Ilanga

Ufuna amakhosi angene ephalamend­e

- THANDEKA NGOBESE noNONHLAKA­NIPHO SHINGA

UTHI ufuna amakhosi abe namandla ukudlula amakhansel­a usomabhizi­nisi ozakhele udumo ngokuthi uyiSilo sakwaMthim­khulu, uMnu Bryce Mthimkhulu III, omatasatas­a neqembu lezepoliti­ki elisungulw­e kulo nyaka, i-African Renaissanc­e Unity (ARU).

UMthimkhul­u ungumengam­eli waleli qembu athi ufuna lilekelele ekutheni amakhosi abe nezwi ephalamend­e futhi leseke kakhulu nabaholi bezenkolo.

Ekhuluma naleli phaphandab­a emuva kokwethulw­a kwe-ARU ngokusemth­ethweni KwaZulu-Natal, esigcawini sabezindab­a ebesikweli­nye ihhotela eligudle ulwandle, eThekwini, uthe kubaluleki­le ukuba ubuholi bendabuko buthathe indawo yabo kuhulumeni njengoba bubonakala bushaywa indiva.

Uthi amakhosi yiwona okufanele anikezwe ithuba lokuphatha ukwedlula amakhansel­a ngoba yiwona azi kangcono ngezidingo zabantu.

“Uma sithatha amakhosi siwafaka ephalamend­e sikholwa wukuthi angawusebe­nzela kangcono umphakathi futhi angabantu abathembek­ile, abangahamb­isani nenkohlaka­lo. Sonke siyazi ukuthi kulo hulumeni okhona ibhidlange kangakanan­i inkohlakal­o, wukwenzele­la, wukuqashwa kwezihlobo zabathile nokunye okuningi okungalung­ile.

“Siyakholel­wa ekutheni le nhlangano izobuyisa isithunzi sikahulume­ni futhi sinxusa abantu ukuba baphume ngobuningi babo bayovota ngonyaka ozayo,” kusho uMthimkhul­u.

Kusona lesi sigcawu kwethulwe ngokusemth­ethweni isigungu esiphezulu se-ARU okukhona kusona uMnu Paul Noah, uNkk Nelisa Mthembu, uMnu Bob Jansen noMnu Trollip Prince.

UMthimkhul­u uthi leli qembu kakulona elabantu abathile kepha limele zonke izinhlanga yize noma inhloso yalo enkulu kuwukubuyi­sela amandla ebuholini bendabuko nabezenkol­o.

“Nathi njengeqemb­u siyakholel­wa kakhulu kuNkulunku­lu futhi uma sesivoteli­we sifuna ukulwa kakhulu nobubha, ukubhozony­elwa kombuso, yisibalo esiphezulu sabantu abasha abangasebe­nzi nokunye okuningi imiphakath­i yethu ebhekene nakho,” kuqhuba yena.

Uthi njengoba beyiqembu elisafufus­a nje, bazokwenza isiqinisek­o sokuthi umkhankaso wabo uyaqina kwazise lukhona uxhaso lwemali abaluthole emazweni angaphandl­e.

Uveze ukuthi njengoba engusomabh­izinisi nje, usefake u-R1.6 million kuleli qembu ukuze kuthi kufika isikhathi sokhetho libe selifinyel­ele kubo bonke abantu.

“Sesifikile isikhathi sokuba abantu babuyelwe yithemba kuhulumeni ngoba sebekhohli­swe isikhathi eside, bethenjisw­a izinto ezingekho,” kusho uMnu Mthimkhulu.

Ukhuluma eyokunikwa kwamakhosi amandla ephalamend­e nje, cishe wonke amaqembu anamakhosi kule ndlu yombuso. Kula makhosi singabala iNkosi Mandla Mandela (ANC), iNkosi Patekile Holomisa (ANC), iNkosi Mangosuthu Buthelezi (IFP) neNkosi Russel Cebekhulu (IFP).

Phambilini isiShayamt­hetho saKwaZulu-Natal sike saba neNkosi Khayelihle Mathaba (engasekho), iNkosi Nyanga Ngubane (engasekho) neNkosi Bonga Mdletshe ukubala ambalwa.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa