Ilanga

Badiniwe ngotholwe entanta edanyini

Basola onogada bepulazi ngokufa kwakhe

- SKHOSIPHI MTHEMBU skhom@ilanganews.co.za

UYAVEVA yintukuthe­lo umphakathi waKwaHlome­ndlini, eMandeni, emuva kokutholak­ala kwesidumbu sowesilisa obeyodoba ngokungemt­hetho edanyini elisepulaz­ini elikule ndawo, sintanta emanzini ngoMsombul­uko.

Umphakathi usola inkampani yonogada eqapha amapulazi kule ndawo ngokufa kukaMnu Sibusiso Jabulani Msimango ( osesithomb­eni).

ILANGA lithole ukuthi ngosuku agcine ukubonakal­a ngalo esaphila umufi, umnikazi wepulazi, iLuyanda, uMnu Bheki Ncayiyana, ubize onogada ngesikhath­i embona edoba edanyini elisepulaz­ini lakhe, emuva kwalokho akabange esabonakal­a.

Okunye okwenza umphakathi uthukuthel­e wukuthi isidumbu sitholwe sinezimpaw­u zokushaywa njengoba kuthiwa besilimele, kusolwa onogada.

UNkz Samukelisi­we Makhoba, ongunina wengane kamufi, futhi obehlala naye, uthi uMnu Msimango uhambe endlini ekuseni eyodoba njengoba bekuyinto ajwayele ukuyenza. Okumenze wasola ukuthi kukhona okungahamb­i kahle, wukubona kudlula isikhathi ajwayele ukubuya ngaso uma kade eyodoba.

“Ngakusasa ngivuke ngaya ekhanselen­i lendawo ngiyobika ngokungabu­yi kwakhe ekhaya, langiyalel­a ukuba ngiyobika emaphoyise­ni.

“Sengikwenz­ile lokho, ngithinte amalungu eCommunity Policing Forum nawo ngawachaze­la. Kube sekuyiwa edanyini leli ekade edoba kulona. Bathole udobo lwa- khe nobhakha wakhe obunezinhl­anzi ezimbili phakathi.

“Kuvele ukuthi ngesikhath­i edoba, umnikazi wepulazi umbonile wabe esebiza onogada. Siqhubekil­e nokubheka, isidumbu sakhe saze sathokalal­a ngoMsombul­uko ntambama sintanta emanzini,” kusho yena.

Uthi singakatho­lakali isidumbu, onogada babiziwe bathi kabazange bamfice umufi edanyini.

“Okusixakay­o wukuthi bakhuluma izinto ezingafani ngoba sekuhlanga­nwa nabo okwesibili, basitshele ukuthi bambonile umufi kodwa wabaleka. Sifuna nokwazi ukuthi ulinyazwe yini ebusweni,” kusho yena.

UMnu Ncayiyana uthi kuyimanje uyesaba ukulala kuleli pulazi njengoba kunamalung­u omphakathi amsongelay­o ngoba emsola ngokuba nesandla ekufeni kukaMnu Msimango.

“Mina ngibize onogada emuva kokubona umuntu odobayo njengoba ngijwayele ukwenza. Bafikile kimina ngabe sengiyabat­shengisa nabo bambona ukuthi umi kuphi, baya kuyena. Kabazange babuyele kimina, ngize ngabashaye­la ucingo ngifuna ukuzwa ukuthi bamtholile yini. Bangitshel­e ukuthi kabamthola­nga kodwa bafice ubhakha wakhe kuphela. Ngigcine ngaleso sikhathi ukukhuluma nabo,” kusho yena.

Uthi naye ukhathazek­ile ngokuphuma komphefumu­lo kangangoba uzimisele ukubambisa­na nomndeni ngezindlek­o.

Okhulumela amaphoyisa, uCapt Nqobile Gwala, uthe kuvulwe idokodo ngokufa komuntu, uphenyo lusaqhubek­a.

 ?? ISITHOMBE NGU: SABELO MASUKU ?? YILONA leli damu abedoba kulona uMnu Msimango.
ISITHOMBE NGU: SABELO MASUKU YILONA leli damu abedoba kulona uMnu Msimango.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa