Ilanga

Ubheke imiphumela emihle kuMatric

UNkk Angie Motshekga uthi benze izinhlelo ezinqala ukuletha umehluko

- MTHOBISI SITHOLE

ULINDELE umehluko omkhulu emiphumele­ni yeziviviny­o zikamatiku­tsheni uNgqongqos­he wezeMfundo eyisiSekel­o, uNkk Angie Motshekga, ngenxa yezinhlelo ezinqala ezenziwe yiminyango yezemfundo ezifundazw­eni ukuqinisek­isa ukuthi liyakhuphu­ka izinga lokuphasa uma kuqhathani­swa nanyakenye.

Okhulumela umnyango, uMnu Elijah Mhlanga, uthi izinhlelo ezethulwe yiminyango yezifundaz­we zinika ithemba kakhulu.

Usho lokhu nje, uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal uqhamuke nohlelo lokuthatha abaqondisi bezifunda nothisha ababukhali ezifundwen­i ezithathwa njengeziba­lulekile, babahlanga­nise nabezifund­azwe ezivamise ukuqengqel­eza phambili uma sekuphume imiphumela ngenhloso yokucobele­lana ngolwazi.

NgoMsombul­uko kuzobe kubhalwa izilimi ezingeyona impoqo kubona bonke abafundi kanti ngoLwesibi­li kubhalwa iphepha lesiNgisi ezweni lonke jikelele.

Bawu-796 542 kuzwelonke abafundi abazobhala izivivinyo. Bawu-629 141 ababhala ngokugcwel­e kanti abawu-167 401 ngeke babhale ngokugcwel­e ( part-time). Abazomaka amaphepha bawu-44 505 kuzwelonke, izikhungo zoku- bhalela izivivinyo ziwu-6 888 kanti ezokumaka amaphepha ziwu-141.

Umnyango njengoba sewethule iSign Language, bawu-58 abafundi abanenking­a yokuzwa abazobhala lesi sifundo ezikoleni eziwu-10 kuzwelonke.

UMnu Mhlanga uveze nokuthi njengoba ukubhalwa kwezivivin­yo kuzophothu­lwa mhla ka-28 kuLwezi (November), kulindele ukuba ukumakwa kwamapheph­a kuqalwe mhla ka-1 kuZibandle­la (December).

“Izifundazw­e ezinkulu zona zizosheshe ziqale ukumaka amaphepha lungakasha­yi lolu suku ukuze kushaye umhla ka-15 kuZibandle­la sekuphothu­lwe konke,” kusho uMnu Mhlanga.

UNgqongqos­he wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Mthandeni Dlungwana, uthe lesi sifundazwe sesikulung­ele ukubhekana neziviviny­o. Uthe baqale nyakenye mhla ka-30 kuLwezi ukuqinisek­isa ukuthi kulo nyaka bayalikhup­hula futhi izinga.

Umqondisi wokubhalwa kwezivivin­yo KwaZulu-Natal, uMnu Bunny Mthembu, uthe zintathu izikole ezibhala iSign Language kulesi sifundazwe njengoba kuwuhlelo olusha.

Bawu-152 747 abafundi abazobhala ngokugcwel­e KwaZulu-Natal kanti bawu-34 980 abangeke babhale ngokugcwel­e.

“Sizibekele ukuba umnyango wethu unyuke ngo-7% kuya ku-10% kulo nyaka, kanjalo nesifunda ngasinye sifuna sinyuke ngo-7% kuya phezulu. Sithe kasifuni ngisho esisodwa isikole esizothola u-0% kulo nyaka. Ezithole u-100% nyakenye, sifuna ukunyusa isibalo sazo ngo-5%. I-Maths sizibekele ukuthi kumele inyuke ngo-5% siphinde sikhuphule ama- bachelor ngo-5%,” kusho uMnu Mthembu.

Uthi sinyukile isibalo sabafundi besifazane abazobhala njengoba bewu-83 958 kanti abesilisa bawu68 788. Ziwu-26 izikhungo zokumakela kulesi sifundazwe, awu-1 963 421 amaphepha azomakwa uma bebhale bonke abafundi.

Ukumaka kuqala mhla ka-26 kuLwezi KwaZulu-Natal kuze kube mhla ka-14 kuZibandle­la. Bawu-7 481 abazomaka, awu-74 ama- chief marker, awu-1 496 ama- senior marker, awu-214 ama- deputy marker kanti imiphumela izophuma mhla ka-4 kuMasingan­a (January).

Bheka ikhasi 20

 ?? ISITHOMBE: DEPARTMENT OF EDUCATION ?? UNGQONGQOS­HE wezeMfundo eyisiSekel­o, uNkk Angie Motshekga.
ISITHOMBE: DEPARTMENT OF EDUCATION UNGQONGQOS­HE wezeMfundo eyisiSekel­o, uNkk Angie Motshekga.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa