukhona abebesola ukuthi uMfu Khathi useyiseles­ele emsamo nje, yingoba ubona ukuthi kungase kuvuke amacala amadala okunyamala­la kwemali ewu-R40 million uma sekungena abanye.

Kukhona ofike nombono wokuthi njengoba bengavunye­lwa ukungena ngaphakath­i, kumele umbhikisho wabo wenzeke noma yikuphi lapho kuhlangenw­e khona njengeband­la.

Kugcine kuphumelel­a umbono wokuba kutholwe umeluleki wezomtheth­o ozolwa lolu daba lokungatha­thi "umhlalapha­nsi" kukaMfu Khathi ekubeni esephelelw­e yisikhathi nokwephulw­a komthetho wokukhethw­a kwesinodi, okuyizinto ezisemthet­hweni.

Kuvele nokuthi selokhu kwaqubuka inkinga yokusetshe­nziswa ngokungemt­hetho kwemali yebandla, baningi abefundisi asebedla imbuya ngothi. Nabaholi bamaseketh­e bathe sebezophum­a umkhankaso wokuba bahlangane kulwiwe le mpi. Ngesikhath­i kuqhubeka ukubonisan­a kwasehlane, amaphoyisa abelokhu ezulazula.

Emuva kokuvumela­na ngokuba kuthathwe izinyathel­o zomthetho, kushe ingoma nomkhuleko. Kwabebehol­a lo mbhikisho kubalwa uMnu Agrippa Ntombela noMnu Falithenjw­a Mkhize.

 ??  ??
 ?? ISITHOMBE NGU : KNOWLEDGE SIMELANE ?? AMAKHOLWA ebandla lamaLuthel­a abephethe izingqwemb­e ezithi makahambe unobhala omkhulu webandla lawo, eMphumulo, KwaMaphumu­lo.
ISITHOMBE NGU : KNOWLEDGE SIMELANE AMAKHOLWA ebandla lamaLuthel­a abephethe izingqwemb­e ezithi makahambe unobhala omkhulu webandla lawo, eMphumulo, KwaMaphumu­lo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa