Ilanga

Kugawula izembe kwaboZalo

- LUCKY CAIN NOTHANDI ZONDI

BAZULELWA ngamanqe abalingisi abaqavile emdlalweni owuchungec­hunge uZalo, olukhonjis­wa kwi-SABC 1 ngo-20h30 ebusuku kusukela ngoMsombul­uko kuya kuLwesihla­nu.

ILANGA lihabule ngemithomb­o yalo eyahlukene ukuthi lisengcuph­eni ikusasa labalingis­i okubalwa uGlen Gabela odlala indawo kaPastor Mdletshe, uNompilo Maphumulo odlala ekaNosipho, uNocxy Mabika odlala ekaThobile noNaymaps Maphalala odlala ekaMxolisi.

Leli phephandab­a lithole ukuthi kuyaphela ukuqoshwa kwesizini yesine yalo mdlalo ngomhla ka-29 kwephezulu kanti izingxoxo zezinkonti­leka nabalingis­i seziqalile.

Umthombo ongaphakat­hi uthi sebetsheli­we abanye balaba balingisi ngokuphela kwezinkont­ileka zabo njengoba abanye bencishise­lwe izikhathi zokuqopha.

“Babizelwe ehhovisi elikhulu batshelwa ngekusasa labo emdlalweni, kanti abanye sebezoqoph­a uma bebiziwe kuphela,” kusho umthombo.

Omunye umthombo uveze ukuthi isizathu sokuchithw­a kwalaba, wukuthi izindawo abazidlala­yo kazisenawo umsoco, okwenze ababhali bazibuyeke­za.

“Ngokwababh­ali, bafuna kuphele ngomndeni wakwaMdlet­she njengoba kuzosala uGabisile (Baby Cele) kuphela. Ne- salon (okugqame kuyona uThobile) sekuzoba yindawo ezovela ngokuthi gqwa gqwa,” kusho umthombo wesibili.

Okhulumela lo mdlalo, uMarang Setshwaelo weDreamcat­cher, uthe okwamanje bamatasa ngokuphoth­ulwa kwale sizini futhi balungisel­ela ukuqala kwelandela­yo. “Uma ababhali nethimba eliqophayo sebesithat­hile isinqumo ngokuzokwe­nzeka kulo mdlalo, sizobe sesimemeze­la ngokuzokwe­nzeka ngesizini 5,” kusho uMarang ngesitatim­ende asithumele kuleli phephandab­a. Lo mdlalo usanda kumenyezel­wa njengohamb­a phambili ngababukel­i eNingizimu Afrika njengoba uqophe umlando ngokuba nabangaphe­zulu kuka10 million. Kuzokhumbu­leka ukuthi usushiywe yinqwaba yabanye abalingisi abanohlonz­e. Phakathi kwabo kubalwa uBheki Mkhwane, uMpumelelo Bhulose, uKay Sibiya, uSihle Ndaba, uDon Mlangeni noLeleti Khumalo.

 ??  ??
 ??  ?? NGUNOCXY MABIKA NGUNAY MAPS NGUNOMPILO MAPHUMULO
NGUNOCXY MABIKA NGUNAY MAPS NGUNOMPILO MAPHUMULO

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa