Ilanga

Masifunde ukuzimela singabheki ukuqashwa

-

SESIFIKILE leso sikhathi sonyaka lapho kuzophela amaphupho ezinkulung­waneni ngezinkulu­ngwane zabafundi baka- matric, njengoba kuleli sonto kuqale izivivinyo zokuphela konyaka. Noma isitifiket­i sika- matric singasenas­o isisindo esasinaso eminyakeni ewu-30 eyedlule, kodwa ukuphasa leli banga yisigaba esibalulek­ile empilweni yomfundi ngoba kuvula amathuba okuqhubeke­la emazingeni aphakeme, njengamany­uvesi nezinye izikhungo zemfundo.

Umfundi ophase kahle leli banga, kufana nokuthi unokhiye wokungena emasangwen­i angamholel­a empumelelw­eni, inqobo nje uma ezimisele ngokuqhube­ka nemfundo, asebenze kanzima.

Lesi yisikhathi esihle ngoba ngisho abafundi abaqhamuka emindenini eswele, sebeyakwaz­i ukuthola izibonelel­o zokufunda mahhala emanyuvesi, baxhaswe ngisho nangemali yokuthenga ukudla nezincwadi zokufunda.

Usizo kwezemfund­o luningi ngedlela yokuthi kakufanele ngabe kukhona intsha ebalisa ngokuthi kayikwazi ukufeza izifiso zayo ngenxa yokweswela imali.

Uma sesibheka phambili, umnyango wezemfundo, ubambisene nezimboni nezinkampa­ni ezizimele, kufanele ubuyekeze i- syllabus kuwona wonke amazinga emfundo ukuqinisek­isa ukuthi imfundo yethu ibacija kahle abafundi, ibabeke emathubeni amahle okukwazi ukuthola imisebenzi nxa sebephothu­le izifundo zabo.

Esikhathin­i lapho isimo somnotho sintengant­enga, imisebenzi inqabile, kufanele kube nokuxhuman­a nokubambis­ana phakathi komnyango wemfundo nezinkampa­ni ukuze umnyango uzokwazi ukuthi izimboni zidinga maphi amakhono, abafundi bangenzi izifundo ezingeke zabasiza ngalutho nxa sebefuna imisebenzi.

Kungaba kuhle ukuba sibonele emazweni afana neJapan, iChina, iSouth Korea neGermany ukubala nje ambalwa, ukuthi ayihlela kanjani imfundo yawo ukuze nathi sikwazi ukuthuthuk­isa izwe lethu nabalakhel­e.

Iminotho yala mazwe yenza kahle kanti nesibalo sabantu abangasebe­nzi sincane kakhulu nxa usiqhathan­isa nesaseNing­izimu Afrika. Isizathu salokhu, phakathi kokunye, yizinga lemfundo eliphakeme nokukhutha­la kwabantu bakhona. La mazwe agcizelela ukufundwa kwesayensi, izibalo nokuziqale­la amabhizini­si ( entreprene­urship) kusukela emazingeni aphansi, okuyizinhl­elo ezivulela abafundi amathuba amaningi ezifundo abangazenz­a ezikhungwe­ni zemfundo ephakeme.

Lokhu kubabeka esimeni esihle sokuthola imisebenzi nxa sebeziphot­hulile izifundo zabo. Mkhulu umsebenzi osasihlale­le kuleli ukulungisa okungahamb­i kahle ukuze izwe lethu lizokwazi ukufinyele­la ezingeni lapho imfundo yethu iyonika izingane zethu amathuluzi okukwazi ukuziseben­za zona, zingabheki kuphela ukuqashwa yizinkampa­ni ezinkulu. Sifisela abafundi bonke, ikakhuluka­zi abaku- matric impumelelo.

Agcizelela ukufundwa kwesayensi nezibalo.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa