Umoshekelwe wunyaka oshaywe yisesheli
Umsolwa kuthiwa vele unesandla esilula
IMOSHEKELWE wunyaka wonke ingafundi intombazane yaseQomukuphila, eHluhluwe, ebaleke endaweni emuva kokushaywa ngowesilisa (25) obeyeshela ngoMasingana (January) - efuna uthando ngenkani - wayephula ubambo, yabuya esibhedlela.
UFezeka Makhoba (18), obefunda uGrade 11 eMavuso High School, eHluhluwe, uthi lona wesilisa - ILANGA elinalo igama lakhe - uyazicanasela nje ngaphandle yize emlimaze ngale ndlela. Uthi lona wesilisa umngqimuze ngenqindi, wamshaya ngezimpama, wamkhahlela, emuva kokuba emfake emotweni yakhe wahamba naye.
Uthi uqede ukumshaya wamlaxaza esigangeni. Kumanje usehlala eMtubatuba nonina ngenxa yokwesaba ukuthi hleze umsolwa aphinde amenzakalise emuva kokuba emvulele icala, okumanje uthi akazi ukuthi kuqhubekani ngalo futhi akakaze aboshwe.
Umsolwa kuthiwa vele ungumuntu oyindlavini, osatshwayo endaweni ngenxa yakho ukuba nesandla esilula, kakhulukazi kwabesifazane ahlekisana nabo.
“Ngifuna ubulungiswa, aboshwe u… (egagula umsolwa) ngokungihlukumeza. Kumanje ngilimele, ubambo lwami lwephuka ngoba wayengikhahlela, engishaya ngakho konke ongakucabanga.
“Ngilivulile icala kodwa kumanje ukhululekile akaze aboshwe. Izikole zaseMtubatuba kazivumanga ukungemukela, yingakho namanje ngihleli ekhaya ngingafundi. Kwale ngisho ngizicela ukuthi okungenani ngiyoqala kwaGrade 10, zanqaba,” kusho uFezeka.
UMnu Msolo Ngubane oyisingababa (stepfather) sikaFezeka, ukhale ngendlela amaphoyisa asebenza ngayo. Usole umnyango wezemfundo nowezokuthuthukiswa komphakathi ngokungazwelani nendodakazi yakhe ihlukumezekile.
“Icala livuliwe kodwa namanje akaze aboshwe lo mfana, kangazi bafuna size senzeni. Ingane kayikaze yelulekwe ngokomqondo ngalesi sigameko esiyehlele. Kunalokho kucindezelwa ikusasa layo ngokuncishwa ilungelo layo lokuba ifunde,” kusho uMnu Ngubane.
Okhulumela uMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZuluNatal, uNkk uNcumisa Ndelu, uthe ihhovisi labo belingakalwazi lolu daba kodwa njengoba sebeluzwile, bazolusebenza.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCapt Nqobile Gwala, uthe umsolwa waboshwa wavela eNkantolo yeMantshi yaseMtubatuba, watholakala engenacala.
UMNU Kwazi Mthethwa okhulumela uMnyango wezemfundo KwaZulu-Natal, uthe lolu daba bayalusebenza njengoba sebethumele imininingwane ehhovisi labo lesifunda mayelana nalo.
Kumanje ngilimele, ubambo lwami lwephuka ngoba wayengikhahlela engishaya ngakho konke ongakucabanga. Ngilivulile icala kodwa kumanje akaze aboshwe...