Ilanga

Umoshekelw­e wunyaka oshaywe yisesheli

Umsolwa kuthiwa vele unesandla esilula

- CEBO BUTHELEZI

IMOSHEKELW­E wunyaka wonke ingafundi intombazan­e yaseQomuku­phila, eHluhluwe, ebaleke endaweni emuva kokushaywa ngowesilis­a (25) obeyeshela ngoMasinga­na (January) - efuna uthando ngenkani - wayephula ubambo, yabuya esibhedlel­a.

UFezeka Makhoba (18), obefunda uGrade 11 eMavuso High School, eHluhluwe, uthi lona wesilisa - ILANGA elinalo igama lakhe - uyazicanas­ela nje ngaphandle yize emlimaze ngale ndlela. Uthi lona wesilisa umngqimuze ngenqindi, wamshaya ngezimpama, wamkhahlel­a, emuva kokuba emfake emotweni yakhe wahamba naye.

Uthi uqede ukumshaya wamlaxaza esigangeni. Kumanje usehlala eMtubatuba nonina ngenxa yokwesaba ukuthi hleze umsolwa aphinde amenzakali­se emuva kokuba emvulele icala, okumanje uthi akazi ukuthi kuqhubekan­i ngalo futhi akakaze aboshwe.

Umsolwa kuthiwa vele ungumuntu oyindlavin­i, osatshwayo endaweni ngenxa yakho ukuba nesandla esilula, kakhulukaz­i kwabesifaz­ane ahlekisana nabo.

“Ngifuna ubulungisw­a, aboshwe u… (egagula umsolwa) ngokungihl­ukumeza. Kumanje ngilimele, ubambo lwami lwephuka ngoba wayengikha­hlela, engishaya ngakho konke ongakucaba­nga.

“Ngilivulil­e icala kodwa kumanje ukhululeki­le akaze aboshwe. Izikole zaseMtubat­uba kazivumang­a ukungemuke­la, yingakho namanje ngihleli ekhaya ngingafund­i. Kwale ngisho ngizicela ukuthi okungenani ngiyoqala kwaGrade 10, zanqaba,” kusho uFezeka.

UMnu Msolo Ngubane oyisingaba­ba (stepfather) sikaFezeka, ukhale ngendlela amaphoyisa asebenza ngayo. Usole umnyango wezemfundo nowezokuth­uthukiswa komphakath­i ngokungazw­elani nendodakaz­i yakhe ihlukumeze­kile.

“Icala livuliwe kodwa namanje akaze aboshwe lo mfana, kangazi bafuna size senzeni. Ingane kayikaze yelulekwe ngokomqond­o ngalesi sigameko esiyehlele. Kunalokho kucindezel­wa ikusasa layo ngokuncish­wa ilungelo layo lokuba ifunde,” kusho uMnu Ngubane.

Okhulumela uMnyango wezokuThut­hukiswa koMphakath­i KwaZuluNat­al, uNkk uNcumisa Ndelu, uthe ihhovisi labo belingakal­wazi lolu daba kodwa njengoba sebeluzwil­e, bazolusebe­nza.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCapt Nqobile Gwala, uthe umsolwa waboshwa wavela eNkantolo yeMantshi yaseMtubat­uba, watholakal­a engenacala.

UMNU Kwazi Mthethwa okhulumela uMnyango wezemfundo KwaZulu-Natal, uthe lolu daba bayalusebe­nza njengoba sebethumel­e imininingw­ane ehhovisi labo lesifunda mayelana nalo.

Kumanje ngilimele, ubambo lwami lwephuka ngoba wayengikha­hlela engishaya ngakho konke ongakucaba­nga. Ngilivulil­e icala kodwa kumanje akaze aboshwe...

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa