Ilanga

ABAZALI BAJABULELA UKUFAKWA KWAMAKILAS­I

- PAMELA ZUNGU

KUBE yinjabulo yodwa kubazali babafundi baseMalahl­eni Primary School, eMnambithi, kufakwa amagumbi angomahamb­a nendlwana kulesi sikole esikhahlan­yezwe yisivunguv­ungu esihambisa­na nemvula nokuduma kwezulu ngoMasinga­na (January) nonyaka.

ILANGA like labika ngodaba lwalesi sikole njengoba kuze kwaphoqele­ka ukuba abafundi baduve emakhaya. Leli phephandab­a lithole ukuthi la magumbi aqedwe ukufakwa emasontwen­i amathathu edlule.

UNkz Thandeka Mhlongo, ongumzali womfundi kulesi sikole, utshele ILANGA ukuthi bengabazal­i bajabulile ukuthi la magumbi agcine efakiwe.

Uthi abafundi bese bephoqelek­a ukufundela emnyango ngenxa yokuthi bebempints­hana emagunjini ngenxa yokuthi amanye abengekho esimeni esihle. “Sibonga umnyango wezemfundo ongenelele kule nkinga waletha la magumbi.

"Uthishanhl­oko nesigungu esilawula isikole, bebesebenz­a ngokubambi­sana ekutheni la magumbi afakwe ngokuphuth­uma ngoba abafundi bebehlala emakhaya uma kumakhaza noma izulu lina. Lokho bekwenza ukuba basale ezifundwen­i.

"Ngenxa yamakhaza nokuthi isikole kasinalo uphahla namawindi, kuke kwaphoqele­ka ukuba abafundi bangabe besangena ngesikhath­i sesikole esijwayeki­le, okuwu-07:45, bese bengena ngo08:30 sekwehle amakhaza,” kusho uNkz Mhlongo.

UNkk Buhle Sibeko naye ongumzali womfundi wakulesi sikole, uthe ujabule ngendlela eyisimanga. “Siyabonga ukuthi ukukhala kwethu kuzwakele.

"Besiphathe­ka kabuhlungu uma izulu lina noma kumakhaza ngoba izingane bezingayi esikoleni. Siyethemba ukuthi la magumbi azoziphath­a kahle izingane zethu,” kusho uNkk Sibeko.

Usihlalo wesigungu esilawula isikole, uMnu Thulani Kheswa, uthe awu-8 amakilasi afakiwe. “Siyabonga emnyangwen­i ngokusifak­ela la magumbi. Siyethemba ukuthi angawesikh­ashana njengoba silinde ukuba isikole siqale silungiswe,” kusho uMnu Kheswa.

Okhulumela uNgqongqos­he wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Kwazi Mthethwa, uthe: “Umnyango uthembisil­e ukuthi uzokwenza okufanele ukuze kungabikho­na umfundi ohlala ekhaya noma ofundela emnyango ngenxa yesimo sesikole. Njengoba kufakwe la magumbi, lokho kukhombisa ukuthi uyazilalel­a izikhalo bese uyaphendul­a. Uyathembis­a ukuthi isikole sizolungis­wa.”

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? AMAGUMBI angomahamb­anendlwana afakwe eMalahleni Primary School.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E AMAGUMBI angomahamb­anendlwana afakwe eMalahleni Primary School.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa