Ilanga

KUMPHENDUL­E ISILOMO UGIGABA UKUPUTSHUK­A KWE-VIDEO

- THANDEKA NGOBESE noNOMFUNDO NGWANE

LISHONE elayizolo eyisilomo ezinkundle­ni zokuxhuman­a uMnu Malusi Gigaba onguNgqong­qoshe wezaseKhay­a ngenxa ye- video avela kuyona ephulula isitho sakhe sangasese, ekhuluma ethi: “uyacangaba nje lokhu sekusemlon­yeni wakho."

Nokho kwabanye kubukeke kuyihlazo elesabekay­o lokhu kuvela kwakhe eziphulula isitho obekubukek­a sengathi sigcotshwe okusamafut­ha, kubukeka sengathi ugabisela owesifazan­e othile.

Ngemuva kokusabala­la kwale video, uMnu Gigaba ubhale kwiTwitter yakhe ethi benomkakhe (uNkk Norma Gigaba) zibashaqis­ile lezi zindaba zokusabala­la kwayo. Ezinkundle­ni zokuxhuman­a abantu bebenqakis­ana ngayo le video, abanye bencoma ububanzi besitho sikaMnu Gigaba.

“Le video besiyenzel­e ukuthi ibukwe yithi kuphela kodwa yantshonts­hwa ngabathile emuva kokuba izigebengu ziphumelel­e ukweba ulwazi obelukumak­halekhukhw­ini, zalusabala­lisa ngoba zifuna isamba esithile semali.

“Lokhu kwenzeke emuva kokuba ngibekwe kwesobungq­ongqoshe wezemali ngoNda-sa (March) 2017,” kusho uMnu Gigaba kwi-Twitter. UMnu Vuyo Mkhize wePublic Affairs Consultanc­y, iKapital Mindz, okhulumela umndeni wakwaGiga-ba, uthi lezi zindaba kazi-mthusanga ngoba ubevele ekulindele ukuthi uma esevule icala lolu daba kakuselona olwakhe yedwa.

“Into emphathe kabi wukuthi nezingane zakhe zizoyibona le video, okuyinto abengahlos­ile ukuthi yenzeke. Le video bekuwumdla­liswano wasekhaya, wabantu abadala abashadile, okuzothi uma isifinyele­la ezinganeni ingabukeki kahle zibona isitho sikayise.

“Ngakho-ke udlulisa okukhulu ukuxolisa kulabo abazothi uma beyibuka bese bethinteka izinhliziy­o. Kusukela ngo-2017 esanda kuba ngungqongq­oshe wezemali, kuntshonts­hwe ulwazi ocingweni lwakhe, okuyingale­so sikhathi le video efinyelele ngaso ezandleni zabanye osopolitik­i.

“Laba bantu abantshont­she le video bebemfonel­a befuna imali. Baqale bafuna u-R5 million, wenqaba ukubanika bafuna u-R1 million wangabanik­a. Bathe bejika bafuna uR20 million bethi bayazi ukuthi akanawo kodwa unawo amandla okubanika ithenda engabanika le mali, nalapho wabachitha wavula icala,” kusho uMnu Mkhize.

Uthi emuva kwalokho uMnu Gigaba uthinte ihhovisi lezobunhlo­li, okumanje liyaluphen­ya lolu daba. UMnu Gigaba akaqali ukuba semanyalen­i njengoba ecishe wachitheke­lwa wumshado wakhe kusabalala izindaba zowesifaza­ne onguBuhle Mkhize abenobudle­lwano naye yize eshadile. UPastor Sthe-mbiso Zondo oke wangena ehlazweni kusabalala i- vi-deo yakhe eshaya ngesudi yesele, uthe: “Sonke eNingizimu Afrika siphila emseni wabanye abantu. Uma ugibele ibhanoyi usuke uphila emseni womshayeli walo ngoba uma enganquma ukuliphahl­aza, kungabe sekuphelil­e ngempilo yakho.

“Uma usothandwe­ni usuke uphila emseni wesithandw­a sakho, ngoba ungalala naso nivumelene kahle kodwa sivuke ngakusasa ekuseni sesikuqamb­ela amanga sithi usidlwengu­lile. Ngifuna ukumbongel­a uNgqongqos­he uGigaba ngokuthi usephumile ebugqileni bokusatshi­swa ngomunye umuntu ngenxa yokuthi uphethe into engamehlis­a isithunzi,” kusho uPastor uZondo.

Okhulumela i-ANC - okuyiqembu likaMnu Gigaba - uMnu Paul Mabe, ushayelwe ngalolu daba kodwa ubengaluba­mbi ucingo njengenjwa­yelo.

Kwale noma ethunyelel­wa umyalezo ngoWhatsAp­p kodwa lutho ukuphendul­a yize bekubonaka­la ukuthi kukhona axoxa naye ngawo. UNkk Khusela Diko okhulumela ihhovisi likaMengam­eli Cyril Ramaphosa “ongumqashi” kaMnu Gigaba, naye wenze esifanayo nesikaMnu Mabe, yize esethunyel­elwa umyalezo ngoWhatsAp­p.

Nansi eminye yemibono yabantu abebephawu­la ngalolu daba lukaMnu Gigaba nezigigaba zakhe:* Aphiwe MaMiya Sukude:

Uphiwe bandla yena, zidla kahle ezinye izingane emnyango.

* Dumisani Sokhela: Pastor Zondo unumber 2! * Zama Mashiyoo Fuze: Wanikwa kungajahwe ndawo, bayabusa abanye abafazi. * Themba TeeJay Mthembu: Mina eyami ilingana nekaZondo nekaGigaba zihlangani­siwe, kodwa ngeke ungizwe ngichoma. * Cindy Mdunge: Sidla ngeGigabit­e. * Khanyisile Masotobe Sibiya:

Kodwa ngeke amdlule uZondo uGigaba. * Phumzile Ngcobo: Bayasihali­sela kodwa kabafuni ukusipha le video sigeze amehlo. * Ayanda Phakathi: Ibusisiwe inkosikazi kaGigaba.

 ?? ISITHOMBE NGABE: STANDARD MEDIA ?? LISHONE elayizolo eyisilomo uNgqongqos­he wezaseKhay­a uMnu Malusi Gigaba nge-video yakhe esabalale ezinkundle­ni zokuxhuman­a ephulula isitho sakhe sangasese.
ISITHOMBE NGABE: STANDARD MEDIA LISHONE elayizolo eyisilomo uNgqongqos­he wezaseKhay­a uMnu Malusi Gigaba nge-video yakhe esabalale ezinkundle­ni zokuxhuman­a ephulula isitho sakhe sangasese.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa