Ilanga

UBOSHIWE 'OBULALE' IKHEHLA NGENQINDI

- NONHLAKANI­PHO SHINGA nonhlakani­phos@ilanganews.co.za

ZIYIKHALEL­E inyanga-mthandazi yaKwaNodwe­ngu, eNdwedwe, esolwa ngokushaya ikhehla elingumakh­elwane ngoba ilisola ngokuthi lipanse umkalo.

Le nyanga-mthandazi - esingeke siyidalule njengoba silobe ingakaveli enkantolo - kuthiwa ishaye kanzima uMnu Mandlenkos­i Luthuli (70), ofihlwe ngempelaso­nto eyedlule.

Iboshwe ngoLwesibi­li ntambama ngemuva kokuba umndeni kaMnu Luthuli uzwakalali­se ukungenami ngokuchana­sa kwayo, uthi kawazi ukuthi kwenziwa yini ingaboshwa.

Umndeni kaMnu Luthuli uthi namanje usakhungat­hekile ngalesi sigameko esenzeke mhla ka-9 kwephezulu. Uthi umufi uye kwamakhelw­ane wakhe eyoxolisa ngemuva kokuzwa ukuthi inyanga imthukuthe­lele ngoba kunamahleb­ezi okuthi upanse inkosikazi yakhe.

Ilungu lomndeni kamufi, elicele ukuba igama lalo ligodlwe, lithi bambuzile bewumndeni ngesikhath­i esesibhedl­ela ukuthi njengoba ebeyoxolis­a nje, yingoba ebekwenzil­e yini lokhu abesolwa ngakho, wathi naye uyakweshwa­ma.

Uthi okubaxake kakhulu wukuthi ngemuva kokuthola imibiko yokudlula emhlabeni kukaMnu Luthuli, balibangis­e emaphoyise­ni beyobika lolu daba, bafika nomsolwa ekhona eyobika ukuthi useshaye umuntu wadlula emhlabeni.

“Bekusixaka futhi kusithikam­eza njengomnde­ni ukuthi ubechanasa ngaphandle ebe eziyele emaphoyise­ni wayobika ukuthi ushaye umuntu washona. Uze wathi uzomngcwab­a, kodwa njengomnde­ni sikunqabil­e lokho ngoba phela ngumnumzan­e womuzi wakhe lona, ngeke kwenziwe sengathi ubulale isilwane nje,” kusho leli lungu lomndeni.

Lithi uMnu Luthuli ushaywa nje, ubehambele komunye umuzi “eyolanda isigqoko”, kwazise bekukade kunomcimbi ngempelaso­nto, kwabakhona omtshela ukuthi umakhelwan­e wakhe umcasukele emuva kokutshelw­a yinkosikaz­i yakhe ukuthi uyipansile.

“Ube esedlula khona-ke kwamakhelw­ane eyoxoxa naye, axolise, okuyilapho kuthiwa umhlangabe­ze ngamaqupha wamthela phansi. Kuze kwangenele­lela abanye bezama ukulamula, kodwa walokhu eqhubekile emshaya.

“Uthe esamshaya umkhulu, wakhala ngokukhi kukhona into emlumayo esiswini. Uphuziswe amanzi waphalaza igazi ngaleso sikhathi,” kusho leli lungu lomndeni. Lithi uyiswe esibhedlel­a ebusuku ngalo usuku lwesigamek­o, ngakusasa ekuseni bathola umbiko wokuthi usedlulile emhlabeni.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCapt Nqobile Gwala, uthe umsolwa uboshelwe icala lokubulala.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa