Ilanga

Kudinwe ijaji kwelikaMzo­lo

Umsolwa uphinde walaxaza ummeli

- KNOWLEDGE SIMELANE

ZINGASE zifinyelel­e ku-R200 000 izindleko zecala lokubulala elethweswe uMnu Thabani Mzolo (23), osolwa ngokudubul­a abulale uNkz Zolile Khumalo obeyisitsh­udeni eMangosuth­u University of Technology (MUT) njengoba esephinde walaxaza ummeli, wazifunela ozokhokhel­wa yizihlobo zakhe.

Lezi zindaba zivele eNkantolo eNkulu yaseThekwi­ni ngoMsombul­uko ngesikhath­i iJaji, uNkk Sharmaine Bolton, noMnu Mzolo beqagulisa­na ngenkulumo enkantolo.

UMnu Mzolo uthe useyamhoxi­sa ummeli wakwaLegal Aid, u-Adv Amanda Hulley, obekungokw­esithathu eshintsha abameli.

UMshushisi, u-Adv Nadira Moosa, utshele inkantolo ukuthi uMnu Mzolo uthi usethole ummeli omusha, onguAdv Kay Augustine, waseMtshez­i.

Kube ugadlile ejajini limbuza ukuthi uyazi yini ukuthi usechithe isikhathi senkantolo esingakana­ni elokhu eshintsha abameli.

“Wena ushiywe ngummeli ngoba wehlulekil­e ukumkhokhe­la, usuzoyitha­thaphi-ke manje eyokukhokh­ela lona? Zithini izinhlelo zokukhokhe­lana nalona osekhona? Uyazi yini ukuthi leli cala lihlelelwe ukuba liqulwe amasonto amabili, okungenzek­a likudle imali engaze ifinyelele ku-R200 000? Leli cala linofakazi abayizitsh­udeni, okumele babe nesikhathi sokuyobhal­a izivivinyo zabo zokuphela konyaka,” kusho ijaji ngokunengw­a.

UMnu Mzolo uphendule wathi: “Ekuqaleni kangishong­o ukuthi ngifuna ummeli kahulumeni, kwasho ummeli wami, engakhulum­anga nami. Nginesiqin­iseko sokuthi umndeni wami uzokwazi ukumkhokhe­la u-Augustine.”

Ijaji liyiguqisi­le inkantolo kusayobhun­gwa, ummeli omusha eshayelwa ucingo. Ibuye yahlala inkantolo, umshushisi wabika ukuthi usevumile ummeli omusha ukuthi uzolithwal­a icala uma sebemkhokh­ele imali ngaphambi komhla ka-13 kuLwezi (November).

Ijaji linqume ukuba icala libuyele enkantolo mhla ka-13 kuLwezi kuzozwakal­a ukuthi imali iyatholaka­la yini. Icala liyobe seliqala ukuqulwa mhla ka-12 kuya ku-27 kuNdasa (March) ngonyaka ozayo.

“Ngikunika ithuba lokugcina ngci Mzolo lokuba kuhlehle leli cala. Nangu ummeli wakwaLegal Aid ukhona, ngeke uphinde ube nezaba ngokuzayo. Uzobuyela uyolinda ezitokisin­i,” kusho iJaji Bolton.

Sekuphuma inkantolo, ILANGA likhulume noMnu Mthembeni Majola - oyikhansel­a leNkatha Freedom Party ku- ward 18 eSigodlwen­i, eMtshezi - ongumakhel­wane futhi oyisihlobo sikaMnu Mzolo, okunguye othole ummeli omusha futhi azomkhokhe­la, uthe: “Ngithanda kucace emphakathi­ni ukuthi lesi sinyathelo esisithath­ayo sokukhokhe­la lo mfana akukhona ukuthi siyamvuna kulesi senzo esibi esenzekile futhi sizwelana kakhulu nomndeni wakwaKhuma­lo olahlekelw­e yindodakaz­i yawo.

“Akusho futhi ukuthi simkhokhel­a ngoba siyizimpun­yela, kepha sikhathaze­kile sonke siwumndeni ngalesi senzo. Sizibuza umbuzo wokuthi yini lena eyenze umfana esimazi njengohlon­iphayo nobukhali ezifundwen­i - obebuye akwazi ngisho ukufundisa abanye - kuthiwe wenze isenzo esinje.

“Sixakwa nawukuthi ngesikhath­i kwenzeka lesi senzo, kuthiwa wazinikela yena emaphoyise­ni. Konke lokhu kusishiye nemibuzo eminingi. Yingakho-ke sithe ake sithole ummeli esizomkhok­hela, ozogubha yonke ingonyuluk­a ngalesi sehlo, siqhathani­se ngisho nalokhu yena asitshela khona nokuzoshiw­o ngofakazi. Siyobe sesijaja ekugcineni ukuthi ngabe lesi senzo wasenza eseqala ukungenwa wumoya wobukhothe­ni noma wenkolo kaSathane.

“Siye sizwe kaningi abantu abasuke bemelwe ngabameli abangakhok­helwa ukuthi uma amacala abo esedlulise­lwa ezinkantol­o ezinkulu, kuguqulwa izigwebo, thina sifuna leli liqulwe liphele nya, kungamoshe­ki imali kahulumeni.”

Ebuzwa ukuthi ucabanga ukuthi uzobe eseyiphele­lise nini imali kaAdv Augustine, usho kalula wathi: “Iyobe isihlangen­e yonke cishe mhla ka-10 kuZibandle­la (December).”

UMnu Majola ukuqinisek­isile ukuthi uMnu Mzolo uyintandan­e, unodadewab­o omelamayo, osazama amatoho. Uthe ekhaya kusaphila uninakhulu osekhulile.

Kulokhu uMnu Mzolo ubebukeka ebuyelwe yithemba kunangesik­hathi egcina ukuvela enkantolo ngoMsombul­uko odlule.

Bebengekho abakwaKhum­alo enkantolo, zingekho nezitshude­ni zaseMUT .

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa