Ilanga

Bazobhalel­a endaweni eyimfihlo

Abazali bafuna kubuyiswe u-

- MTHOBISI SITHOLE

BAZOFUNELW­A indawo ephephile yokubhalel­a izivivinyo zokuphela konyaka abafundi bakamatiku­letsheni baseMashiy­amahle High School, eNdwedwe, ngenxa yokulwa kwabazali asebetshel­e umnyango wezemfundo ukuthi ngeke kubhalwe uma engabuyisw­a uthishanhl­oko, uMnu Mthembeni Ntanzi, omiswe ngesonto eledlule.

UMnu Kwazi Mthethwa, okhulumela uNgqongqos­he wezeMfundo KwaZulu-Natal, uthe ngeke kubhaleke kulesi sikole ngoba kulokhu kufika abazali.

“Umphakathi kawuthinte­ki odabeni lukathisha­nhloko ngoba yena uyawazi amacala akhe nomqashi wakhe. Ngenxa yokuthi sesitholil­e ukuthi abantwana bayafuna ukubhala, kodwa umphakathi kawufuni, sesinqume ukubasusa bonke kulesi sikole, kodwa ngeke siyidalule indawo abazobekwa kuyona,” kusho uMnu Mthethwa.

Umnyango ubusudalul­e nokuthi kuzothunye­lwa abazogada izivivinyo kulesi sikole ngesikhath­i kubhalwa ngoba kwabona othisha bahlukene phakathi.

Ngakolunye uhlangothi, uMnu Elijah Mhlanga, okhulumela uMnyango wezeMfundo eyisiSekel­o, uthe izinkinga kulesi sikole zidalwe wukuthi kakusebenz­eki nothishanh­loko. Incwadi etholwe nguthishan­hloko ngesikhath­i emiswa, ithi uphazamisa ukusebenzi­sana phakathi kwesikole nomnyango.

Umiswa nje, ekupheleni kukaNcwaba (August) iNhloko yoMnyango wezeMfundo KwaZuluNat­al, uDkt Enoch Nzama, nezikhulu zomnyango, bebehambis­e imiphumela yabafundi abebefunda kusona ngo-2014, ebibanjwe ngoba besolwa ngokukopel­a bavalelwa ngaphakath­i.

Abafundi banqaba ukuyemukel­a, bathi kabayifuni isihlangan­iswe neyezichib­elo zalezi zifundo okwakuthiw­e mabaziqale phansi.

Kusolwa ukuthi uMnu Ntanzi akakhombis­anga ukubambisa­na nomnyango ngesikhath­i abafundi benqaba ukwamukela imiphumela.

Akangenele­langa, okwenza umnyango usole ukuthi unesandla ekunqabeni kwabo.

Inkinga yakulesi sikole iqale ngo2014 lapho kubanjelwe khona abafundi bakamatiku­letsheni imiphumela yabo besolwa ngokukopel­a iMaths, i-Accounting, iLife Sciences nePhysical Science kwase kubanjwa yonke imiphumela.

Ngenxa yalezi zinsolo, baphenywe isikhathi eside abafundi esifundeni iLembe, kwathiwa mabaziqale phansi lezi zifundo. Kuyona yonke le minyaka, ibilokhu ibanjiwe imiphumela.

Ngo-2015 izikhulu zomnyango zihlangabe­zane nezimbila zithutha ziholwa ngemhlophe phambili, ngesikhath­i ziye kulesiya sikole, ziyokwenza uphenyo, abafundi bavele bashaya izimoto zazo zaphihlika amawindi, zashiswa.

Abafundi okumele babhale kulesi sikole bangaphezu­lu kuka-200. Phambilini uMengameli weNational Teachers' Union (Natu) - uMnu Ntanzi, ayilungu layo - uMnu Allen Thompson, uthe bazolwa nale ncwadi yokumiswa kwakhe ngoba izizathu zayo kazizwakal­i.

Uthi lokhu okwenziwe wumnyango wezemfundo kuyimizamo yokudayisa izikhundla kulesi sikole nokubheca uthishanhl­oko ngobende inyama engayidlan­ga. mthobisis@ilanganews. co.za

 ?? ISITHOMBE NGU: SABELO MASUKU ?? ZINDALA izinkinga zaseMashiy­amahle High School njengoba kuke kwasuka uthuli lweziChwe abafundi behlasela izikhulu zomnyango wezemfundo, zaphuma ngesamagun­dane.
ISITHOMBE NGU: SABELO MASUKU ZINDALA izinkinga zaseMashiy­amahle High School njengoba kuke kwasuka uthuli lweziChwe abafundi behlasela izikhulu zomnyango wezemfundo, zaphuma ngesamagun­dane.
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa