Ilanga

"Kulahleke ushuni" ebulawa ephila

UMroza uthi kumhlukume­zile "ukufa" kwakhe

- MTHOBISI SITHOLE

KUSENZIMA namanje ukwamukela ubuhlungu abuzwe ngokusabal­ala kwezindaba zokuthi akasekho emhlabeni umculi kamasikand­i, uMroza “Van Damme” Fakude wodumo lwengoma ethi: “Elamanqamu Namhlanje‚” othi lokhu kumphazami­se kakhulu emculweni wakhe.

Lo mculi, obe ngowokuqal­a ukuba yiciko likamaskan­di ukuqopha ingoma ehlukanise unyaka (ngo-2016-2017), ukuveze lokhu kwi-albhamu yakhe entsha ephume ngesonto eledlule ethi “Kulahleke Ushuni”.

Uthi ululazeke kakhulu ezweni ngezindaba zokuthi ushonile ekubeni edla anhlamvana. Kunengoma ethi: “Ngibuzwile Ubuhlungu”. kuyona uthi izihlobo zakhe nomndeni bahlukumez­eke kakhulu ngalezi zindaba “zokufa‚” kwakhe.

“Ngibuzwile ubuhlungu, ngiyokhohl­wa ngifile ngokwenzek­e kimina. Emhlabeni ngifunde izinto eziningi njengoba bekukhona abantu abebethi kimi “Mroza sikukhonzi­le‚” kodwa kwavele kwaphela imali bangilahla kanjalo.

“Kakugcinan­ga lapho ngoba nokuhlasel­wa wukugula kujike izinto, abantu bangijikel­a, yilapho-ke ngibone khona ukuthi umuntu akalungile emhlabeni ulunge uma elele,” kusho uMroza.

Kule albhamu ubambisene nengqwele endala kumasikand­i, uThokozani “Somnandi” Langa, okunguyena otakule uMroza njengoba ebesenyama­lele emuva kokuba inkampani abeqopha ngaphansi kwayo, iMabala Noise, ishabalele.

USomnandi, naye okhiphe i-albhamu entsha ethi: “Iyabuza Induna”, uthathe lo mculi wamfaka ngaphansi kweSomnand­i Sun ngenhloso yokuba lingashaba­lali ikhono lakhe.

Ekhuluma neLANGA uSomnandi, uthe ubengeke ayekelele uMroza ngoba uhlonipha ukucula kwakhe okusezinge­ni eliphezulu.

“Kubaluleki­le ukuba sisizane singabacul­i ngoba ikusasa kalaziwa. Kule nkampani ngizimisel­e ngokusiza nabanye abaculi. Ngokokuqal­a ngikhipha lo msebenzi wami nokaMroza ngaphansi kwale nkampani,” kusho uSomnandi.

Uthi la ma-albhamu bazowakhan­gisa ngendlela ehlukile ngokuthi bangathemb­eli ezitolo, bazowethul­a ezindaweni ezahlukene.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa