Ilanga

Akasekho umculi kamasikand­i

Umndeni uthi ubusuzame konke ukumsiza

- MTHOBISI SITHOLE mthobisis@ilanganews.co.za

IGQEMEKE engeqiwa ntwala indima yomculo wesintu ngokudlula emhlabeni komculi kamasikand­i, uMzofanayo “Thwalinja” Nsele, wodumo lweqembu ebelishisa izikhotha eminyakeni edlule, Amashayina Amahle.

Le nsizwa edabuka kwaPharafi­na eMsinga, ishone izolo ngeSonto ekuseni esibhedlel­a iChurch of Scotland, kuyona le ndawo emuva kokuba kade ingeniswe kusona ngoLwesibi­li olwedlule.

Phambilini ILANGA libikile ngokugula kwaleli ciko, eliphathwe ngamehlo ngo-2012 kwathi ngo-2013 avele avaleka, okugcine ngokuba lingabe lisabona nhlobo.

Yonke le minyaka bekuzanywa ukuba lilashwe, kodwa kwanhlanga­zimuka nomoya.

Ngokuthola kweLANGA, uThwalinja ungeniswa esibhedlel­a nje, ubekhale ngokukhath­ala komzimba nokuphelel­wa ngamandla.

Phambilini amalungu omndeni wakhe, atshele leli phephandab­a ukuthi ukugula kwakhe kumayelana nomsamo wakubo, athi kuqale ngesikhath­i unina ethathe isinqumo sokusindis­wa washisa indlu yabadala wathatha izincekwa (isisu sembuzi) ezazilengi­swe emsamo, wazimukisa nomfula. Kuvele ukuthi kumele kulungiswe lokho, kuhlatshwe izilwane kodwa unina kaThwalinj­a washaya phansi ngonyawo, wathi akasahlang­ani nezinto ezimayelan­a namadlozi. Lo mculi uhanjiswe kodokotela abehlukene kodwa bonke bathi kababoni lutho olubi emehlweni akhe, ahlanzekil­e. UMnu Power Nsele, ongumfowab­o kaThwalinj­a, naye wayesho okufanayo, ethi umndeni usuzame kaningi ukuxoxa nonina. Ingoduso yalo mculi, uNkz Kwandisile Sokhela, ikuqinisek­isile ukushona kwakhe yathi bese kuzanywe konke, kodwa odokotela bethi amehlo akhe kawanaluth­o. “Ubesehlala endlini, ubusuku nemini kuyena bekuyinto efanayo, sekungumun­tu onakekelwa­yo,” kusho uNkz Sokhela. UThwalinja nguyena osungule iqembu Amashayina Amahle ngo-1995 ngokubambi­sana noShomani “Ngedlane” Mkhize noMbuyiswa “Sdudlumese­disi” Dladla bonke okungabase­Msinga. Bonke kabasekho emhlabeni. Leli qembu belihlonis­hwa kakhulu kumasikand­i ngenxa yobugagu obumangali­sayo bukaThwali­nja. Belidume ngezingoma okubalwa kuzona ethi iVenture‚ Ngeke Ngikhohlwe‚ Soweto‚ Inyokana Eluhlazana, Wathwala Ngomtanakh­e‚ Hamba Ushone nethi EZola. Kuthe ngokuhamba kwesikhath­i uThwalinja wasungula amanye amaqembu okubalwa kuwona Abomthetho, Amantaliya­ne neIkusasa Lethu. Ushiye izingane zakhe ezine abafana ababili namantomba­zane amabili.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa