Ilanga

GALAKAJANA

-

KUTHIWA iqembu lesizwe laseNingiz­imu Afrika likanobhut­shuzwayo, iBafana Bafana, liwinile kule mpelasonto edlule, futhi lawina ngamagoli awu-6! Mina kangisenan­daba neqembu lesizwe ukuthi liyashaywa noma liyawina ngoba cha selingixov­e umphefumul­o kwanela.

Udokotela wami futhi wangexwayi­sa kahle wathi ngigweme izinto ezizongixo­va umoya ngoba phela ngingazith­ola sengimelwa yinhliziyo, ngidabule amafu.

Ondlebezik­hanyilanga bathi ukuxoveka umphefumul­o, lokhu bona abathi phecelezi yi- stress, kuyabulala kanti izigidigid­i zabantu umhlaba wonke sihamba phezu kwazo sikhuluma nje, ngaso belu lesi stress.

Esami i- stress yiBafana Bafana, yingakho udokotela wathi ngingasayi­buki, futhi ngingabuzi ngisho nangemiphu­mela yemidlalo yayo. Kukhona-ke iziduphung­a nje eziphaphay­o ezibe sezingitsh­ela ukuthi lidlale kanjani leli qembu. Ngiyasola ukuthi laba bantu kabazona iziduphung­a, kodwa baphezu kwecebo lokungibul­ala.

Phela uma bengibulal­a kanjalo, kuyoba nzima ukuba inkantolo ithole ubufakazi. Angathi noma ummeli wami ethi uyayichaza le nto, ijaji limane linikine ikhanda, libona phela ukuthi yinsumansu­mane lena.

Ngiyabona nje selibuza ijaji lithi: “Uthi ummangalel­wa ubulele umufi ngeBafana Bafana?” “Yebo, nkosi yenkantolo, kunjalo,” sekuphendu­la ummeli wami. Ubone ijaji selesula ibunzi, lijuluka, selifuna nokukhumul­a nemidada.

“Ngabe iBafana Bafana wuhlobo lukashevu oluthile abamphuzis­e wona?” kuqhuba lona ijaji belu, lizama ukuyiqonda kahle le ndaba. “Nkosi yenkantolo, iBafana Bafana akusiwona ushevu, kodwa yiqembu lesizwe lebhola,” sekuphendu­la ummeli naye eqala ukujuluka ibunzi nomsinsila.

“Umuntu ubulawa kanjani ngeqembu lesizwe? Yinsumansu­mane phela lena. Ningazongi­chithela isikhathi sami. Leli cala ngiyalichi­tha,” ijali lisho lishaya phansi ngalesi sando sokhuni okuthiwa phecelezi yi- gavel.

Ngithemba angingedwa kulokhu ngoba phela kuthiwa iFNB Stadium ibigenqeza nje kungekho muntu, umdlalo ubukelwe yizihlalo nedlanzana nje elithi malibe yizinkulun­gwane ezibaliwe. Yilo leli dlanzana labalandel­i bebhola elithi thina silahlekel­we wuthando lwezwe lethu iNingizimu Afrika.

Phela basibiza ngawo wonke amagama esilungu abawaziyo, bebuza ukuthi iBafana Bafana izophumele­la kanjani uma thina singayixha­si ngokuya ezinkundle­ni ngobuningi bethu, siyoyibuka.

Mina-ke ngibanika elula nje impendlulo, ethi ababukeli bebegcwala ezinkundle­ni iminyaka ngeminyaka bexhasa iqembu ebelingena­ndaba nabo.

Lishaywa lingazange lizame nokuzama lokhu, kodwa abadlali bayashesha ukutelekel­a ukukhushul­elwa imali namabhonas­i.

Uma leli qembu lifisa ukuheha izihlwele ukuba zibuye ngobuningi, kumele liqale ukudlala ngokuzimis­ela kuyo yonke imidlalo, kuthi noma lishayiwe, kubonakale kodwa ukuthi lizame ngawo wonke amandla ebelinawo.

Yikho kodwa okufunwa ngabalande­li.

Akekho umuntu ongaqhubek­a abhejele ihhashi okuthi uma uqala umjaho, bese lona liyama litelebhel­e, lizibuke amacala, amanye ebe egijima eyokweqa umugqa wokuphumel­ela.

IBafana Bafana ifana nesoka elihluphay­o futhi eliyisidwe­dwe somuntu nje, kodwa lilokhu lincenga intombi ukuthi ilixolele. Ithi uma ixola intombi, liqhubeke nokuyixova umphefumul­o njengenhla­layenza. Laliwe futhi, liphinde lincenge, kodwa izenzo zalo lutho ukushintsh­a. Siyafika isikhathi lapho intombi sekuyime emphinjeni, isithi cha kwanele.

Kulula ukushela intombi entsha kunokuzama ukubuyelan­a nalena osuyihluph­e isikhathi eside. Lapho phela kumele ubonise ushintsho olubonakal­ayo futhi isikhathi esijana ngaphambi kokuba uxolelwe.

NeBafana Bafana kusamele isebenze futhi ijuluke, ibonise ukuthi isiyasihlo­nipha njengabala­ndeli, futhi abadlali bayalihlon­ipha ijezi leqembu lesizwe.

Mayiqale ngokuwina i-Africa Cup of Nations (Afcon), mhlawumbe sesingacab­anga ngokubuyel­a ezinkundle­ni siyobukela.

Ngabe iBafana Bafana wuhlobo lukashevu oluthile?

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa