Akasekho umculi kamasikandi
Umndeni uthi ubusuzame konke ukumsiza
IGQEMEKE engeqiwa ntwala indima yomculo wesintu ngokudlula emhlabeni komculi kamasikandi, uMzofanayo “Thwalinja” Nsele, wodumo lweqembu ebelishisa izikhotha eminyakeni edlule, Amashayina Amahle.
Le nsizwa edabuka kwaPharafina eMsinga, ishone izolo ngeSonto ekuseni esibhedlela iChurch of Scotland, kuyona le ndawo emuva kokuba kade ingeniswe kusona ngoLwesibili olwedlule.
Phambilini ILANGA libikile ngokugula kwaleli ciko, eliphathwe ngamehlo ngo-2012 kwathi ngo-2013 avele avaleka, okugcine ngokuba lingabe lisabona nhlobo.
Yonke le minyaka bekuzanywa ukuba lilashwe, kodwa kwanhlangazimuka nomoya.
Ngokuthola kweLANGA, uThwalinja ungeniswa esibhedlela nje, ubekhale ngokukhathala komzimba nokuphelelwa ngamandla.
Phambilini amalungu omndeni wakhe, atshele leli phephandaba ukuthi ukugula kwakhe kumayelana nomsamo wakubo, athi kuqale ngesikhathi unina ethathe isinqumo sokusindiswa washisa indlu yabadala wathatha izincekwa (isisu sembuzi) ezazilengiswe emsamo, wazimukisa nomfula. Kuvele ukuthi kumele kulungiswe lokho, kuhlatshwe izilwane kodwa unina kaThwalinja washaya phansi ngonyawo, wathi akasahlangani nezinto ezimayelana namadlozi. Lo mculi uhanjiswe kodokotela abehlukene kodwa bonke bathi kababoni lutho olubi emehlweni akhe, ahlanzekile. UMnu Power Nsele, ongumfowabo kaThwalinja, naye wayesho okufanayo, ethi umndeni usuzame kaningi ukuxoxa nonina. Ingoduso yalo mculi, uNkz Kwandisile Sokhela, ikuqinisekisile ukushona kwakhe yathi bese kuzanywe konke, kodwa odokotela bethi amehlo akhe kawanalutho. “Ubesehlala endlini, ubusuku nemini kuyena bekuyinto efanayo, sekungumuntu onakekelwayo,” kusho uNkz Sokhela. UThwalinja nguyena osungule iqembu Amashayina Amahle ngo-1995 ngokubambisana noShomani “Ngedlane” Mkhize noMbuyiswa “Sdudlumesedisi” Dladla bonke okungabaseMsinga. Bonke kabasekho emhlabeni. Leli qembu belihlonishwa kakhulu kumasikandi ngenxa yobugagu obumangalisayo bukaThwalinja. Belidume ngezingoma okubalwa kuzona ethi iVenture‚ Ngeke Ngikhohlwe‚ Soweto‚ Inyokana Eluhlazana, Wathwala Ngomtanakhe‚ Hamba Ushone nethi EZola. Kuthe ngokuhamba kwesikhathi uThwalinja wasungula amanye amaqembu okubalwa kuwona Abomthetho, Amantaliyane neIkusasa Lethu. Ushiye izingane zakhe ezine abafana ababili namantombazane amabili.