Ilanga

UBONGA AKAQEDI OPHOTHULE IZIQU

- THANDEKA NGOBESE

AKAWUVALI umlomo owesifazan­e ozalwa emndenini ohlwempu, ocishe waphuthwa yithuba lokuyofund­a enyuvesi esethathiw­e, okumanje useyi-Archaeolog­ist ngenxa yosizo lomfundaze kaMnu Bahle Zondo, i-Amahle Benefit Scheme - ILANGA elike laloba ngaye.

UNkz Nondumiso Hlela (24) wase-Orange Farm, eGoli, kodwa osezinze eSoweto - khona eGoli - uneziqu kwi-Archaeolog­y okuwumkhak­ha ongajwayel­ekile, ogxile kwezokucwa­ninga njengoba kuwo kukhona abacwaning­a ngabantu, amathambo nangokubal­a.

Kumthathe iminyaka emithathu ukuziphoth­ula e-University of Pretoria. Kumanje usebenza enkampanin­i exhasa amabhizini­si asafufusa, iBusiness Partners Limited, athi umsebenzi wakhe wukucwanin­ga ama- business plan ukuthi abhalwe kahle yini futhi anganikwa yini uxhaso lwemali ayifunayo noma cha.

“Kulo msebenzi kudingeka ukwazi ukubala nokubhalan­sisa, kungenjalo, ungagcina sewuwisa inkampani ngokuphasi­sa amapulani amabhizini­si angeke aphumelele,” kusho uNkz Hlela.

“Umama nguye kuphela obesebenza ekhaya, ubaba engasebenz­i. Kuthe uma ngizwa ukuthi i-Amahle Benefit Scheme iyasiza ngemifunda­ze kwabaswele, nami ngafaka isicelo, ngenhlanhl­a ngaqokwa.

“Umfundaze ungixhase ngemali yokubhalis­a, eyokufunda, wukuthenga izincwadi nendawo yokuhlala. Imali ebenginikw­a yona ngonyaka bewuku-R50 000,” kusho uNkz Hlela.

Uthi lo mkhakha angene kuwona ubalwa neminye okushoda kakhulu kuyona abamnyama abawenzayo.

“Izinkampan­i eziningi zigcina sezithatha abantu abangawufu­ndele ngoba bancane kakhulu abawufunde­le. Ngibonga kakhulu kuMnu Zondo ngokungini­ka ithuba lokufezeki­sa iphupho lami,” kusho uNkz Hlela othi ngemuva kokuthola iziqu, uthole umsebenzi wakwazi nokushints­ha impilo yomndeni wakhe.

NgeSonto eledlule uMnu Zondo unikele ngo-R1 million esifundazw­eni iMpumalang­a, exhasa abafundi abawu-10 ngomfundaz­e.

Eminyakeni ewu-11 yasungulwa i-Amahle Benefit Scheme, isikhiphe u-R36 million wemifundaz­e ukulekelel­a abafundi.

“Inhloso yethu ngokunikel­a ngalolu hlobo, wukuthi sibone abantu abamnyama bethuthuka ngokwemfun­do. Ukubabona befezekisa amaphupho abo, bekhipha nemindeni yabo ebubheni njengoba kwenzekile kuNkz Hlela, yikho okusiphush­ayo ukuba sixhase nabanye,” kusho uMnu Zondo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa