Ilanga

DKT NHLAKANIPH­O GUMEDE

-

Lesi sifo sibonakala ngokuthi uma kuhlolwa igazi emzimbeni kutholakal­e ushukela ( Glucose) uphezulu kunezinga elivumelek­ile. Ushukela ukuhlasela uma ngabe umzimba wakho ungakwazi ukulawula ushukela emzimbeni.

Kukhona i- hormone ebizwa nge- Insulin okuyiyona elawula ushukela ube sezingeni - uma ngabe umzimba wehluleka ukukhiqiza le hormone yilapho sihlasela khona isifo sikashukel­a. Lokhu kwenzeka noma ngabe i- Insulin ingasebenz­i ngendlela elindeleki­le.

Usuke uzotshelwa ukuthi unesifo sikashukel­a uma ngabe:

Uzohlolwa igazi noma ngabe yinini imiphumela yaba ngaphezu kuka-11.1 mmol/L.

Uma ngabe uhlolwe igazi kade ungadlanga lutho imiphumela yaba ngaphezu kuka-7 mmol/L.

Noma ngabe i-Hb-A1c yakho ingaphezu kuka-6.5%.

Noma ngabe uhlolwe ushukela emuva kwamahora amabili kade uphuze amanzi anoshukela waba ngaphezu kuka 11.1 mmol/L.

OKUBALULEK­ILE

I-HbA1c yona ihlola ukuthi mungakanan­i ushukela ohleli emzimbeni wakho kuma- red blood cells ezinyangen­i ezintathu ezedlule.

IZINHLOBO ZESIFO SIKASHUKEL­A (DIABETES) Le nhlobo itholakala ebuncaneni ( childhood). I- pancreas okuyiyona ekhiqiza i- hormone ebizwa nge- Insulin isuke ihlaselwa amasosha omzimba bese kuphazamis­eka ukukhiqeze­ka kwe- Insulin okuyiyona elawula ushukela. abantu abadala futhi umzimba usuke uyikhiqiza i- Insulin kodwa ama- cells emzimbeni asuke engazweli kule insulin ekhiqizwa i- pancreas. Uma ubheka uzobona ukuthi u-Type 1 diabetes wona uvamise ukuba ulawulwe ngokujovwa kanti u-Type 2 wona usuke uzoqaliswa ngokuthi ugwinyiswe amaphilisi. Kungenzeka­ke ku-Type 2 uqaliswe nasemjovwe­ni uma ngabe isifo sakho singalawul­eki ngamaphili­si kodwa lokhu akujwayele­kile.

IZIMPAWU ZESIFO SIKASHUKEL­A.

Uhlezi ukhathele Uhlezi womile kungathi ungaphuza amanzi amaningi Uchama kakhulu Kungaba nokwehla emzimbeni okungenayo imbangela Ukulunywa emzimbeni Ukubona kalufifi Inkwantshu ezinyaweni nasezandle­ni

UBANI ONGABA NESIFO SIKASHUKEL­A

Wonke umuntu angaba nesifo sikashukel­a, akukhathal­ekile ukuthi ungubani, uneminyaka emingaki okanye uvelaphi. Kodwa abantu abanesikal­i esingaphez­ulu kwesijwaye­lekile noma uma ekhaya kunomuntu onesifo sikashukel­a ozalana naye usengozini yokuba nesifo sikashukel­a.

OKUYINGOZI NGOSHUKELA

Okubalulek­ile ukugcina ushukela wakho usezingeni elifanele uma ngabe usutsheliw­e ukuthi unalesi sifo. Uma ngabe ushukela wakho ungalawulw­a ungaba sengozini yokuba nezinye izifo okubalwa kuzo lezi: Isifo sezinso Isifo samehlo Isifo senhliziyo Isifo semithambo yegazi (kushintshe umbala womlenze kube ngathi uba mnyama)

Unyawo lukashukel­a ( Diabetic Foot). Kungaze kugcine sekumele unqunywe unyawo noma umlenze okanye ungasaboni emehlweni ngenxa yolokhu

ULAWULWA KANJANI USHUKELA

Ngokuzivoc­avoca - Ngokudla okwakhelwe umuntu onoshukela Ngokunciph­isa emafutheni Ngokuphuza amanzi amaningi Ngokunciph­isa kusawoti Udle ukudla okuncane kodwa kaningi ngosuku. Ave kubaluleki­le ukubonana ne- dietician uma ngabe unesifo sikashukel­a. Nguyena phela ozobe esekululek­a ngeDiabeti­c Diet okuzomele uyilandele uma ngabe ufuna ukuba ushukela wakho uhlale usezingeni elifanele. Ngicela ubambe lokhu - umtholampi­lo akuyona nje kuphela indawo okumele uye kuyo uma ngabe sewugula. Ungawusebe­nzisa ukuyohlola nje izifo kanjalo nesifo sikashukel­a ungasihlol­a njalo ngonyaka. Ungalindi kuze konakale.

 ??  ?? U-TYPE 1 diabetes uvamise ukuba ulawulwe ngokujova.
U-TYPE 1 diabetes uvamise ukuba ulawulwe ngokujova.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa