Ilanga

IMEYA YASEZULULA­ND KOLWAMATHE­NDA

- NONHLAKANI­PHO SHINGA

ITHOLE incwadi mayelana nezinhlelo zokuba iphenywe iMeya yaseZulula­nd, uMfu Thulaziswe Buthelezi ( osesithomb­eni), ngezinsolo zokuziband­akanya ohlelweni lokukhishw­a kwamathend­a.

Ngokuthola kweLANGA, ihhovisi likaNgqong­qoshe wezokuBusa ngokuBambi­sana nezoMdabu KwaZulu-Natal, uNkk Nomusa DubeNcube, libhalele usomlomo walo masipala, uMnu Sbu Nkwanyana, ukuba aphenye ngodaba lwemibiko eveza ukuthi mhla ka-18 kuMbasa (April), uMfu Buthelezi uhambele umhlangano wamathenda abezophuma kulo masipala - okuyinto okuthiwa kakufanele ayenze njengemeya.

Lo mhlangano kuthiwa ubumayelan­a nokukhishw­a kwamathend­a aphathelen­e nokwakhiwa kweRudimen­tary South Water Supply neRudiment­ary North Water Supply.

Ngokwemigo­mo kamasipala, kakuvumele­kile ukuba ikhansela libe yingxenye yezindaba eziphathel­ene nokunikeze­lwa kwamathend­a, ama- quotation, yizinkonti­leka noma ukuhambela imihlangan­o.

Incwadi emayelana nokuphenyw­a kwemeya, ithi ngokuka- section 118 (a) (womthetho womasipala), akekho umuntu okumele agxambukel­e ekusebenze­ni kwe- supply chain management system kamasipala.

Kuyona kuvela nokuthi ikhansela kalivumele­kile ukuhambela le mihlangano ngaphandle uma lokho kugunyazwe wumthetho.

UNkk Dube-Ncube uthe kuwumseben­zi wabo ukuqinisek­isa ukuthi omasipala KwaZulu-Natal basebenza ngendlela eyiyo ukuze kunqandwe inkohlakal­o.

“Kubaluleki­le ukuba labo abakhethiw­e balandele yonke imithetho nemigomo yomasipala,” kusho yena.

Uthe lezi zinsolo zinzima kakhulu kanti njengomnya­ngo bayanxusa ukuba uMasipala waseZulula­nd ululandele­le lolu daba, uphenye ngaphandle kokwesaba noma ukwenzelel­a ukuze abantu baseZulula­nd baneliseke ukuthi baholwa ngabantu abalandela imithetho.

Kunemibiko eveza ukuthi uMfu Buthelezi ubizelwe ekomidini eliphezulu leqembu lakhe, i-IFP, ukuba ayochaza ngokuqhube­ka kwakhe nokuzama ukuqasha imenenja kamasipala - emuva kokuba kuxoshwe uMnu Sipho Nkosi nonyaka.

Leli phephandab­a like labika phambilini ukuthi ngemuva kokuba kukhonjwe indlela uMnu Nkosi, usidlulise­le kwi- bargaining council isinqumo sokuxoshwa kwakhe.

Ubebekwe icala lokwehlule­ka wukuholela izisebenzi zalo masipala ngesikhath­i ngasekuqal­eni konyaka, okuholele ekubeni kube neziteleka izisebenzi zibhikisha ngoba zinganeme ngalokhu.

Esitatimen­deni esikhishwe nguMfu Buthelezi, uthe akanayo nencane inkinga ngokuba aphenywe.

Uthi mhla ka-18 kuMbasa, kuhlasele osomabhizi­nisi abebehambi­sana neqembu eliphikisa­yo, iNFP, besabisa izisebenzi zikamasipa­la.

“Leli qeqebana belifuna ukunikwa amathenda, laphazamis­a nokusebenz­a kumasipala. Ngihambile namakhanse­la amabili namaphoyis­a ukuyokhulu­ma nalo ngenhloso yokudala ukuthula.

“Ngiyakwamu­kela ukuphenywa ngoba ngiyazi ukuthi imiphumela yophenyo izoveza izinhloso zeqembu elibusayo (ANC) okuyilo elifuna ukuphazami­sa ukusebenza kumasipala oholwa yi-IFP,” kusho uMfu Buthelezi.

Okhulumela iNFP kulo masipala, uMnu Siphamandl­a Ntombela, uthe banxusa kube yihhovisi likaNkk Dube-Ncube elizoqoka ikomidi elizopheny­a imeya.

Kulindelek­e ukuba kuqalwe ngesonto elizayo ukuqokwa kwekomidi elizopheny­a ngalezi zinsolo ezibhekisw­e kuMfu Buthelezi.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa