ABACULI BAZOMASHELA UNGIZWE MCHUNU
Bathi nguyena obekwazi ukubalwela futhi ewuqonda umculo wabo
ISINGENELWE ngabanye babaculi bakamasikandi eyokuxoshwa komsakazi woKhozi FM, uNgizwe Mchunu, okhonjwe indlela ngesonto eledlule ngezinsolo zokuthi akathembekile enkampanini.
Ukuxoshwa kwakhe sekuthinte abaculi okubalwa kubona uBukelani “Dlubheke” Khuzwayo oqophe i- video wayisabalalisa ezinhlakeni zokuxhumana, ethi bacela iSABC isibuyekeze isinqumo sayo ngoba lo msakazi bayamdinga bengamaciko kamasikandi.
“UNgizwe ubenamandla okulwela umasikandi uma kuxoshwa umuntu ophethe isiZulu njengaye, abantu abancane bazosithola kuphi? Akuyena umuntu ongakhishwa ebalazweni lona, asazi impela ukuthi angahlala kanjani phansi nabaphathi bakhe.
"Wonke umuntu uphila ngamaphutha emhlabeni. Sibuka kudicilelwa phansi isithunzi sethu ngoba uma umasikandi enqamula unyaka, kuba khona umsindo, kodwa uNgizwe uyakwazi ukusilwela. EsiZulwini kukhona into okuthiwa yinhlawulo uma umuntu ephambane nomthetho,” kusho uDlubheke.
Iqembu Abafana bakaMgqumeni ( abasesithombeni) nabo baqophe i- video beseSeychelles bathi bagqemeke ingozi enkulu ngokuxoshwa kukaNgizwe.
Ekhuluma kule video umholi waleli qembu, uNelisani “Jezekhulu" Mseleku, uthe: "Kasibukeli phansi isinqumo senu baphathi, kodwa uyena uNgizwe owazi kangcono umlando kamasikandi, siyacela ukuba isinqumo senu nisibuke ngenye indlela."
Lo msakazi uxoshwe yiSABC okubikwa ukuthi usolwe ngokukhipha izindaba zangaphakathi azitshele izintatheli okwenze wabekwa icala lokungathembeki enkampanini. Uqale ukuphenywa nyakenye wagcina ngokumiswa emoyeni, okuthe ngokuhamba kwesikhathi kwafika izikhulu zeSABC zisuka eGoli, zanquma ukuyinqamula inkontileka yakhe.
UNgizwe ubengena emoyeni ngoMsombuluko kuya kuLwesithathu ngo-02h00 kuya ku-04h00.
UNkz Neo Momodu, okhulumela iSABC, eshayelwa yiLANGA ngalolu daba, uthe usemgwaqweni okuthe uma intatheli ithi ingamthumelela yini imibuzo ngomqhafazo, wathi uyokwazi ukuyiphendula ngo-20h00 ebusuku okuyisikhathi leli phephandaba liyobe seligijima emshinini, ligaywa. mthobisis@ ilanganews. co.za