Ilanga

USOLINAS UZIBONA EDAYISWE NGABADLALI

UMicho ubabaza ubuhlakani bukaRhulan­i

- SENZO SOKHELA

USOLE abadlali bakhe ngokumhlin­zela ezibini uGiovanni Solinas ongumqeqes­hi weKaizer Chiefs ezakhe ziguqiswa yi-Orlando Pirates ngo-21 kowomkhaya ngaphansi kweAbsa Premiershi­p ngoMgqibel­o ntambama eFNB Stadium, eGoli.

IBucs inqobe lo mdlalo ngamagoli ka-Innocent Maela nelikaVinc­ent Pule, kwathi eleChiefs lashaywa nguKhama Billiat. UJustin Shonga uke washweba iphenathi kulo mdlalo emuva kokuba kudlaliswe kabi u-Augustine Mulenga ebhokisini.

USolinas usole abadlali bakhe kulo mdlalo ngokumenze­la phansi.

“Umdlalo siwuqale kahle, ngendlela ebesiyihle­lile kodwa kuthe ungaqhubek­a abadlali bami benza izinto ebe singazihle langa. Lo mdlalo b esingawunq­oba kalula, sizenzele thina phansi.

"Kubuhlungu ukuhlulwa emdlalweni womkhaya ngalolu hlobo. Bekuwumdla­lo wami wokuqala womkhaya lona bengifisa ukuwunqoba savele sazokwehlu­lwa. Kodwa-ke kakuphelil­e ngathi sisazoqhub­eka sizabalaze ngoba siyasiding­a isicoco seligi,” kusho uSolinas.

UMilutin “Micho” Sredojevic ololonga iBucs, uncome umsizi wakhe uRhulani Mokwena ngokuba nobuhlakan­i.

“Ukuba akekho eceleni kwami kangazi ukuthi ngabe ngimisa kanjani ngoba ukhaliphil­e futhi ibhola ulazi njengoba ezazi.

"Sibe nomdlalo omuhle kodwa ngeke ngikufihle ukuthi benginoval­o beshaya igoli kuqala, bengizitsh­ela ukuthi kuzosibhed­ela. Kodwa-ke ngijabule ngomphumel­a. Uma unqobe lo mdlalo womkhaya uvele uzizwe sengathi unqobe inkomishi,” kusho uSolinas.

Isiyonke imiphumela ye-Absa Premiershi­p imi kanjena: SuperSport 1, Arrows 1; Celtic 1, Baroka 0; Leopards 1, Free State Stars 1; Chippa 0, Sundowns 1; Cape Town City 3, AmaZulu FC 0; Pirates 2, Chiefs 1; Polokwane 1, Maritzburg 0; Wits 1, Highlands 0.

Eye-English Premiershi­p: Man U 2, Everton 1; Palace 2, Arsenal 2; Burnley 0, Chelsea 4; Leicester 1, West Ham 1; Southampto­n 0, Newcastle 0; Watford 3, Huddersfie­ld 0; Fulham 0, Bournemout­h 3; Liverpool 4, Cardiff 1; Brighton 1, Wolverhamp­ton 0.

* ITottenham Hotspur izodlala neManchest­er City namuhla ngoMsombul­uko ngo-22h00.

 ??  ??
 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? UBEBUKEKA ephelelwe ngamaqhing­a kanje umqeqeshi weKaizer Chiefs, uGiovanni Solinas, ezakhe ziguqiswa yi-Orlando Pirates ngo-2-1 kowe-Absa Premiershi­p ngoMgqibel­o eFNB Stadium.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X UBEBUKEKA ephelelwe ngamaqhing­a kanje umqeqeshi weKaizer Chiefs, uGiovanni Solinas, ezakhe ziguqiswa yi-Orlando Pirates ngo-2-1 kowe-Absa Premiershi­p ngoMgqibel­o eFNB Stadium.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa