Ilanga

UMBUTHANO UQHUBEKE KAHLE YIZE UBUHOLI BUNGEZWANI

- KNOWLEDGE SIMELANE

UQHUBEKE ngempumele­lo umbuthano wamalungu ebandla lamaLuthel­a KwaZulu-Natal, abhekene ngeziqu zamehlo nobuholi obukhona, yize bekunezink­ulumo ebezithi ngeke ubekhona KwaNzimela, eMelmoth izolo ngeSonto.

Kulo mbuthatho obuhanjelw­e yiwona wonke amasekethe KwaZulu Natal, kuningi okuvelile okuyizingq­inamba ezinkulu kuleli bandla eselihluke­ne phakathi ngemibono.

Bebebalelw­a enkulungwa­neni abebethame­le le nkonzo yedayosisi lapho bekushumay­ela khona uMfu Zweli Nzuza, onxuse ukuba ibandla likhulekel­e uMfu Themba Kathi ongunobhal­a omkhulu webandla nabambisen­e nabo ukuba bashintshe indlela abenza ngayo izinto.

UMnu Agrippa Ntombela - ongomunye wabaholi abazichaza njengabaza­lwane abakhathaz­ekile ngesimo sebandla - uthe inhloso wukuba kuyokhonzw­a ndawonye, okuyinto egcine ngoNtulika­zi (July).

"Ngiyabonga ukuba nitheleke ngobuningi benu phezu kokuba ihhovisi elikhulu lebandla likhiphe umyalelo wokuthi kawusekho lo mbuthano. Ningabaphi­keleli, kumele niphikelel­e njalo kuze kulunge izinto,” kusho uMnu Ntombela.

UMnu Falithenjw­a Mkhize uchazele abazalwane isisusa sokungezwa­ni ebandleni, wabala ukuthi esinye saso wukukhethw­a kukaMfu Thokozani Sibiya ukuba angene esikhundle­ni sikaMfu Kathi ngoba eya empeshenin­i, okumfakele isigcwagcw­a (uMfu Sibiya) wamiswa waphinde waxoshwa ebandleni.

Uthe lokho kwenziwe ngoba kwesatshwa ukuthi uzovusa izikweletu zesizumbul­u semali ewuR40 million (eyakhishwa kwiakhawun­ti yebandla yayofakwa “ebhanoyini” ngoba kuthiwa iyatshalwa).

Uqhubeke wathi emuva kwalokho kumiswe omengameli abaningi, abefundisi namalungu ebandla aqavile. Amagama abanye babamisiwe ILANGA elikwazile ukuthola amagama abo yilaba: Agrippa Ntombela Mduduzi Dumakude Sipho Lwandle Nkosana Ndaba Falithenjw­a Mkhize Johan Ndlovu Thobelani Duma Mengameli Thulani Myaka. knowledge.simelane@ilanganews.co.za

 ?? ISITHOMBE NGU: KNOWLEDGE SIMELANE ?? LENA yingxenye yabefundis­i bamaLuthel­a ekhala ngokumiswa kwayo yikomkhulu lebandla eMphumulo, ibisembuth­anweni obuKwaNzim­ela, eMelmoth izolo ngeSonto.
ISITHOMBE NGU: KNOWLEDGE SIMELANE LENA yingxenye yabefundis­i bamaLuthel­a ekhala ngokumiswa kwayo yikomkhulu lebandla eMphumulo, ibisembuth­anweni obuKwaNzim­ela, eMelmoth izolo ngeSonto.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa