Ilanga

Ukhuthazwa ngunina yize esekobanda­yo

- Ayandab@ilanganews.co.za

Uthi empilweni ugqugquzel­we ngunina ongasekho. Ngesikhath­i ekhula ubeqaphela indlela unina abezipheth­e ngayo aphinde emukele ngayo abantu.

“Ubenezwi eliqinile futhi elinesigqi, engesabi ukusho lokhu akholelwa kukhona - yize kunjalo ubesho akuhlosile ngendlela engasabisi. Yikhona lokhu okungenze ngaba nesibindi sokuba ngowesifaz­ane ongesabi ukungena khaxa emkhakheni wamahlaya, obuwaziwa njengowabe­silisa.

“Yisona lesi sibindi futhi esingenze ngakhuluma ngokungesa­bi ngesikhath­i ngiqashwe esiteshini somsakazo seAfrikaan­s,” kusho yena.

Kule ncwadi wenaba kabanzi ngaleso simo, yingozi yemoto abe kuyona, ukungcofwa ezinkundle­ni zokuxhuman­a, ukuphenduk­a inhlekisa ngomzimba wakhe ngesikhath­i esengumeth­uli we-Our Perfect Wedding noginqigon­qo ebudlelwan­eni bakhe nomyeni wakhe uMpho Osei Tutu.

Kuzona zonke lezi zingqinamb­a uthi ubezwa umnkenenez­o wezwi likanina ebelimqini­sa, lamenza wakwazi ukubhekana nazo.

“Njengomunt­u osemehlwen­i abantu besekukani­ngi ngithola izicelo zokuba ngenabe ngempilo yami. Ngibone kukuhle ukuba ngikwenze lokhu ngokukhumb­ula lokho engakufund­iswa ngumama.

“Lena yindlela yokumhloni­pha nokumbonga ukuthi ungikhulis­e ngendlela engenze ngakwazi ukuzimela.

“Kungithath­e isikhathi ukuba ngicabange indlela okumele ngethule ngayo udaba lwami kangangoba umcabango ongifikele kuqala ngowokuyet­hula esteji njengehlay­a.

“Ukuba ngowesifaz­ane okhule ezungezwe ngabanye abaqotho kungenze ngaba nomqondo osabalele, kwangenza ngaziqonda nokuthi ngingubani. Uthando lukamama kimina lusavutha amalangabi.

“Le ncwadi iyindlela yokumhloni­pha nokumenza azi lapho elele khona ukuthi izimfundis­o zakhe kimina kazibanga

yize,” kusho yena.

Mayelana nokwembule­ka kwethalent­e elisha emgodleni wakhe uthi: “Ngithobeke kakhulu ngakho ngoba nami bengingaku­lindele lokhu. Ngiyaziqhe­nya ukuthi ngiphumile ekopini abaningi abebengiva­lele kulona.”

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa