Ilanga

UFISA KWEHLISWE ISIBALO SONGQONGQO­SHE UMBOWENI

- INTATHELI YELANGA editor@ilanganews. co.za

UFUNA kube nongqongqo­she abangevile ku-25 kwikhabhin­ethi kaMengamel­i Cyril Ramaphosa uNgqongqos­he wezeMali uMnu Tito Mboweni, njengoba ethi kugcina sekubanjwa kuyekwa ngendaba yamaholo kuhulumeni kwazise agcina efika ku-R500 billion ngonyaka.

Uveze lokhu esigcawini sabezindab­a izolo ngoLwesith­athu ngaphambi kokwethula isabelomal­i sakhe saphakathi nonyaka obeku- ngesokuqal­a njengoba engakaqedi nenyanga ekulesi sikhundla esishiywe nguMnu Nhlanhla Nene.

Uthe kabukho ubuhlakani ekubeni ikhabhinet­hi yaseNingiz­imu Afrika ibe nongqongqo­she abawu-35 namasekela, okwenza isibalo sifike ku-70. Wenze isibonelo ngeChina athe inomnotho onamandla kodwa inongqongq­oshe abawu-25.

"Lokhu kusenza singabi nesizathu esiphusile ngokomnoth­o, ngokwemali noma ngokwepoli­tiki ukuthi singaba nekhabhine­thi enabantu abangaphez­u kuka-70," kusho uMnu Mboweni othe ukukhushul­wa kwamaholo ezisebenzi zikahulume­ni kuzodlula ibhajethi ngo-R30.2 billion eminyakeni emithathu ezayo.

Uthe usecele iminyango kahulumeni nezikhulu ukuba bazame ukugwema ukukhokhel­a izisebenzi ngokuseben­za isikhathi eseqile ( overtime).

Udalule ukuthi umnyango womgcinima­fa uyakhombis­a ukuthi kayikho imali ebekwe eceleni ukuze kukhushulw­e amaholo ngo-2019, okuyinto athi wazi kahle kamhlophe ukuthi izomqhatha kakhulu nezinyunya­ma.

Uthe ongqongqos­he kubaluleki­le babeneqhaz­a elikhulu abalibamba­yo ekwehlisen­i ukusetshen­ziswa kwemali kuhulumeni ngokwehlis­a inkece abayithola ngokuhlomu­la emahho- visini abo ( office benefits).

Usho lokhu nje, kuzokhumbu­leka ukuthi nangasekuq­aleni konyaka uMnu Ramaphosa uke wathi kufanele kube khona lapho kuncishisw­a khona eminyangwe­ni nakubona ongqongqos­he.

Ungqongqos­he ngamunye uhola imali elinganise­lwa ku-R2.4 million ngonyaka, amasekela abo ahola elinganise­lwa ku-R1.9 million kanti ungqongqos­he uvumeleke ukuqasha izisebenzi ezilingani­selwa ku-10 ehhovisini lakhe.

...ukuthi singaba nekhabhine­thi enabantu anbangaphe­zu kuka-70.

 ??  ?? UFISA kwehliswe isibalo songqongqo­she uMnu Tito Mboweni ongungqong­qoshe wezemali.
UFISA kwehliswe isibalo songqongqo­she uMnu Tito Mboweni ongungqong­qoshe wezemali.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa