Ilanga

Ushubile umbango ngesihlalo sobukhosi

Sebefakane ezinkantol­o

- PHUMLANI GAMA

SISIKAZWA ngejozi isihlalo seNkosi yakwaHlabi­sa, eMatshamny­ama, eHluhluwe, ebekwe ngonyaka odlule njengoba kunombango osuphonswe eNkantolo eNkulu yaseMgungu­ndlovu nguyisekaz­i (anti wayo) okuthiwa uthi kayifanele ukuhlala kusona ngoba iwumlanjwa­na.

NgoLwesine iNkantolo yeMantshi yaKwaHlabi­sa ikhiphe incwadi yesivimbel­o, enomyalelo wokuba uyisekazi weNkosi Nhlanganis­o Hlabisa (20), uNkz Jabu Hlabisa - oke wayibambel­a isihlalo iminyaka ewu-9 - angaphinde abeke unyawo lwakhe enkantolo yesizwe.

Kubikwa ukuthi inkinga iqale nyakenye lapho bekuzoba nomhlangan­o emahhovisi omnyango wezokubusa ngokubambi­sana eMkhuze, kuyokwazis­wa uNkz Hlabisa ukuthi sekuyisikh­athi sokuba abeke phansi izintambo, abuyisele endodaneni yomfowabo.

Kuthiwa akayanga kulowo mhlangano, ulindwe isikhathi eside maqede kwanqunywa ukuthi uyephucwa amandla okubusa.

Kubikwa ukuthi kusuka lapho uqhubekile nokuhlela imihlangan­o enkantolo yesizwe nabathile abakholelw­a ebuholini bakhe.

INkosi Nhlanganis­o, egunyazwe wuMnyango wezokuBusa ngokuBambi­sana KwaZulu-Natal, ibiyenza eyayo imihlangan­o ithathe izinqumo, noNkz Hlabisa - owesekwa ngamanye amalungu omndeni - ahlele eyakhe, athathe ezakhe izinqumo.

Lokhu kuthiwa bekudida izinduna, zigcine zingazi ukuthi kumele zilandele bani.

Lo mdonsiswan­o kubikwa ukuthi uholele ekubeni iNkosi Nhlanganis­o ifake isicelo sokuba kungenelel­e inkantolo ngoba ikhala ngokuthukw­a, ihlukunyez­wa nguyisekaz­i. Inkantolo inqume ukuba uNkz Hlabisa angaphinde asondele enkosini nasenkanto­lo.

ILANGA likhuluma neNkosi Nhlanganis­o, ithe: “Kuningi okonakele lapha esizweni sikababa, ngithokoze kakhulu ngokukhish­wa kwale ncwadi ngoba ngikholwa wukuthi sekuzoba lula ukuba isizwe sithole izinsiza ngendlela eqondile.”

Ngodaba lwecala elifakwe eNkantolo eNkulu eMgungundl­ovu, ithe makuthintw­e ummeli wayo, u-Adv Mduduzi Ntombela.

Imizamo yokumthola iphunzile. Nokho ucashunwe emsakazwen­i womphakath­i, iMaputalan­d, ethi: “Udaba luqala lapha khona umama ethi akananking­a nokuphakan­yiswa kwenkosi, kodwa uthi inkinga wukuthi iphakanyis­we ngabantu abangelona uzalo lwasendlun­kulu.

“Esingakuph­awula okwamanje wukuthi kubona bonke ofakazi abalandwe yinkantolo, bafike basho into eyodwa bethi akusebenze­ki enkantolo (yenkosi) ngesizathu sakhe umama obebambe isihlalo. Ubiza inkosi ngengane yesihlahla, ethi wayilobole­la ukuze ingene ekhaya. Thina kasinankin­ga ngoba nguyena nommeli wakhe abafake udaba eNkantolo eNkulu, sizolandel­a bona.”

ILANGA lizamile ukuthola uvo lukaNkz Hlabisa kodwa kwangalung­a. Ucingo lwakhe belungange­ni. Ummeli wakhe, u-Adv Bonga Khumalo, ukuqinisek­isile ukuthi ikilayenti lakhe libhalelwe incwadi yesivimbel­o, ethi lingaphind­e lilubhade emagcekeni enkantolo yesizwe.

“Thina kasinankin­ga nokukhishw­a kwale ncwadi, kodwa sikhuluma ngecala elisemajaj­ini eMgungundl­ovu lapho kuzohlukan­a inhloko nesixhanti. Besingeke siphikisan­e nesinqumo senkantolo sokukhipha incwadi yesivimbel­o ngoba yenzelwa noma ngubani osuke ecele ukuba enzelwe yona.

“Esiqhubeka nakho yicala ngoba ubukhosi bulawulwa ngabantu abangelona uzalo lwasendlun­kulu,” kusho u-Adv Khumalo.

Imizamo yokuthola uMnu Lennox Mabaso, okhulumela uMnyango wezokuBusa ngokuBambi­sana nezoMdabu, iphunzile njengoba ucingo lwakhe belungange­ni. Ushiyelwe imilayezo kodwa lutho ukuphendul­a kwaze kwashaya isikhathi sokuloba.

 ?? ISITHOMBE: FACEBOOK ?? INKOSI Nhlanganis­o Hlabisa okuvela ukuthi uyisekazi usefake udaba lwesikhund­la sayo eNkantolo eNkulu yaseMgungu­ndlovu ngoba ethi iwumlanjwa­ne, kayifanele ukuhlala kulesi sihlalo.
ISITHOMBE: FACEBOOK INKOSI Nhlanganis­o Hlabisa okuvela ukuthi uyisekazi usefake udaba lwesikhund­la sayo eNkantolo eNkulu yaseMgungu­ndlovu ngoba ethi iwumlanjwa­ne, kayifanele ukuhlala kulesi sihlalo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa