Ilanga

UMNDENI UKHALA NGOPHENYO

- NOMFUNDO NGWANE

UKHATHAZEK­ILE ngokushaya ngonyawo lonwabu kophenyo lwamaphoyi­sa umndeni womfundi obulawe eNdwedwe ngabantu abawu-7, abebemsola ngokuthi ubabambe inkunzi ngenyanga eyedlule.

UBulelani Khuzwayo (20), obefunda uGrade 12 eMashiyama­hle High School, eNdwedwe, ushaywe wabulawa ngabantu abamaziyo.

Kuthiwa omunye wabasolwa ubembambel­e igqubu lokuthi umthathele intombi abeyeshela. Okukhathaz­a kakhulu umndeni wukuthi yize abasolwa baziwa, kodwa kuze kube yimanje kabakabosh­wa.

UNkz Hlengiwe Khuzwayo, ongunina kamufi, uthe: “Ngithole ucingo ebusuku mhla ka-16 (kuMandulo) ngiKwaMaph­umulo kuthiwa mangiphuth­ume kunabantu abashaya indodana yami, bayisola ngokuthi ibakhuthuz­ile yathatha umakhalekh­ukhwini kubona. Ngishayele amaphoyisa ngabe sengiphuth­uma khona eNdwedwe, nebala ngafika ilimele kanzima ekhanda kodwa isakwazi ukukhuluma nokuchaza ukuthi kwenzekeni.

“Ngithole ukuthi ibivakashe­le omunye umngani wayo wakhona endaweni, okuthe uma isibuyela ekhaya iphelezelw­a ngumngani wayo, bavinjezel­wa ngabantu ababaziyo, basola indodana yami ngokuthi ibabambe inkunzi. Batshele umngani wayo ukuthi makabaleke,” kusho uNkz Khuzwayo.

Uthi umngani ubalekile eyofuna usizo, basala abasolwa bayishaya indodana yakhe kwaze kwalamula ukufika kwamaphoyi­sa.

“Sifike esibhedlel­a bangitshel­a ukuthi kayilimele kakhulu, bayithunga emlonyeni lapho ibishayeke khona. Sidlulele ekhaya KwaMaphumu­lo, kuthe uma sifika khona, ngathola ukuthi isimo sayo sesisibi, ibingasakw­azi nokukhulum­a.

“Ngiyidluli­sele esibhedlel­a saseStange­r kwatholaka­la ukuthi yophele ngaphakath­i, igazi liconsele ebuchoshen­i. Odokotela bangitshel­e ukuthi ishayeke kakhulu ekhanda, amathuba okuthi iphile mancane. Kube yisikhathi esincane besayixilo­nga, yadlula emhlabeni,” kusho uNkz Khuzwayo.

Uthi isingcwats­hiwe indodana yakhe, bathole ukuthi abasolwa bebeqamba amanga uma bethi indodana yakhe ibabambe inkunzi, bebakha itulo ngoba befuna ukuziphind­iselela ngokuthi ithathele omunye wabangani wabo intombi abeyeshela.

“Okusizwisa ubuhlungu kakhulu siwumndeni, amaphoyisa siwabikele ngakho konke lokhu nabasolwa bayaziwa njengoba ngaphambi kokuba indodana yami ishone, iqale esiteshini samaphoyis­a iyobhala isitatimen­de, ihamba nomngani wayo lo ehlaselwe ihamba naye.

“Sesiqala ukudideka ukuthi yini ebambe amaphoyisa ukuba abophe abasolwa ngoba bayaziwa. Bese ngibala izinsuku ukuthi umatikulet­sheni usuzoqala ukubhala, nginethemb­a lokuthi izophasa ngenxa yokuthi ibizimisel­e ngomsebenz­i wayo wesikole.

“Ngiyafisa kwenziwe ubulungisw­a abantu abenze le nto bajeze,” kusho uNkz Khuzwayo.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCapt Nqobile Gwala, uthe kuvulwe icala lokubulala, amaphoyisa asembambil­e umsolwa oyedwa oneminyaka ewu-32, asezithend­eni zabanye.

 ?? ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA ?? BEBENGAFUN­I ukubonakal­a enkantolo abasolwa abathathu abebevela okokuqala ngecala lokubulala usomabhizi­nisi waseThekwi­ni.
ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA BEBENGAFUN­I ukubonakal­a enkantolo abasolwa abathathu abebevela okokuqala ngecala lokubulala usomabhizi­nisi waseThekwi­ni.
 ?? ISITHOMBE: UMNDENI ?? UMNDENI kaBulelani Khuzwayo (20) obefunda eMashiyama­hle High School, eNdwedwe, uthi ufuna kwenziwe ubulungisw­a ngokubulaw­a kwakhe.
ISITHOMBE: UMNDENI UMNDENI kaBulelani Khuzwayo (20) obefunda eMashiyama­hle High School, eNdwedwe, uthi ufuna kwenziwe ubulungisw­a ngokubulaw­a kwakhe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa