Ilanga

Ingxabano kuPaez nomqeqeshi

Usinde engozini yemoto uManyama

- SENZO SOKHELA

KUPUTSHUKA izindaba ezithi simuncu isimo phakathi kukaGiovan­ni Solinas wase-Italy ongumqeqes­hi weKaizer Chiefs noGustavo Paez waseVenezu­ela ongumdlali wale kilabhu njengoba kuvela ukuthi (lo mgadli) usefake isicelo sokuhamba ekhala ngokuthi lo mqeqeshi akamfuni.

IChiefs izobhekana neBlack Leopards kwi- last 16 yeTelkom Knockout ngeSonto ngo-15h30 eFNB Stadium, eSoweto.

IChiefs iya kulo mdlalo nje, isanda kujabulisa abalandeli bayo inqoba isicoco seMacufe Cup yehlula iBloemfont­ein Celtic ngo-2-0 ngeledlule eFree State Stadium.

Lo mdlalo kawuphelan­ga kahle njengoba uPaez ekhombise ukungamhlo­niphi uSolinas. USolinas ukhiphe uPaez wathi uzama ukumxhawul­a lo mdlali wenqaba ingcaca ekhombisa ukuthi ucikekile. Lo mdlali kubikwa ukuthi ngendlela abedinwe ngayo, ukhuzwe epakisha imithwalo yakhe ethi uyahamba ngoba uyabona ukuthi lo mqeqeshi akamfuni.

“Isimo simuncu phakathi kukaPaez nomqeqeshi, imdinile eyokuthi akhishwe ngoba ubesazimis­ele ngokudlala. NgoLwesibi­li utshele abaphathi bekilabhu ukuthi ucela ukukhululw­a uma kuvulwa iwindi lokudayise­lana ngabadlali ngoba uyabona ukuthi akekho ezinhlelwe­ni zomqeqeshi.

“Into emkhalisa kakhulu wukuthi usebenza ngokuzikha­ndla kodwa akanakwa. Kodwa-ke lolu daba lusazohlal­elwa ngoba iChiefs ilusingeth­e ngobunono,” kusho umthombo waleli phephandab­a.

Imizamo yokuthola uBobby Motaung oyiMenenja-jikelele yeChiefs ukuba aphawule ngalolu daba, iphunzile njengoba ucingo lwakhe belukhala kodwa lungabanjw­a.

USolinas uthe uyasiqonda isimo nokukhatha­zeka kwalo mdlali kodwake ngeke ande ngamaningi ngoba wudaba olulungisw­a ngaphakath­i. Ube esekugcize­lela ukuthi njengomqeq­eshi nguyena owenza izinqumo ngakho-ke uzoqhubeka nokuthatha (izinqumo) abona zizosiza ikilabhu.

“Engingakus­ho wukuthi akekho umuntu omkhulu ngaphezulu kweChiefs. Sonke silapha ukuzoseben­za ngakho-ke kufanele sikuhlonip­he lokho. Into emqoka kithina njengamanj­e wukunqoba umdlalo wethu neBlack Leopards weTelkom Knockout.

“Ukunqoba kwethu iMacufe kungisizil­e ngoba ngikwazile ukubona nabanye abadlali bethu abangavami­sile ukuthola ijezi,” kusho uSolinas.

IChiefs ibambe umoya ngoLebohan­g Manyama ogingqike nemoto ngoLwesibi­li esuka ejimini eNaturena, eGauteng, elibangisa kubo.

Imoto yakhe yohlobo lweBMW isale iyigobolon­do kodwa waphuma kuyona elimele edolweni nasendolol­waneni.

Kuthiwa odokotela basazosibh­eka isimo sakhe ngoba ubukeka ethukile.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa