Ilanga

OweBucs uphazanyis­wa yiSoweto Derby

Lokhu kukhathaza uMicho ngaphambi koweTelkom

- SENZO SOKHELA

UMILUTIN “Micho” Sredojevic ongumqeqes­hi we-Orlando Pirates unovalo ngomdlalo womkhaya neKaizer Chiefs njengoba ekholwa wukuthi ungase uphazamise imiqondo yabadlali bakhe kowenkomis­hi.

IBucs izobhekana neChippa United kwi- last 16 yeTelkom Knockout ngoMgqibel­o ngo-20h15 e-Orlando Stadium, eSoweto. Emuva kwalo mdlalo, iBucs izokube isibhekana nendumezul­u yomdlalo womkhaya neChiefs kwiligi obhekwe ngabomvu ozokuba ngoMgqibel­o womhla ka-27 kwephezulu ngo-15h30 eFNB Stadium, eSoweto.

Lo mdlalo womkhaya sekuqaliwe ukukhuluny­wa ngawo njengoba la makilabhu ezotholana ephezulu kwi- log okuyinto osekunesik­hathi eside yagcina ukubonakal­a. IPirates isendaweni yesibili, iChiefs ihleli kweyesitha­thu. Amathikith­i owomkhaya aqale ngeledlule ukudayiswa.

USredojevi­c uthi ubhekene nenkulu inkinga njengoba abadlali bakhe abaningi bezokube beqala ukugijima kulo mdlalo womkhaya.

Uthi ubabona ebusweni ukuthi into eduma emakhanda abo yilo mdlalo womkhaya ukwedlula oweTelkom. Uthi kufanele azame ukuyilwa le mpi ngoba bayasiding­a isicoco seTelkom.

Kubadlali bePirates okubhekwe ukuba bagijime umdlalo womkhaya okokuqala kungabalwa uLinda “Figo” Mtambo, uBen Motshwari noPaseka Mako abafike ekuqaleni kwesizini kodwa asebengumg­ogodla wale kilabhu. UMotshwari akakufihla­nga ukuthi kayikho into ayilangaze­lele njengokudl­ala neChiefs kunezihlwe­le ezingu-90 000 enkundleni. Yiyo kanye-ke le nto ekhathaza umqeqeshi wePirates.

“Umdlalo womkhaya ngikholwa wuku- thi mukhulu ukuyedlula yonke into ngendlela onamandla ngayo. Lo mdlalo weTelkom ufike ngesikhath­i esibi kuza umdlalo womkhaya. Iyangihlup­ha le nto emoyeni. Kodwa-ke kufanele sizame ukuyilwa emiqondwen­i yabadlali yize kuzokuba nzima, kusho uSredojevi­c.

Uqhube ngokuthi balindele umdlalo onzima kakhulu kwiChippa.

“Silindele umdlalo oseqophelw­eni eliphezulu kwiChippa ikakhuluka­zi njengoba inomqeqesh­i obazi kahle abadlali bethu. Kodwa-ke kuzofanele silwe ngawo wonke amandla ukuwunqoba lo mdlalo,” kusho uSredojevi­c.

U-Eric Tinkler ololonga iChippa, oke wasebenza kuyona iBucs, uthi usazi kahle isimo esi

bhekene noSredojev­ic. “Ukudlala umdlalo omqoka njengalona ekubeni ubheke kowomkhaya kunzima ngoba imiqondo yabadlali igxila (kakhulu) kulo womkhaya. “Kunzima ukubayala abadlali, usuke sewenza nje kodwa kunzima ngoba wonke umuntu usuke elangazele­le ukuba yingxenye yawo akekho ofuna ukuthi umphuthe. Kodwa-ke thina siyakwazi esi- kuyela kulo mdlalo. Ngeke siyingene eyesimo sabo, kasihlanga­ni naso. Bazosifica sibahlomel­e nxa zonke ngoba siyayiding­a nathi le nkomishi,” kusho uTinkler.

 ??  ?? BEN Motshwari
BEN Motshwari
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa