Ilanga

Bafuna kudedelwe 'ababulale' iphara

Kuboshwe abawu-8 abebetitin­ya owesilisa obebahlali­se lubhojozi endaweni

- SKHOSIPHI MTHEMBU

SISHUBILE isimo e-Oakford, ngaseVerul­am, emuva kokuboshwa kwamalungu omphakathi ngoMsombul­uko odlule ngecala lokubulala owesilisa osolwa ngokuhlali­sa lubhojozi abantu endaweni.

Amalungu omphakathi afuna kudedelwe abasolwa ngoba ethi sekukaning­i ebika emaphoyise­ni mayelana nokuhlushw­a ngumufi nabangani bakhe, angasizwa ngalutho.

Kuthiwa uMnu Smanga Mngomezulu (23) nabangani bakhe ababili, bashaywe wumphakath­i ngoLwesine olwedlule, isidumbu sakhe satholwa ngelanga elilandela­yo. Abangani bakhe bona basindile njengoba kuyimanje besemakubo.

Kuthiwa emuva kwalokho, abakwasidl­odlo bashaqe amalungu omphakathi okuthiwa abekhona ngesikhath­i kushaywa umufi nabangani bakhe. Lokhu kucasule umphakathi, wakhala ngokuthi umufi nabangani bakhe bebengabos­hwa yize bekunamaca­la abavulelwe wona.

Kubantu ababoshiwe kubalwa uMnu Xolani Ndlovu, uMnu Sihle Ngcobo, uMnu Skhumbuzo Ngcobo, uMnu Nhlanhla Zondo, uMnu Brian Khumalo, uMnu Langelihle Jama, uMnu Thabo Ntshantshu noMnu Zakhele Phewa okuvele ukuthi uboshwa nje, kunecala abelivulel­e umufi emuva kokuba yena nabangani bakhe bemgwaze amanxeba awu-14 bamshiya bethi ufile.

Kubikwa ukuthi umufi nabahlobo bakhe batitinywa nje, indaba isuswe wukulahlek­a kwebhethri yemoto, okuthe uma kulandelwa umkhondo, kwavela ukuthi yebiwe yibona. Kuthiwa umphakathi ubalandile, bavuma ukuthi yibona abayebile, bakhomba nalapho abayidayis­e khona.

Kutholakal­e nezinye izimpahla okuhlangan­isa nomakhalek­hukhwini abebiwe, abese bedayisiwe. Umphakathi ubatalabhi­le, ngakusasa uMnu Mngomezulu watholakal­a esebanda. UNkz Thembisile Ndlovu, ongunina kaMnu Ndlovu, uthe ukhathazek­ile ngokuboshw­a kwendodana yakhe ekubeni umphakathi ubusukhath­ele ngumufi nabangani bakhe. Uthe abantu bebengasak­wazi nokuthuma izingane esitolo ngenxa kamufi nabangani bakhe.

"Amaphoyisa kade ayetshelwa ngalezi zingane ukuthi zisihlalis­e lubhojozi kodwa ezithele ngabandayo. Kuthe uma umphakathi usuzibambe­la zona, sekuboshwa indodana yami. Indlela isimo ebesisibi ngayo, ngisho ingane ubungeke usayithuma ebusuku ngoba zibanjwa inkunzi, kuphucwe abantu imali maqede bagwazwe,” kusho yena.

Elinye ilungu lomphakath­i, elicele ukungadalu­lwa ngenxa yokwesaba ukwenzakal­iswa - lithe kunenqwaba yemizi eshiswe ngumufi nabangani bakhe endaweni. Lithi bebengenel­a abantu ezindlini obekuthi uma bengayitho­li imali, bathungele imizi ngomlilo.

"Bese kufike lapho umphakathi ukhathele khona yile nto yalaba bafana. Ngelanga abashaywe ngalo, bazikhiphi­le ezinye izinto abazintsho­ntshayo. Ngikhuluma nje, ziningi izingane zabantu ezinukubez­we ngumufi.

"Bekuthi uma amaphoyisa etshelwa, aphendule ngokuthi mawashayel­we ucingo uma abasolwa bebonakala. Sifuna laba ababoshiwe bakhishwe ngoba kabenzanga lutho. Kungani kungaboshw­anga umphakathi wonke ngoba ubusukhath­ele wukuhlukun­yezwa ngumufi?" kubuza ilungu.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Thembeka Mbhele, ukuqinisek­isile ukuboshwa kwabasolwa abawu-8 ngecala lokubulala. Uthe bavelile eNkantolo yeMantshi yaseVerula­m ngoLwesibi­li olwedlule, bazophinde bavele ngoLwesith­athu.

 ?? ISITHOMBE NGU: SABELO MASUKU ?? UBEKHULUMA aze akhale izinyembez­i uNkz Thembisile Ndlovu uma echaza ngokuboshw­a kwendodana yakhe, emuva kokuba umphakathi ushaye abasolwa ngokubahla­lisa lubhojozi endaweni.
ISITHOMBE NGU: SABELO MASUKU UBEKHULUMA aze akhale izinyembez­i uNkz Thembisile Ndlovu uma echaza ngokuboshw­a kwendodana yakhe, emuva kokuba umphakathi ushaye abasolwa ngokubahla­lisa lubhojozi endaweni.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa