Ibhokisa laseDRC linabise elakuleli
Impi iphele sekumuncu bengqubuzana ngamakhanda
INDUMALO kubathandi besibhakela baKwaZulu-Natal uGeorge Mdluli ephuma ngohlaka eringini ngemuva kokushaywa kanzima ngu-Augustine Matata waseDemocratic Republic of Congo (DRC) omthele phansi ngomzuliswano wesithupha empini yeMiddleweight ngoMgqibelo kusihlwa ePinetown.
UMdluli ubesehlulwa ihlandla lesihlanu kulandelana. Ngesikhathi eshayeka phansi, ulimale kanzima onyaweni, okuyikhona okuholele ekutheni ayonyangwa ngodokotela ngemuva kwempi.
Nokho-ke uphume ehholo esezihambela, kodwa exhakwe nguIrvin Buhlalu ongumqeqeshi wakhe njengoba ebexhuga futhi efakwe amabhandishi onyaweni.
Ngaphambi kwale mpi, uMdluli uhlulwe nguCristiano Ndomassy kuleli, uVakufilapo Wilhelm eNamibia, u-Antony Jargman eNamibia noFrance Ramabolu kuleli.
UMdluli ungene esibhakeleni esikhokhelayo ngo-2009 ehlula uMoses Mazive. Useke waphatha ibhande leWorld Boxing Federation (WBF) African Super Welterweight.
Kuwona lo mqhudelwano obuhlelwe yiWhite Buffalo Boxing Promotions, uSibusiso Malinga waseMnambithi ubukise ngoMnqobi Mzobe waKwaMashu amthele phansi ngomzuliswano wesithathu.
UMalinga ocijwa nguXolani Malinga, ubelwa ngokukhululeka kule mpi futhi eshaya izitayela ebezisukumisa izihlwele. Izimpi zikaSibusio zihlelwa nguZandile Malinga weStarline Boxing Promotions ebihlele izimpi izolo ngeSonto eMadadeni Tvet College, eNewcastle.
UXolani uthi bebevele bekuhleli ukuthi uSibusiso angajahi ukuqeda impi ukuze ajwayele iringi njengoba ebelwa impi yakhe yesibili esigabeni esikhokhelayo.
Kuwona lo mqhudelwano, uBrandon Naude waseThekwini uzibuyise zishisa izinduku ekhempini ye-Ethekwini Boxing Gym ebukisa ngoSakhile Gumede waseMtubatu- ba obeqhutshwa nguZwi Magudulela. Ikhempu yeLudonga ibukeka inempi engapheli noNaude eqale ngo-2015 ngesikhathi leli bhokisa (uNaude) libukisa ngoThamsanqa Zulu ngo-2015. Ungakapheli lowo nyaka, iLudonga ifolose ngoNkosinathi Biyela ophendule uNaude inhlekisa njengoba uNaude eseziphindiselela futhi ngoGumede.
Impi yosuku yebhande laKwaZulu-Natal leWelterweight phakathi kukaKhumbulani Mdletshe noSiphosakhe Kunene, iphele sekumuncu njengoba bengqubuzane ngamakhanda isephakathi.
Kuphoqelekile ukuba odokotela bayimise. Nokho amajaji anqobise uMdluli ngenxa yokuthi ubehamba phambili ngamaphuzu ngesikhathi imiswa.
UMpumi Sibiya uhlule uNoluthando Ndlovu kwathi uKent Kalule wahlula uXolani Majola. Lezi zimpi besixhaswe ngabeSBS Tank, kanti bekuphume inqwaba yabebala elimhlophe.