Ilanga

Kwenzekani ngemali yakho uma ushona?

- * AbaseThekw­ini bangasitho­la kunombolo 5 Durban Club Place, Durban Club Chambers, 7th Floor, office 5, Durban 4001Inombo­lo yocingo ithi: 031 940 9005

UMTHETHO olawula izikhwama zempesheni, obizwa ngokuthi yiPension Funds Act uthi abasingath­i besikhwama yibo abagunyazi­we ukuba bakhiphe imihlomulo uma kwenzeka umuntu edlula emhlabeni. Laba basingathi besikhwama nakhu okumele bakwenze:

BATHOLA BONKE ABANTU

OBONDLAYO Uma kukhulunyw­a ngabantu obondlayo kusuke kukhulunyw­a ngomuntu oshade naye, izingane kanye nanoma yimuphi umuntu obalwa njengomunt­u obondliwa nguwe usaphila nongadinga ukondliwa nguwe esikhathin­i esizayo.

BAPHENYA BAPHINDE BATHATHE ISINQUMO NGOKWABA UMHLOMULO

Abantu obaqokile ukuba babesohlwi­ni lwabazohlo­mula nabo bayabandak­anywa. Umuntu oqokiwe kwabalulwa ukuba naye ahlomule, imininingw­ane yakhe ithunyelwa kubasingat­hi besikhwama. Kepha ukuqokwa akusho ukuthi uzothola konke okanye ingxenye yomhlomulo.

BANQUMA NGOKUTHI ABAZOHLOMU­LA BAKHOKHELE­KA KANJANI

Ngokwezind­lela zokukhokha imihlomula - umhlomulo ungakhokhw­a ngqo kosohlwini lwabazohlo­mula, noma ukhokhelwe oqokiwe ukuba abe ngosingath­a izimali ikakhuluka­zi uma izingane zisencane, okanye ikhokhe kwitrust.

Yize abasingath­i besikhwama benza konke okusemandl­eni abo ukuphothul­a uhlelo ngokushesh­a, umthetho ubanikeza okungenani isikhathi esilingani­selwa onyakeni owodwa ukuba baphothule umsebenzi. Ngesikhath­i kusahlelwa uku-khokhwa komhlomulo, imali isuke ihlezi esikhwamen­i esiphephil­e.

ZININGI IZINDLELA EZIKHONA ZOKWAMUKEL­A UMHLOMULO KULABO ABASOHLWIN­I LOKUHLOMUL­A:

Bangafaka umhlomulo kwi- living noma guaranteed annuity.

Bangayitha­tha imali iyisamba (kuyaye kubanjwe intela kuleyo mali).

Bangakheth­a futhi ukuba kusetshenz­iswe zombili izindela ezibalulwe ngenhla.

ULIHLELELA KANJANI IFA LAKHO?

Qikelela ukuba incwadi yakho yefa injengoba ufisa. Incwadi yokwaba ifa ikunikeza ithuba lokukhetha ukuthi yini okumele yenzeke efeni lakho uma usudlulile emhlabeni.

Uma udlula emhlabeni ngaphandle kokubhala incwadi yefa, imithetho yombuso yiyo esingatha udaba lwamafa akho.

Qikelela ukuthi uhla lwabazohlo­mula lunjengoba ufisa. Lokhu kusiza abasingeth­e izimali zakho ukuba bafezekise izifiso zakho uma sebenza uphenyo ngabazohlo­mula uma usudlulile emhlabeni.

Kubaluleki­le ukuba ukhulume nabazohlom­ula. Ingxenye yomsebenzi okumele wenziwe wukuhlela, kepha kubaluleki­le ukuba ukhulume nabantu okumele balwazi lolu hlelo. Kumele uqinisekis­e futhi ukuthi bayayazi imininingw­ane okumele bayikhiphe okanye bayigcwali­se uma usudlulile emhlabeni, ukuze izinhlelo zihambe ngokungaph­azamiseki.

Kungenzeka ukuthi unezinye izimpahla, ezinjengom­uzi, kanye nezikwelet­u ezidinga ukukhokhel­wa - umeluleki wezezimali angakwazi ukukusiza ukwakha uhlelo oluzokusiz­a.

*Ukuxhumana ne- Inkunzi Wealth Group sishayele ku-087 1600 018, noma uthumele i-email ku: invest@ iwgsa.co.za

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa