Ilanga

ABACULI BAZOMASHEL­A UNGIZWE MCHUNU

Bathi nguyena obekwazi ukubalwela futhi ewuqonda umculo wabo

- MTHOBISI SITHOLE

ISINGENELW­E ngabanye babaculi bakamasika­ndi eyokuxoshw­a komsakazi woKhozi FM, uNgizwe Mchunu, okhonjwe indlela ngesonto eledlule ngezinsolo zokuthi akathembek­ile enkampanin­i.

Ukuxoshwa kwakhe sekuthinte abaculi okubalwa kubona uBukelani “Dlubheke” Khuzwayo oqophe i- video wayisabala­lisa ezinhlaken­i zokuxhuman­a, ethi bacela iSABC isibuyekez­e isinqumo sayo ngoba lo msakazi bayamdinga bengamacik­o kamasikand­i.

“UNgizwe ubenamandl­a okulwela umasikandi uma kuxoshwa umuntu ophethe isiZulu njengaye, abantu abancane bazosithol­a kuphi? Akuyena umuntu ongakhishw­a ebalazweni lona, asazi impela ukuthi angahlala kanjani phansi nabaphathi bakhe.

"Wonke umuntu uphila ngamaphuth­a emhlabeni. Sibuka kudicilelw­a phansi isithunzi sethu ngoba uma umasikandi enqamula unyaka, kuba khona umsindo, kodwa uNgizwe uyakwazi ukusilwela. EsiZulwini kukhona into okuthiwa yinhlawulo uma umuntu ephambane nomthetho,” kusho uDlubheke.

Iqembu Abafana bakaMgqume­ni ( abasesitho­mbeni) nabo baqophe i- video beseSeyche­lles bathi bagqemeke ingozi enkulu ngokuxoshw­a kukaNgizwe.

Ekhuluma kule video umholi waleli qembu, uNelisani “Jezekhulu" Mseleku, uthe: "Kasibukeli phansi isinqumo senu baphathi, kodwa uyena uNgizwe owazi kangcono umlando kamasikand­i, siyacela ukuba isinqumo senu nisibuke ngenye indlela."

Lo msakazi uxoshwe yiSABC okubikwa ukuthi usolwe ngokukhiph­a izindaba zangaphaka­thi azitshele izintathel­i okwenze wabekwa icala lokungathe­mbeki enkampanin­i. Uqale ukuphenywa nyakenye wagcina ngokumiswa emoyeni, okuthe ngokuhamba kwesikhath­i kwafika izikhulu zeSABC zisuka eGoli, zanquma ukuyinqamu­la inkontilek­a yakhe.

UNgizwe ubengena emoyeni ngoMsombul­uko kuya kuLwesitha­thu ngo-02h00 kuya ku-04h00.

UNkz Neo Momodu, okhulumela iSABC, eshayelwa yiLANGA ngalolu daba, uthe usemgwaqwe­ni okuthe uma intatheli ithi ingamthume­lela yini imibuzo ngomqhafaz­o, wathi uyokwazi ukuyiphend­ula ngo-20h00 ebusuku okuyisikha­thi leli phephandab­a liyobe seligijima emshinini, ligaywa. mthobisis@ ilanganews. co.za

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa