KUBOSHWE ISALUKAZI OSIZWENI

Ilanga - - Izindaba - THANDEKA NGOBESE

SIKHALELWE ngamasongo kasiGonyela isalukazi (69) nomzukulu waso (25) ngecala lokubulawa kosomabhizinisi ababili bokufika kuleli, abebenesitolo oSizweni, eNewcastle, emuva kwalokho kwantshontshwa impahla yafihlwa emzini walesi saguga ngoLwesithathu olwedlule.

Ngokuthola kweLANGA ngomthombo walo ongashayi eceleni, umzukulu walesi saguga nomngani wakhe, osagcwele amathafa, bagqekeze kulesi sitolo basoconga abanikazi baso, okunguMnu Mosharaf Hosain (33) noMnu Limon Mi (25) baseSomalia.

Kuthiwa abasolwa bafike kulesi sitolo ngezithuba zo-02h00 ngoLwesithathu bagwaza babulala abafi abebengaphakathi, maqede bantshontsha inqwaba yamabhokisi kagwayi, i- airtime nemali bashaya bachitha.

“Kuthe amaphoyisa esazulazula endaweni, abona lesi sitolo sivulwe gengelezi, asondela afica laba besilisa ababili sebeshonile.

“Amaphoyisa alandele amachaphazelo egazi awaholele emzini walesi salukazi, afica kugcwele amabhokisi kagwayi namavawusha ama- airtime, okusolakala ukuthi kuntshontshwe kulesi sitolo.

“Kuthe uma ehloma isalukazi ngemibuzo, sakhomba umzukulu waso sathi nguyena ofike wabeka lezi zinto ekamelweni laso.

“Kuthe uma eya egunjini lomzukulu, afica ummese nezingubo okugcwele igazi. Isalukazi nomzukulu waso bakhalelwe ngamasonwgo kaSigonyela ngaleso sikhathi,” kusho umthombo.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbhele, uthi abasolwa bavelile eNkantolo yeMantshi yaseMadadeni ngecala lokubulala nelokugqekeza.

Uthi bazophinde bavele kusasa ngoLwesibili bayofaka isicelo sebheyili.

thandeka.ngobese@ilanganews. co.za

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.